Imeya yehlise amaphaphu izakhamizi ngenkundla elungiswayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umoya phansi kubantu baseRichards Bay namaphethelo ngenkundla uMhlathuze Sport Complex, okuvela ukuthi sekusele isikhathi esincane ngaphambi kokuthi iphothulwe.
IMeya kaMasipala uMhlathuze uMnu uXolani Ngwezi (osesithombeni) utshele abezindaba ukuthi akusasele isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi iphothulwe inkundla okunesikhathi ilungiswa.
LoMasipala ubunohlelo lwezinsuku ezintathu ukuhambela izindawo ezahlukene zokungcebeleka, njengoba kuyinyanga yokubungaza nokuqhakambisa ezokuvakasha eNingizimu Africa.
“Inkulu kakhulu inkece esetshenzisiwe ukulungiswa le nkundla, ngalokho akumele kutatazelwe ngenxa yokuthi abantu sebefuna iphelile. Esontweni lokuqala kuZibandlela nonyaka izobe isikulungele ukuthi ingasebenza. Ingxenye elinganiselwa kumaphesenti angama-80 isiphelile kuningi osekwenziwe” kusho uNgwezi. Ukulungiswa kwalenkundla kuzodla imali elinganiselwa kwizinkulungwane ezingama-R200.
Kuzokhumbuleka ukuthi iRichards Bay FC inqoba iligi yeMotsepe Foundation Championship, idlale kanye eMhlathuze Sport Complex kwase kwaba ukuthi ikomiti lePremier Soccer League (PSL) liyayimisa le nkundla ukuthi isingathe imidlalo ngoba ingekho sesimeni. Okwabalwa iPSL njengezinye zezizathu ezenza kumiswe imidlalo kule nkundla kwaba ukugxagxaza kwamanzi emagunjini okushintshela abadlali nezintambo zikagesi ezabe zintanta emanzini.
“Kuningi okulungisiwe kule nkundla, yonke into efakiwe yintsha konke okudala kukhishiwe. Ushintsho oluzothokozelwa abantu abaningi ukwandiswa komthamo wabantu kulenkundla usuka enanini labantu abayizinkulungwa ezine, kuya kwizinkulungwane eziyisishiyagalombili nangaphezulu. Kuzophinde kube nendawo yezicukuthwane esezingeni bese kwakhiwa nompheme” kubeka uCllr Ngwezi.
Le nkundla izosetshenziswa amaqembu angaphansi kwaMasipala uMhlathuze agijima kumaligi aphezulu, okukhona iRichards Bay FC ekuDStv Premiership neMilford FC ekuMotsepe Foundation Championship.
Okuyimanje la maqembu asebenzisa izinkundla eziseThekwini, iKing Zwelithini Stadium nePrincess Magogo Stadium.
“Ukusebenza kwale nkundla kuzowufukula kakhulu umnotho wendawo, ngoba abalandeli bamaqembu bazogcwala lapha besebenzise izindawo zethu. Le nkundla izoba nezindawo ezingama-20 zokudayisa ngaphakathi, lokho okuchaza ukuthi iningi imali ezoshiwa izivakashi uma kukhona umdlalo okhona” kubeka uCllr Ngwezi.
UNgwezi uphinde wabalula ukuthi ezokuvakasha zibamba iqhaza elikhulu ekukhuliseni umnotho wendawo. Uphinde wabalula ukuthi loMasipala kungekudala uzobe usufana neTheku ngokusingatha izinto zeqophelo nokwenza kahle kwezokuvakasha. “Kuzokwakhiwa inxanxathela yezitolo, izikole ezine nezinto eziningi ezizothokozelwa abantu abaningi abazovakashela indawo yethu. Ngalokho sifuna ukuvula amathuba omsebenzi, kubantu bakithi” kusonga uCllr Ngwezi.