Now Reading
Izibuko ziwusizo kulabo abanenkinga yamehlo
Dark Light

Izibuko ziwusizo kulabo abanenkinga yamehlo

Muva nje sekuphenduke imfashini ukufaka izibuko, kubhala uMuntu Xulu


Ngibona esengathi iningi selikwenze imfashini ukufaka izibuko zokubuka. Noma-ke elinye iningi lizifaka ngenxa yokugula nangokukhubazeka kwamehlo, ligwema ukuba lingaphenduki izimpumputhe, ngoba phela uma uke walahlekelwa ukubona kwamehlo, usuke usufana nomuntu ophila ebumnyameni, izwe lakho liguqubele linezinkungu ezikhasa phansi, lezi ezihhomuzelayo nezingantweli, ngoba usuzwa imidumo ngezindlebe kuphela, kodwa ube ungaboni lutho ngamehlo.

Angithi neBhayihheli liyasho ukuthi amehlo akhanyisela wonke umzimba. Abaningi-ke bazalwa bengaboni, beyizimpumputhe, laho-ke ngabadalwa nguNkulunkulu ukuba babenjalo. Kanti-ke abanye bazalwa bengaboni nje kungenxa yezifo kubazali kumbe kumzali, ezihangela ubumpumputhe emntwaneni ozelwe. Noma-ke benjalo, benza okuningi umuntu ophelele onamehlo angeke akwenze. Bayakwazi ukufunda ngeminwe umbhalo wabo lapha obizwa ngokuthiwa yi-“Braille”. Wena-ke onamehlo, kulombhalo, ubona amachashaza nje kuphela owabala ngamabili ngamathathu ngamane njalonjalo, kodwa ongazi ukuthi aqondani, akhulumani, asho ukuthini.

Abanye baze bagcine sebefake izibuko nje ngoba behlushwa amakhanda angapheli nokushaya kwemithamho yamehlo neyezinhlafuno, baze bachiphize izinyembezi. Abanye kuthi uma befunda, bafice amagama esegqize ngokuluhlaza, futhi bengasawabonisisi, sebekufunisela nje nalokho abakufundayo. Umfice umuntu eseyibambele kude incwadi, eyilokhu ethibiza, ethibisa okwenkunzi yemomfu ithibela enye, kanti uthibela lokhu akufundayo, ufuna ukukubona kahle. Abanye abasakwazi nokuhona into ekude, umuntu aze adikile ayeke ukubuka lokho othi akakubuke okukude, ede ebuza ukuthi, “Kukuphi khona lokho othi angikubuke, ngingakuboni nje?”

Kukhona okuningi okuyinsini ngezibuko ngokuya ngezinhlobo zazo. Kukhona ezimathambo axoxa indaba, kukhona ezocingo, lezi abathi uma sebebhuqa bathi zingo-”Mazawathi-thi.”

See Also

Angithi leligama lika-”Mazawathi-thi”, zalethiwa ngoba itiye laleyaminyaka yawo-otho-otho-otho, elalibizwa ngokuthi yiMazawathi Tea, lalifakwe ekopini elalinomfanekiso wesalukazi somlungu esidala ngaphandle. Lesisalukazi sasiphethe umthungo ezandleni zaso, lokho nje kukodwa kwakukhombisa ukuthi singumuntu othanda ukusebenzisa inalithi kakhulu, sinxadana nezidwedwo, mhlawumbe sichibelela abazukulu baso amanikinikunu ubo.

Kusobula-ko ukuthi sona sasingaphethwe ngamehlo, ngoba sasibonakala simamatheka, kuphela nje labo-“Mazawathi-thi” sasibafakela ukuba sibone kahle intunja yenalithi uma sitshutsha uhala kumbe wona ukotini kumbe lona uzi, uma sesiwangile, sawukhotha ngomlomo, ukuze isihloko sawo sicijele ukungena entunjeni yenalithi, futhi ukuze sibone kahle uma sesithunga imithungo yaso, ngoba sasibona kahle ngalezizibuko zikaMazawathi-thi ezazandisa into ziyenze ibukeke inkulu noma sifunda, amagama lana ziwagqamise abe makhulu, ukuze ungabe uyilokhu ungingiza uma ufunda, wena owabona uMakhalangemfundo wakwaNtombela epeleta amagama sengathithi ufunda o-a, ebhe, ngci, ede, fa, higi ha, inje, khe, ele, erne, ene, o, phi, qhu, ere, ese, ethi, uviwa, xa, wayi, zethe! Phela, kwakupeletwa kanjalo kuqala kusafundwa amaRoyal Readers, singakangeni isipele soKucathula, sikaBeni ebona ubobe.

Scroll To Top