Oyihlabile akakayosi: UMashatile lizomphunyuka iqatha?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ma kuphakama igama lakhe kuba khona ukwehlukana kwemibono. Kukhona abambuka njengomholi okhaliphile nowaziyo umdlalo wepolitiki. Kwabanye ulithamelangozi elilinda ukubona ukuthi iyiphi inkunzi ephumelelayo bese esuka. Kanti kwabanye yinkunzi yomgulukudu onezinhloso ezingezinhle ngezwe.
Loyo nguMnu uPaul Shipokosa Mashatile oliSekela Mengameli likaKhongolose neNingizimu Afrika. Yize edumile ezitaladini nasemalokishini aseGoli lomholi ugqame kakhulu ngesikhathi edla umhlanganiso emhlanganweni kaKhongolose eNasrec nayilapho aqokwa khona njengesekela likaRamaphosa.
Ukuqokwa kwakhe akwehlanga kahle ezinhlangothini ezimbili eqenjini. Kulabo ababeseka uDkt uMkhize nowabe ethwelwe ngeqoma yiKwaZulu- Natal uMashatile waba ngu‘Judasi’ ngoba ukwenza kwakhe bakuhumusha njengokukhaphela uDkt uMkhize. Lokhu babekusho ngoba kusayiwa kwinkomfa wayengakubo. Ukwenza kwakhe kwaba wukugadla kwesishozi isibili njengoba besola naloyo owayelisekela uMnu uMabuza ngokubagila okufanayo.
Ngakolunye uhlangothi abanye ababenganeme yilabo ababeseka uRamaphosa nababengakufihli ukuthi ngokwenza isivumelwane naye, uRamaphosa wabe efaka inyoka ekhikhini okuyothi ingafudumala imcobozele. Lezi zinkulumo zafakazelwa nawukude kuhlehla ukungena kwakhe njengelungu lePhalamende sekukhona nabathi uRamaphosa kaqoke omunye.
Uthe engakazinzi kwesokuba lisekela zabe seziqala zimhubha sekuvuka upelepele ogqokweni. Kukhona abavusa udaba lokuthi kungenzeka ekutheni waba nesandla ekuhlomuleni komkhwenyana wakwakhe, uMnu uNceba Nonkwelo. Kuthiwa lapha uNonkwelo wathola izigidi nezavela njengemali eyathenga umuzi wenani eliyizigidi ezi-R37 eWaterfall kwaNdongaziyaduma. Abazaziyo bathi lendlu isihlala yena uMashatile. Imali lena yabe ivela kwaGauteng Property Fund. Khona lapho uke waba sezindabeni nayilapho ubesolwa ngokuxhumana nabantu abanukwe yiKhomishana ebibheka izinsolo zokugwamandwa kombuso. Kulaba kubalwa noMnu uEdwin Sodi nosolwa ngobuqola kumklamo wetsheboya eFree State.
Imigoga namatulo
Kuze kube yimanje lomholi ngokulekelelwa ngabeluleki bakhe ukwazile ukuphulukundlela emigodini abebemfaka kuyo. Okusobala wukuthi kukhona isikhathi lapho izimbangi zakhe zabe zithi zimninde zamqeda ngeququ lenkohlakalo. Nokho naye kukhona lapho ezigwaze ngowakhe khona. Ezinyangeni ezedlule abaqaphi bakhe benze ichilo lokudobonga umuntu thize emgwaqeni onguthelawayeka eGoli. Lapha lomholi wenza iphutha lokwehluleka ukuxhumana nokuvezela izwe ukuthi kwenzakalani, kunalokho waquba kwaze kwavela ubufakazi bokuthi kudikwadikwa umuntu nje wabe ezihlalele emotweni. Lokhu kwamubeka kabi kwabanye kwamubangela isigcwagcwa.
Labo abamesekayo bakholwa yikuthi konke lokhu kumninda kungamatulo okumgudluza ekubeni ngumengameli wezwe noKhongolose ngale kukaRamaphosa. Imithombo yelaboHlanga eseHhovisi likaMengameli ikuqinisekisile ukuthi iyadudulana phakathi kwalabo abasebenza noRamaphosa noMashatile.
“Uyabona ungamthathi kancane uRamaphosa. Njengoba enza kwabanye unguphoyizini okudla kancane kancane. Useqalile nje lapha, umangingakutshengisa izinhlelo ezide zihlehliswa zikaMashatile ungamangala. Kukhona nje okunye okwenzeka KwaZulu- Natal nayilapho lendoda (uMashatile) okwakumele
aye emcimbini wokulwisana nodlame lobulili. Lapho wayezobe eseka ISILO. Lokhu kwakuzokwenzeka ngesikhathi esifanayo uRamaphosa eKwaZulu -Natal eyobona uNyazi abuye avule nomklamo wamanzi.
Awu ezikaMengameli ehhovisi nasenhlanganweni KwaZulu- Natal zala. Akayanga nje ngoba bala bathi uma eke waba neSILO uyophakama,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Lokhu kuqinisekiswe ngomunye oweseka uRamaphosa KwaZulu-Natal osebenza ehhovisi likahulumeni nowathi “Cha kwafika kithi ukuthi uDP (sekela mengameli) uzoba seMlaza, asikwamukelanga lokho ngoba kwakusho ukumkhweza, asazi nokuthi wafika kanjani kubahleli ngoba akazi lutho ngokwenzeka lapha,” kusho yena.
Okwamanje impi phakathi kukaRamaphosa (nabamesekayo) kanye noMashatile isathule ngenxa yezinye izinto ezenzakalayo ezweni, kepha okungengabazise wukuthi kungekudala lentabamlilo yombango izodubula, uMashatile ulinde ithuba eliyingqayizivele kanti khona lapho nabanye ngaphakathi sebeqalile ukulungisa ozomphula ishoba.