Now Reading
Akubhekwe nxa zonke ngenkinga yeBafana kunganyanyalatwa
Dark Light

Akubhekwe nxa zonke ngenkinga yeBafana kunganyanyalatwa

Ingabe kuyoze kube nini iBafana Bafana, isiphendula inhlekisa kwamanye amazwe. Ngeledlule idlale owobungani neSwatini, zabambana ngeqanda. Lokhu kungishiye nombuzo wokuthi bekuyini inhloso yokuthi sidlale neSwatini. Sibheke kwi-African Cup of Nations (Afcon), uma sisadlala umdlalo wobungani neSwatini angiboni senza kahle nokufika kweyomkhumulajezi kobe kuyinhlanhla. 

Ngokwami ngazi ukuthi uma uzilungiselele umqhudelwano omkhulu, uke udlale namaqembu azokunikeza ubunzima bese uyakwazi ukuthi usheshe ulungise kusanesikhathi. ISwatini izwe elincane kabi ukuthi iBafana Bafana ingaze idlale nayo, angisayiphathike eyemiphumela. 

Isifundazwe iKwaZulu-Natal ungasho ukuthi silingana nayo iSwatini, okusho ukuthi neKwaZulu-Natal ingazakhela iqembu ibhekane nayo iBafana Bafana. Kusamele iBafana Bafana idlale imidlalo yokuhlungela ukungena kweyoMhlaba, uma ngempela kunjena angiboni siya khona. 

Nginenkolelo yokuthi uma inhlangano ingenzi kahle kumele kube khona abasuswayo. Kuningi okungalungile lapha kwinhlangano ephethe ibhola kuleli iSouth African Football Association (Safa), kusukela kuMengameli kuze kuya phansi. Isikhathi manje sokuthi kungene imiqondo emisha kule nhlangano, nakhona ayi noma ubani kodwa kube abantu abawuqondayo unobhutshuzwayo. 

Buka nje iNingizimu Afrika ihambela phezulu ngokwenza kahle kwamaProteas akwiNdebe YoMhlaba kanye naMabhokobhoko nawo asekowandulela awamanqamu eNdebe yoMhlaba eFrance. 

Ezinyangeni ezedlule iBanyana Banyana yaphuma kumaQuarter-Final kweyoMhlaba, uma amandla eSafa esaphethwe uhlobo labantu abakhona njengamanje kusekude kwenzeke lokho kwiBafana Bafana. 

See Also

Abadlali bakhona abangenza kangcono siyeke ukuba lihlazo, ukulanda uPitso “Jingles” Mosimane ezoqeqesha bese kulandwa abantu abazi ibhola.

Koze kube ini iBafana Bafana isibeka ehlazweni ngempela. Sekwanele manje akube khona uguquko. 

Scroll To Top