Now Reading
Into angayemukeli wayengayemukeli
Dark Light

Into angayemukeli wayengayemukeli

Iqhawe lakwaZulu lithunukwa ngezibongo zalo. Zisukela ebuqhaweni zize ziyilande indaba yakhe ngisho esesithele kulo mhlaba. Kasiqale ngezibongo zakhe, sicaphune lapha nalaphaya, ngoba ziningi izimbongi empilweni yakhe ezigadle zaphindelela zimthaphiza.

“Shenge! Sokwalisa!

Nongawana khahlel’ ibhakede

Ukhal’ uBhishobhi Tutu

Baxega okhololo koFrank Chikane

Bahlehlela nyomva bathi bayobuya ngakusasa

Bazozwisisa abangakuzwanga kahle ngayizolo oNdini.

Bacabanga ukulihambahamba leli lakwaZulu bayohlola izikhungo

Ezabo zingahlolwa muntu eLusaka

Asebazana bazana ngezikweletu

Inkosana yenkosazana kaMamonga woSuthu

Imbabala kaMathubel egweb’ igijima

Ohlasela ngedloz’ elihlatshelwayo elingagol’ intethe

Imbabazane kamahaqa ehaqa amadoda nasemasendeni

Usungulo oluzibunubu

Bathi bayaluvimba ngapha luphume ngapha

Mgwami lo ongavuthwa

Obubaselwe ngezikhuni ezinkulu

ZakoCosatu ne-UDF

Wena onamakhoni ezandleni

Ngokubhala ngepeni

Abanye benamakhoni ezinyaweni

Ngokushiswa yizicathulo.

Zicashunwe ebhukwini elithi: Umsuka wemvelaphi yomuntu omnyama nguMjabuliseni Isaac Madondo (Ijaji). Boni books (2020)

Ake sichaze kancane ukuthi engaze nje uMntwana wakwaPhindangene abhekane ngqo batshelane ezikabhoqo noJimmy Kruger owayenguNgqongqoshe  Wezobulungiswa, Wamaphoyisa Namajele, isimo sezwe sasinjani. Ngowe-1976 iTranskei yayisimukele uZimele Geqe. IBophuthatswana yalandela emva konyaka.  Ezinyangeni ezine ngaphambi kokuba iTranskei izimele, kwachitheka igazi eNingizimu Afrika lapha kuqubuka udlame eSoweto ngowe-1976. Izingane zesikole zabeka isizathu sokuphoqwa ukufunda ngesiBhunu njengembangela. UMntwana uMangosuthu wayexwayisile ngokuthi uma umthetho wobandlululo ungaqedwa, igazi lalinuka emakhaleni. Nempela kwenzeka lokho. Kwashona cishe 600, iningi kuyizingane zesikole. UMntwana wakwaPhindangene  wayetshele uhulumeni ezinyangeni ezine ngaphambi kokuba kwenzeke leso sibhicongo, ukuthi kwakuzochitheka igazi uma uhulumeni engaguquli indaba yokushiqela isibhunu ezikoleni.

Uhulumeni watatazela wahlanganisa masinyane ikomiti lekhabhinethi ehlela ukuba kube nomthethosisekelo onxantathu: abeLungu, amaKhaladi namaNdiya. Abantu bashiywa ngaphandle kulolo hlelo.

Uhulumeni waseMelika wavala ukuba athengiselane izikhali neNingizimu Afrika. Ngenxa yomzabalazo wezingane eSowethu i-United Party yazihlakaza. Kwathi lapho uMntwana uMangosuthu Buthelezi ehlangana noVorster okokuqala, wabeka ngokungananazi ukuthi kwakufanele kukhululwe uMnu uNelson Mandela.  UJimmy Kruger  nguye lo owathi ukufa kukaSteve Biko kwakwenza igazi lakhe lihlale nje lizibandela.

 Ngaleso sikhathi Inkatha yayikhula ibhalisa indathane yamalungu.  UJimmy Kruger wathi lokhu kukhula kweNkatha kwakuthambekela ukuba kungenwe emathunjini yi-African National Congress. Wathi Inkatha kwakuyinhlangano yenkululeko yesizwe kwakungafanele izifake kwezombusazwe.

Yilesi simo-ke esasibe ngumbhulambethe ngesikhathi uMntwana uMangosuthu, noMnu uCJ Mtetwa kanye noMnu uGibson Thula beyobona uMnu uJimmy Kruger. UMnu uKruger yena wayephelekezelwa nguGeneral uKurt Prinsloo. Lapho kwabhekana izinkunzi ezimbili. Inhloso yalowo mhlangano kwakuthiwe ngowezokuphepha. Kodwa wagcina sekunguqhude manikiniki phakathi koMntwana uMangosuthu owayekholelwa ekubeni semqoka komuntu Onsundu owayencoma ukuba uhlelo lokuphatha iNingizimu Afrika kube ngoluxuba izizwe zonke ngokulinganayo. UJimmy Kruger nohulumeni wakhe babekholelwa ekutheni kufanele izwe lidatshulwe izicagogo lolo luhlanga ngokwesizwe luziphathe lona kuleso siqeshana sezwe. Okumangalisayo engxoxweni ukubona umlungu efunza umuntu ukuba azithande, azise amasiko akhe, akhiyeleke lapho ekhona, angakufisi ukuba ngomunye wabanesabelo ekubuseni iNingizimu Afrika yonke. Zathathana kanjena-ke:

Inkosi uMntwana uMangosuthu Buthelezi, njengokwenjwayezi yakhe,  waqala ngokwethula inhloso yokuhlangana nokwakusemqoka kuye ukuba kuxoxwe ngakho. Sikufinyeza kanje:

Wathi  iNingizimu Afrika yayenza izizwe ezikuyo zibhekane ngeziqu zamehlo. Wathi lokhu kungabanga ukuba kube khona impi engalwa ngobuzwe.

“Uma sikwesaba ukuba sikhulumisane, sizogcina sibulalana.” Wathi kalikho iqiniso ekutheni uma abantu bezibusa ngobucagogo banganeliseka kakhulu. Wathi yena akakholwa nje ukuthi kukhona umehluko osemqoka phakathi kwakhe nezinye izizwe futhi lokho kwakushayisana nemfundiso yobuKhristu, yona ethi simunye kuKhristu.

Kukhona imiqondongathekiso esemqoka nesezibilini zami ngaphezu kwempilo uqobo. Ngingasho futhi ukuthi le miqondongathekiso ibaluleke kakhulu kimi ngaphezu kwengingakuzuza kwezombusazwe. Lo mqondongathekiso ngihlala ngicobelelana ngayo nalabo abacabanga ngokufanayo nami.  Futhi le miqondongathekiso ifana naleyo eseyashiwo uhide lwalabo abangendulela. Ngicabanga ukuthi le miqondongathekiso seyaphothaniswa kakhulu nalokho okungokomuzwa nokwezenzo zezinhlangano ezisemqoka kuleli laseNingizimu Afrika. Ngisho i-ANC nePAC. Uma ngesekela le miqondongathekiso lokho kangikwenzeli nje ukuqhuba izinjongo zezinhlangano esezavalwa kodwa ngifisa ukuphemba inkundla okuyiyo kuphela engasiza ukuba abaMhlophe nabaNsundu bangaphilisana ngokuthula kuyo.

Le nkulumo ikhombisa izinga eliphezulu nelibalulekile uMntwana afinyelela kulo ukuthi uma ukwenza kwakungaguquki, izwe lalizoya liye lilahla ithemba. Yayikhombisa ngempela ukuthi wayengeze esatshiswa nguhulumeni owawusha amashushu ngobandlululo. UMntwana wacaphuna ezinkulumweni ezazikhulunywe ngoMnu uNelson Mandela noMnu uRobert Sobukwe, kwakulalela izihlwele.  Lokhu kwenza ukuba abantu baqhubeke bazi okuthile ngabaholi ababevaliwe base beya ekudingisweni, bagcina beboshiwe, abantu abaningi bacishe bakhohlwa, noma bakhohlwa nje isiqothu, yikho konke abake bakusho noma bakwenza befuna inkululeko yabantu.

UKruger yena waqala ngokuthi yena wayengafunempi ezweni. Wayefuna kuhlonishwe umthetho futhi kube nezinhlelo ezifanele zokuphila ezweni. Wathi indlela ayenza ngayo kwezombusazwe uMntwana wakwaPhindangene yayiyingxenye yesizathu sokuxoxa ngezokuphepha . Kwaqhutshekwa-ke sekungongaphansi nongaphezulu:

  Buthelezi: Mayelana nale ndaba yokwenza izinto ngendlela ehambelana neka-ANC, ngiyazama ukuhlangana nabantu abaningi ngisho labo engingavumelani nabo. Kubukeka kuyiqiniso kanti ukuthi lokhu engakutshelwa nguNgqongqoshe uMtetwa kuyikho okuwukuthi mina ngiyaye ngibonane nabo uma ngiye phesheya.

  Kruger: Yebo yiqiniso. Ngezwa ukuthi kukhona owahlangana naye eDar-es-salaam. Yiqiniso lelo?

  Buthelezi: Yebo ngambona uMnu uPotlako Leballo eDar-es-Salaam. Ngokwempela mabili amalungu ePAC afika azongibona. Ngoba kukhona isitatimende engangisenzile kusiShayamthetho sakwaZulu. Ngangidalule ukudlinza engangikuzwile. Eqinisweni kwakuyikukhonjwa ngenjumbane engangikuzwile. Kwakuyikuthi abantu abathile baleyo nhlangano babenze umlayelo bawuqondisa entsheni  ukuthi kuyothi uma sebebuya mina bese bengisoconga.

  Prinsloo: Labo kwakuyi-ANC noma iPAC?

  Buthelezi: KwakuyiPAC. Ngesikhathi ngiseDar bathatha isinqumo sokuba bazongitshela ukuthi kwakungelona iqiniso. Base bexolisa ngesitatimende esasenziwe nguSibeko eMaseru lapho athi ngingumshushumbisi wobandlululo.

  Kruger: Ake ngibuze, futhi uma ungafuni ukuwuphendula lo mbuzo ungaphenduli. Chief waxoxa yini nawe ngoxhumano phakathi kwePAC neNkatha?

  Buthelezi: Cha, lutho. lutho. Ngizokhuluma iqiniso ngalokho. Banomthethosisekelo. Sinomthethosisekelo. Manje sebeqoke udlame. Thina kasilukhethile udlame.

  Kruger: Ngiyabona. Ngiyabona. Ngakho eqinisweni kalikho iqiniso lokuthi kungaba khona ukubambisana phakathi kwenu ne-African National Congress noma nePAC?

  Buthelezi: Cha, kalikho.

  Prinsloo: Uma uthi ngiyakholwa ukuthi le miqondongathekiso iqukethwe ezitatimendeni nasezenzweni zezinhlangano ezinkulu eNingizimu Afrika njenge-ANC nePAC …” uyaqhubeka uthi okwenzayo akuyikhona ukuqhubela phambili izinhloso zezinhlangano ezivaliwe kodwa wesekela nje kuphela inkundla efanayo. Usanda kusho nje ukuthi bona sebeqoke ukusebenzisa udlame. Manje-ke, wesekela lezo zinhloso. Lokho akuhambisani nendlela yokucabanga…

  Buthelezi: Ngicabanga ukuthi kukhona lapho kufana khona ngoba ngifuna inkululeko yaseNingizimu Afrika lapho wonke umuntu enekusasa elifanayo. Nabo bakholelwa kulokho.

  Kruger: Lapho ukhuluma ngenkululeko yabantu abaNsundu, uqonde  ukuthini ngempela ngenkululeko? Iyiphi ngempela indlela abantu bakho abagqilazwe ngayo? Noma abangakhululekile ngayo? Kusho ukuthini kawukhululekile sampela?

  Ngqongqoshe: Ushaya khona  Ngqongqoshe, kasikhululekile.

  Kruger: Yebo-ke. Manje wenzani oNdini?

  Buthelezi: Eqinisweni-

  Kruger: UnePhalamende oNdini

  Buthelezi: Into yasoLundi  ngokuqonda kwami yisikhungo sokuphatha okuqondene namaZulu. Sifuna, singabaseNingizimu Afrika ukufana nawo  wonke omunye umuntu.

UKruger wathi dlengelele wayesefuna ukwazi ukuthi ngokwenkosi uButhelezi amaZulu ayengesona yini isizwe esikhululekile.

  Buthelezi: abelungu baseNingizimu Afrika ngowe- 1910 bathatha isinqumo sokusihlanganisa sonke. Kwakungesona isinqumo sethu.

See Also

  Kruger: Kasiqale ngokubuka ukuthi kazikho yini izinhlanga ezahlukene kuleli zwe. Yilokhu okufanele sithathe isinqumo ngakho. Uyabona inkinga nge-African National Congress, ikakhulukazi ngePAC ukuthi babandlulula ngokobuzwe ngokunqwabanisela ndawonye wonke umuntu ngenxa yombala wesikhumba sabo. Bathi ngenxa yokuthi ezinye izinhlanga zinsundu, kufanele behlukaniswe nabamhlophe. Lokhu ngumqondo wokubona ohlukile kunongitshela khona manje. Ngokwebalazwe sonke singabaseNingizimu Afrika. Akekho osewake waphika lokho. Kodwa ngenye into ukukhuluma ngabantu abaNsundu njengeqoqokazi elilodwa ngokombala. Lokho yikubandlulula.

  Buthelezi: Kodwa ngibona ukuthi ababhula umbethe kulokhu baba yisibonelo, kwaba yibo abelungu.

  Kruger: Ngayiphi indlela?

  Buthelezi: Ngoba abelungu babulalana empini yamaNgisi namaBhunu. Kwathi kamuva base benza inyonyana (ubumbano).

Lapho-ke uKruger wayesethi khwibishi esekhuluma ngeNkatha  esethi yayincike kunjulalwazi kaButhelezi neyenhlangano yeNkatha nanokuthi engabe lokhu kwakuyingozi yini kumphakathi waseNingizimu Afrika.

  Kruger: Kufanele sazi ukuthi nina bantu abaNsundu kanizihlanganisi yini ndawonye nezinye izizwe  ngendlela enenza nibhekane ngeziqu zamehlo nabamhlophe noma qha. Ngisho ngoba mina ngicabanga ukuthi lokhu ngeke kukwazi ukwenzeka noma sikhuluma ngokobuntu ngqo  noma sikhuluma ngokomoya. Kangicabangi ukuthi lokhu kungenzeka ngoba kuthiwa kuphikisana nemvelo.

  Buthelezi: Ngenhlonipho kuNgqongqoshe, kangiboni ukuthi lokhu kuyaphikisana nemvelo  njengoba ufica wena Mgriki, Juda,  nabanye  bebuthelwene ndawonye kuthiwa yisizwe saseNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi kuyinto eshaqisayo uma kungaficakala ukuthi kanti lezi zizwe zibuthanele ndawonye nje yingoba kwakhiwa iqeqeba  lokubhekana ngeziqu zamehlo nabantu abaNsundu.

  Kruger: Hhayi lokho angikucabangi ngisho kancane. Siyazama ukuba singabhekani ngeziqu zamehlo nabaNsundu.

  Buthelezi: Yebo kungenxa yokuthi nifuna inqubomgomo yokuphatha abaNsundu. Ngiqonde.

  Kruger: Ngisho ukuthi siyabona ukuthi abantu bethu abaNsundu bayisizwe esehlukile, ubunzima esinabo yikuthi sizama ukuthola  imodus vivendi (Indlela yokuhlalisana kwabangaboni ngasolinye)  eNingizimu Afrika ezosetshenziswa kuzo zonke izinhlanga. Kakusikho ukuthi sehlukanisa abaNsundu ngenxa nje yokuchiphatheka. Abantu bakhuluma ngoguquko. Kodwa kabakuboni ukuthi okunye kwezinguquko ezinkulu ngokomoya, yikuthi kasehlukanise izwe ngokomlando libe yilolo nalolo luhlanga luzimele geqe.

  Buthelezi: Ngiyacabanga ukuthi umuntu angagendagenda ngalowo mqondo eTranskei, hhayi kulo lonke izwe. Kangiboni ukuthi lokho kungenzeka kanjani.

  Prinsloo: Yini engavimba?

  Buthelezi: Thina abakwaZulu kasikho la, kasikho laphaya.

  Kruger: Usho ukuthini ukuthi kanikho la kanikho laphaya? Ngempela nilapha noma laphaya. Ngisho ukuthi ngokomlando amaNgisi alwa. Kasibhekane nalo leli qiniso. Ngisho ukuthi saba ngabokuqala ukwehlula amaZulu.  AmaNgisi agcina esinqobile isizwe samaZulu. Ungitshela ukuthi izwe lamaZulu lizichibichibi? Lokho  akulona icala labantu bakithi. AmaNgisi afaka amapulazi phakathi kwamaZulu ayelwa wodwa ukuze awathuntubeze. Lokho yiqiniso elesekelwa ngumlando, kodwa lokho akulinciphisi iqiniso ukuthi niyisizwe nanokuthi thina sizama ukuhlonipha ubuzwe benu.

  Buthelezi: Cha kodwa usungiphendulile uma uthi sadatshulwa sehlukahlukaniswe ngamabomu.

  Kruger: Kodwa lokho akwenziwanga ngabantu bakithi.

  Buthelezi: Cha, cha. Lokho kangikusho ngomoya wobuthukuthezi nentukuthelo. Kanginagqubu ngakho. Ngumlando nje.

  Kruger: Sizama ukuvuselela amabhongo esizwe samaZulu. Noma okwamanje kungaba nobuthaka lapha nalaphaya kodwa siqala indlela yokulungisa isimo, kodwa kangazi ukuthi yini abaholi abaNsundu bangabuboni ubuhle balokhu.

  Buthelezi: Hhayi cha kasiboni buhle thina kulokhu.

  Kruger:  Hhayi ukuthi sifuna ukuqhuba lapho amaNgisi agcina khona ngokuba sinahlukanise. Sizama ukuniphakamisa. Izandla zethu zelulekele kini ukuba nisizakale.

  Buthelezi: Ngeke thina sizibandakanye nalokhu kusizwa kwethu. Sizozisiza thina.

  Kruger: Esikwenza kini kuyafana nse nalokho okwenziwa kithi nguCampbell  Bannerman. Wathi kithi: Bhekani siyabona ukuthi sinicindezele, manje sesininika inkululeko yenu. Esikuzamayo ukunika isizwe samaZulu inkululeko yawo. Kodwa esikubonayo ukuthi isizwe samaZulu sifuna ukuhlangana nezinye izinhlanga ezinsundu ukuze kubhekwane ngeziqu zamehlo nabelungu.

  Buthelezi: Kodwa uthini ngabantu bakithi abaseSoweto Ngqongqoshe.

  Kruger: Wo kufana namaGriki eNingizimu Afrika. Ngisho ukuthi alapha, kodwa akekho. Ngisho ukuthi uma nje senza ubulungiswa kuwo wonke umuntu kangicabangi ukuthi kukhona ongathi amaGriki nama-Afrikana ayafana.

Uma kukhona ofisa siqhubeke nalo mbhalo angacela kuBayede, lona leli phephandaba, siqhubeke.

  USolwazi uNxumalo ngungoti wolimi nombhali wezincwadi ezahlukene.

Scroll To Top