IDA isingene ngengalo nesiphanga kolwabafundi neNSFAS


Isiphenduke umbango wezepolitiki inkanankana yesikhwama esixhasa abafundi ngemali iNational Student Financial Aids Scheme (NSFAS) njengoba iDemocratic Alliance isisole iqembu elibusayo ngokungangeneleli osizini olubhekene nabafundi kulesi sikhwama.
Leli qembu selinxuse uNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme Nokuqeqesha uDkt uBlade Nzimande ukuba angenelele ngokugcwele njengoba ehlale enza lapho kunezinkinga ezikhungweni zemfundo ephakeme.
ElaboHlanga libike ukuthi izinhlangano zabafundi zihlela ukungena emgwaqeni ukuze ziphoqe uNSFAS ukuba ukhokhe.
Emuva kwalolu daba elaboHlanga elabe lilipotshozelwe yizinhlangano ezimbili ezinkulu zabafundi, kube nokungenelela kwezikhungo nezikhulu zakwaNSFAS imibhikisho yahoxiswa.
Abafundi bathi njengoba kuphela isonto nje sekuwusuku le-12 belindele lokho abathenjiswa khona kodwa akasekho ozimisele ngokukhuluma nabo.
IDA ithi ingcabha manje isikuKhongolose okumele uphumele obala ngokuthi umiphi ngokulekelelwa kwabafundi ngezimali.
Umholi wophiko lwabafundi kuleli qembu uLiam Jacobs uthi okwenziwa iNSFAS kubafundi kubafaka ingcindezi nokhwantalala olugcina lube nomthelela omkhulu empilweni yabo.
Uthi njengeqembu bazokwenza konke ukufaka ingcindezi kwabasemandleni.
Ingcindezi ikakhulukazi
“Naphezu kwezethembiso ezenziwayo eziletha ithemba ngokuthi isimo sizokunga namanje abafundi basabanjiswe isisila sehobhe,” kusho uJacobs.
Ngeledlule abafundi kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme babamba imihlangano ubusuku nemini kuhlelwa ukuthi kuphinde kubuyekezwe eyokungenela imibhikisho yabo kuNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli ngoba kuyabacacela ukuthi uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshs uDkt uBlade Nzimande usehlulekile.
Umfundi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal uSihle Mdunge owaba nengxoxo nelaboHlanga wathi uNSFAS usecasha ngesithupha, iqiniso ukuthi uhlulekile ukufeza lokho owasubathembise khona.
“”UMengameli naye wazibophezela ekutheni akumele kushaye isikhathi sokuhlolwa kukhona abafundi abasohlwini okumele engabe sebeyitholile imali yoxhaso,” kuphawula uMdunge.
Kukhona imvunge nakwezinye izinyunyana ezikhulumela phansi ukuthi kulokhu zizobeseka abafundi emibhikishweni yabo ngoba kuyacaca ukuthi kudlalwa ngabo.
Emasontweni edlule abalesi sikhwama badalule ukuthi baphuce uxhaso abafundi abangaphezulu kwe-31 000 ababefake izicelo besebenzisa imininingwane engamanga. Bathi lokhu kukodwa kube nomthelela ekubambezelekeni kokuphothulwa kwezinye izicelo nokufakwa kwemali eqondene nabafundi izicelo zabo eaphumelela.
Isitatimende esikhishwe iNSFAS sithe sebebonke abafundi abaphucwe uxhaso bangama-45,927 bakhishwa nasemabhukwini alesi sikhwama okusho ukuthi abasolhinde baxhaswe.
Ukuze kugcine kubanjwe laba bafundi iNSFAS isebenzise izinhlaka zikahulumeni ezinjeSars, uMnyango Wezasekhaya, iSouth African State Security Agency kanjalo nophiko olubheka isimo sabantu sezikweletu.
Emuva kokucutshungulwa kwabo iningi lichithiwe, kwathi abafundi abayi-14,703 labuyiselwa uxhaso kubo abangama-31,224 baphucwa.
Kuvele ukuthi ngesikhathi befaka izicelo okokuqala abafundi bebesebenzisa imininingwane eqondile yabazali babo, lapho kuvela khona ukuthi bangakwazi ukumelana nezindleko zabafundi emanyuvesi bese beshaya ungqimphothwe uma sebefaka isicelo sesibili basebenzise imininingwane yabanye abantu abathi ngabazali babo.