UHlabisa nomthwalo wokufeza iphupho loMntwana



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Usuku lwangoMgqibelo luvule ikhasi elisha kubantu nakuzinhlaka ezahlukene kuleli. Lolu wusuku lapho kubikwe khona izindaba zokuthi umholi osemkantshubomvu kwipolitiki noBukhosi, uMntwana waKwaPhindangene kasekho emhlabeni.
Lombiko wethulwe esizweni nguMengameli wezwe, uMhlonishwa uRamaphosa. Ukuwa koMntwana kusho ukulahlekelwa kweNdlunkulu kaZulu ngomunye wezingwevu. Kanjalo nasePhalamende uMntwana ubemdala kunawo onke amalungu akhona enesipiliyoni. Kepha abanye abalahlekelwe yiqembu alisungulayo Inkatha Freedom Party (IFP).
Yize ubengaseyena umengameli weqembu kepha amava akhe abehlala edingeka. Kuyiwe okhethweni lohulumeni bendawo ezinyangeni ezedlule iqembu lakhe belifolosa ngaye. Futhi bekungekho ukungabaza ekutheni nakulolu oluzayo bekukhona azokwenza ukuqinisekisa ukuthi indlovu iya phambili.
Obukeka elahlekelwe ngumholi waleli qembu uMnu uHlabisa. Ekhuluma naleliphephandaba uMntwana watusa uHlabisa njengomholi oqotho phakathi kwezimpisi ezikhona kwipolitiki.
“Izwe libolile phuhlu, uHlabisa akanalo nelincane ichashaza nephunga lenkohlakalo. Njengoba kade aba yiMeya usehloliwe.
Uma ngingakhuluma imfihlo nje, ukunqoba kwethu iNquthu kube amangwevu akhe,” kwasho uShenge etusa uHlabisa ngokuba usomaqhingasu. Wathi okwenza uHlabisa amalungu esigungu esiphezulu se-IFP akunanele ukuphakanyiswa kwegama lakhe ukuthi uyisikhuphekhuphe seqembu, ukhulele eqenjini embuthweni wentsha waphatha nezikhundla ezihlukene.
Konke lokhu sekungumlando njengoba namuhla uHlabisa ezoqhubeka nohambo lwakhe njengomholi engasekho uShenge. Uhamba nje uMntwana ziningi izinhlelo ezenzeka ezweni lapho amaqembu ehlukene ezama ukuhlangana ngenhloso yokusebenzisana. Kuwo onke lamaqembu ngezizathu ezahlukene iqembu Inkatha limqoka. Lokhu kubonakele ngesikhathi ubuholi bamaqembu ehlukene butheleka kwaPhindangene kusho into efanaye kepha ngezindlela ezahlukileyo.
Futhi usuku lwangoLwesibili bekungathi yisekisi njengoba abethi ekhalisa umndeni ngapha kepha bese ephosa isidingo sokusebenzisana ne-IFP. Ngalolu suku (ngoLwesibili) bekutheleke izinkunzi ezalanayo, i-African National Congress (ANC)
ebiholwa yisekela mengameli uMashatile, iDemocratic Alliance (DA) ebiholwa nguSteenhuisen kanye nabe-Economic Freedom Fighters (EFF) beholwa nguShivambu.
Isisoka salamaqembu besimangalisa njengoba oweDA ulibeke ngembaba elokuthi Inkatha iyilungu elimqoka lombimbi olaqalwa lwabizwa ngeMoonshot nokuhambe kwahamba lwaba yiMulti-Party Charter for South Africa. Kube sekungena owe-EFF onxuse ukuba Inkatha lena ingahlakazeki ngokuhamba kukaMntwana ngoba ubunye bayo buyadingeka ngokhetho oluzayo.
UHlabisa ephendula ngoKhongolose uthe bakuzame konke ukuba kuthungwe ubunye kepha ingcabha ibe isisala kuKhongolose.
“Kube yishwa ukuthi uthule lelo khasi lingakavalwa, kube ngokungahambisananga nobuhlakani besifiso sakhe sokuthi uma uMdali embiza akujabulele ukuthi lesi sahluko sivaliwe. Kepha njengobuholi sizoqhubeka nokuliphakamisa lolu daba nobuholi obuphezulu be-ANC.”
Akukhona ukuthi kayikho imizamo esike yenziwa ngalolu daba. Ephawula ngowe-1991 ngeqhaza le-Inkatha nomholi wayo uMntwana, owayenguMengameli wezwe uMnu uMandela wathi: “Kungabukeka sekwedlule isikhathi, ngifisa mina luqobo ngiqondise ngqo kuyiKumkani uMangosuthu Buthelezi kanye nobuholi bonke be-Inkatha ngomnikelo wenu wokwelekelela ukuba ndikhululwe entolongweni kanye nabaholi benhlangano yethu. Umlayezo wokweseka nowendunduzo ngesikhathi
eside sovalelo wawuhlala ucacile kithina.”
La magama kaMandela awenza ekulungiseni ukukhuluma nokungaboni ngasolinye. Ubufakazi balokho kwaba yizidumbu ezaba khona kudlana amalungu ala maqembu womabili. Miningi nokho imizamo ebe khona ukulungisa ukungaboni ngasolinye.
Kuze kube yinamuhla akuyona imfihlo ukuthi ingxenye ethize kuKhongolose namanje isamile ekutheni i-IFP yabe ‘iyisimaku’ sikaHulumeni wamaBhunu nokuthi uMntwana waKwaPhindangene akabanga negalelo elitheni emzabalazweni.
UBukhosi nomhlaba
Ngakolunye uhlangothi elinye iphupho likaMntwana bekuwudaba lomhlaba kanjalo nokuvikeleka kwesakhiwo soBukhosi. Ekhuluma nelaboHlanga uMntwana kakufihlanga ukuthi noma ubesahleli ePhalamende bekuyingoba uselusa udaba oluthinta Ingonyama Trust neyengamele umhlaba kaZulu.
Umbuzo uthi engabe uHlabisa ne-Inkatha ngale kukaMntwana iyoba namandla okududula labo abacathamela umhlaba kaZulu? Olunye udaba ngolwaMakhosi aze athula elulwa kwale ngisho esemi yedwa. Uhamba nje uMntwana udaba lwe-Ingonyama Trust alikaqondi, kukhona ukwesabela ukuthi njengoba ISILO esidala singasekho nje, nakhu noMntwana esehamba amahalanjonjo namadlegwavuma akade ayeliconsela amathe azophakama.
Udaba lwangaphakathi eqenjini nalo limqoka. Akuyona imfihlo ukuthi bakhona abathi bona beza lapha eqenjini futhi basahleli ngenxa kaMntwana. Laba ngabantu abaqala naye Inkatha yaze yakhula yaba yi-IFP bekhona. Bebemuzwa uShenge naye ebazi njengoba ezazi.
Ingcindezi kaNgoza izoba sekunceliseni amawele, labo abathi iqembu kalibe yisimanje nalabo abathi izingxabu zalo yizo ezize zalibeka lapha likhona namuhla. Akukho ukungabaza ukuthi injolozela manje izoba kuHlabisa, ukuthi uziphatha kanjani ‘ izinto zomtomdala’ lezo azilwela kanzima ngaphakathi nangaphandle kweqembu uzozigcina yini. Kusase kuseni ukusho ukuthi iyawuzala nkomoni ngoba kwipolitiki isikhathi singenye into.