Ingcabha isala kubaqeqeshi manxa kubhimba uhlelo emaqenjini
Kuke kube kancane ukuthi iqembu uma lenza kabi iminwe ikhombe kubadlali, imvamisa ikhomba kumqeqeshi osuke eqeqesha lelo qembu.
Ngike ngithi uma ngicabanga umsebenzi wokuba umqeqeshi, ngiwuhumushe njengokuthi ungoncikiselayo ngoba ungalala namhlanje unomsebenzi uvuke usungenawo. Kosihlalo bamaqembu kulula kakhulu ukuthi iqembu malingenzi kahle bevele bekhombe indlela abaqeqeshi.
Lokhu mina kuvele kungishiye nemibuzo eyehlukahlukene, omunye nje ukuthi njengoba usihlalo weqembu exosha umqeqeshi ngenxa yokugqoza kwamaphuzu noma kokunganqobi izicoco kweqembu ngabe usuke engenile yini emakethe wathengelwa abadlali abafunayo.
Ngingavuma kusihlalo mhlambe weMamelodi Sundowns ukuthi athi uyamxosha uRhulani Mokoena, makuthiwa iqembu alenzi kahle ngoba vele alukho uhlobo lomdlali ongekho kuyona.
Kodwa umxosha kanjani uShaun Bartlett oqeqesha iCape Town Spurs ekubeni engenabo vele abadlali abangakwazi ukuncintisana namaqembu amaningi akuDStv Premiership.
Ngiyazi kusasekuseni kodwa ngokubuka kwami baningi abaqeqeshi okuzothi kuphela imidlalo eli-10 bazobe sebengasaqeqeshi kulamaqembu abaqeqesha kuwona.
UBartlett ungomunye walabo baqeqeshi iCape Town Spurs ithwele kanzima kule sizini. Selokhu ikhuze ibuya kuDSTV Premiership ayikaze inqobe nowodwa umdlalo.
UKaitano Tembo naye ngiyambona engaqedi isikhathi esingakanani kwiRichards Bay FC afike kuyona ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofika ajike izinto. Leli qembu langaphesheya koThukela liqede isizini lidonsa kanzima impela, njengoba kwala kancane ukuthi lidlale imidlalo yokuhlunga namaqembu aqhamuka kuMotsepe Foundation Championship. Usanqobe umdlalo owodwa kuphela kule sizini.
UMorgan Mamilla oqeqesha iChippa United usihlalo weChippa United uSiviwe Mpengesi udume njengendoda engenaso isineke.
Muva nje uMpengesi usanda kwethula uVusimuzi “Kanu” Vilakazi njengenhloko yabaqeqeshi. Lokhu kushiya imibuzo ngesikhundla sikaMamilla kuleli qembu,.
U-Asanda Mvala naye kuseduze ukuthi akhonjwe afika ngayo kwiMilford FC, ethenge isitifiketi soThongathi FC. IMilford FC idonsa kanzima njengoba emdlalweni emithathu eyidlalile ihlulwe kuyona yonke.
Kula maqembu angenhla ngingasho kugcwale umlomo ukuthi nezikhulu kumele zizinuke amakhwapha, ngokungafuni ukungena emakethe.