Now Reading
Umkhuba noma isiko: Umthetho ngokushadiswa kwezingane
Dark Light

Umkhuba noma isiko: Umthetho ngokushadiswa kwezingane

Umthetho wezingane uhlinzekela ngokuqondile ukuvikelwa kwezingane kanye namalungelo ezingane. Ukuhlukunyezwa kwezingane, okuhlanganisa, phakathi kokunye, umkhuba wokusebenza oxhaphaza ingane.

IDomestic Violence Act ihlose ukuhlinzeka ngokuyinhloko isivikelo kumlingani ohlala naye ekuhlukunyezweni ngumlingani wakhe ahlala naye noma izihlobo zakhe, umthetho futhi udlulisela isivikelo sawo kwabesifazane abangodadewabo, abafelokazi noma omama.

Udlame lwasekhaya ngaphansi kwesenzo luhlanganisa ukuhlukumeza kwangempela noma usongo lokuhlukumeza noma ngabe ngokomzimba, ngokocansi, ngamazwi, ngokomzwelo noma ngokomnotho.

Ingane ishada izinhlobo ezimbili zomshado kungaba umshado wesintu noma umshado ohlanganisa amafa. Uma ingane ishada umshado wesintu kuyiyo yodwa lokho kusho ukuthi ishade umshado ohlanganisa amafa. Kodwa uma ingena esitenjini lokhu kushon ukuthi umshado ohlukanisile amafa, okusho ukuthi okwam okwam. Kuphinde kuvukhe umbuzo othi eyiphi impahla ingane esukhe inayo lena ethi okwam okwam kuyo.

Ingane engena emshadweni wesintu wesithembu ishada ngaphandle kokuhlangana kwempahla. Iyiphi impahla ingane ezoqongelela ngakho-ke ngoba iningi labo alivunyelwe ngisho nokuqashwa ngokusemthethweni. Ingane futhi ayiqokwa njengomabi emafeni omyeni wayo ongasekho ngoba phela isukhe iyingane.

Umthetho uthi lapho abazali bengane encane behlukana (Divorce) kuyisidingo ukuthi kungenelela ummeli womndeni (Family Advocate). Lapho umzali efuna ukubona ingane yakhe uma omunye emqabela uyakwaz ukufakha isicelo enkantolo sokuthi ayibone ingane yakhe ngoba futhi abazali banama lungelo nezibopho njengabazali enganeni, manje uma isishadile kwenzakalani ngalawo malungelo nezibopho njengbazali. kodwa owami umbuzo ukuthi siyini ngempela isimo somthetho somntwana oshadayo?

Iliphi iqhaza elibanjwa wumnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uma ingane ishada. Uma ummeli womndeni enza uphenyo futhi ngemva kwalokho ahlanganise umbiko enkantolo lapho abazali bengane encane bedivosa, kwenzekani uma omunye wabazali naye eyengane? Kungani izinkantolo zethu zingahlanganyeli ohlelweni lwe mishado yezingane njengoba zingababheki abaphezulu bezingane futhi kufanele ngaso sonke isikhathi kuqashelwe futhi kubhekwe izithakazelo zezingane.

Izwi lomntwana limqoka enkantolo. Akufanele ngabe umuntu ufakha isicelo enkantolo ukuze ingane ikwazi ukushada. Angithi umuntu ufakha isicelo nje enkantolo uma efuna isithembu pho yindaba kungenziwa kanjalo nalapho kushada khona ingane ukuze sibone ukuthi ngemphela ingane isukhe ivumile, ukubhekhela inhlala kahle yayo nanokuthi osohlalakahle bakwazi ukuhlohla ngokufanele bese benza iziphakamiso enkantolo ngaphambi kokuthi ingane iyoshada, ngoba phela ikhona nje inkantolo yezingane.

See Also

Umthetho awusoze wasebenza ngokuhlukanisa wodwa udinga abantu kanye nomphakathi. Kungaqala ngemiphakathi yethu, amasonto ethi kanye nathi ukuthi sibike lamacala lapho sisola khona ukuthi sengathi ingane ayivumanga ngokuphele ukuba ishade futhi ikakhulukazi lapho sisola khona ukuthi ingane iyahlukumezekha.

Iminyango ethintekayo okunguMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, owezemfundo, owasezasekhaya, WezoBulungiswa kanye nabezomthetho bangadlala indima enkhulu ekutheni yebo izingane zingashada kodwa akulandelwe inqubo efanele yokushada kwezingane ukuze kuqinisekiswe ukuthi imvume enikezwa yingane iyimvume ngempela futhi azikho ezinye izici ezinomthelela ekushadiseni izingane. Leso sinqumo esishiwo kanye nokuthi kuthotshelwa intshisekelo yengane.

Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top