Now Reading
Sebedinga isiguqo abanye onompempe kuPSL ngenxa yamaphutha
Dark Light

Sebedinga isiguqo abanye onompempe kuPSL ngenxa yamaphutha

Akukapheli isikhathi esingakanani isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership iqalile kodwa ziningi izigameko ezimbi nezinhle esezenzakalile, nezishiya umuntu ebambe ongezansi. 

Esibi kunazo zonke ilesi “sokuboza konompempe”, indlela abenza ngayo ngibona engathi sebedinga ngisho ukuthandazelwa. 

Ngeledlule ziningi izigameko ezenziwe ngonompempe, kwaqala ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibhekene ne-Orlando Pirates, unompempe engabe wanikeza ikhadi elibomvu uRonwen Williams ongunozinti wamaBrazillians kodwa wamnika eliphuzu.

NgoMgqibelo koweSundowns neKaizer Chiefs unompempe wenze esifanayo encisha iZimpofana (iChiefs), amaphenathi amabili acacele ngisho noma ubani. 

Eyokuqala ilapho uTeboho Mokoena weSundowns edonsa isandla sika-Edson Castillo, obesethubeni lokuthi engashaya igoli ngekhanda. 

Akugcinanga lapho uThapelo Maseko wayo iSundowns ukheqe uMduduzi Mdansane ebhokisini. Namanje ngisazibuza ukuthi kwathini kunompempe uma ethatha isinqumo sokuthi akayibeki iphenathi. 

Kuthe siyiNingizimu Afrika sisamangazwe ilokho, ngoMsombuluko unompempe nomsizi wakhe akade bedlalisa AmaZulu FC nePolokwane City bangixakile bengayibeki iphenathi ecacele noma ubani okade kumele kube eyoSuthu. 

Ngisho labo akade bedlalisa phambilini sengisho u-Ace Ngcobo noVictor Hlongwane, bazishaye indiva izenzo zalaba onompempe ngokuhlukana kwazo. 

Eqinisweni lokhu “kuboza konompempe” kulesizini kuqale emidlalweni yokuqala, kwaqala emdlalweni lapho ompetha beDStv Premiership iSundowns yayibhekene khona neChiefs koweligi kulowo mdlalo kuningi okwabe kuphambene okwenziwa onompempe. 

Kubuhlunguke ngoba kulabo onompempe kwakukhona noqokwe njengovelele ngesizini edlule u-Abongile Tom, lapho ayelekelelwa uZakhele Siwela ophuma kwiNdebe YoMhlaba ebingonyaka odlule noKhumusi Razwumisani. 

Isinqumo esathathwa iPSL ukuthi laba bobathathu bahlawuliswe amasonto amane bengadlalisi. 

See Also

Unompempe uSiyabonga Nkomo nomsizi wakhe uKgara Mokoena, namanje ngisazibuza ukuthi bakufundelaphi ukudlalisa. 

Angibathathi kancane kodwa kwangixaka ukuthi balibala kanjani igoli, elagcina linikeza iSwallows FC amaphuzu amathathu ibhekene neSekhukhune United. 

UDumisani Zuma weSwallows FC wagoba ibhola uBandra Sangare ongunozinti weSekhukhune United walibamba ibhola kwafika uGabadinho Mhango wamphusha wangena nebhola phakathi labalwa njengegoli.

Ngokomthetho unozinti umake wamthinta ebhokisini ibhola libekwa phansi kuthiwe iFree Kick, ngoba konke okwenzeka kulona ibhokisi kusuke kuvuna yena unozinti. 

Angiyisoli iPSL ngokubamisa amasonto ali-16. Kusasekuseni kakhulu onompempe abashintshe ukwenza, amaqembu awangahlulwa ngamaphutha abo.  Badinga imithandazo esheshayo.

Scroll To Top