Akubonakali kuzoba nozinzo maduze eNiger
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abasekeli beqembu elibusayo laseNiger baphoqeleke ukuthi bamise ukubalwa kwabantu abazimisele ngokuvolontiya ukuze bavikele noma babhekane nokungenelela okungase kube khona kwemibuso yaseNtshonalanga Afrika. Isizathu abathe kungenxa yokukhungathwa izibalo eziphezulu zabantu abafikile.
Izinkulungwane zezinsizwa eziningi bezibuthene ngaphandle kwenkundla yezemidlalo enhlokodolobha iNiamey amahora ambalwa ngaphambi kokuqala komcimbi, okuwuphawu lokwesekwa okuqinile kwezinye izingxenye zomphakathi
kwejunta, eyenqabe ingcindezi yamazwe angaphandle yokuhoxa ngemuva komhla zingama-26 kuNtulikazi lapha ijunta yaketula umbuso kamengameli walelizwe uMohamed Bazoum.
“Kuzo zonke izibalo zethu kanye nokuqonda kwethu, asikaze sicabange ukuthi singahlanganisa (lesi sibalo sabantu),” kusho u-Younoussa Hima, umdidiyeli wohlelo olubizwa ngokuthi “The Mobilisation of Young People for the Fatherland”
“Ngakho-ke kunzima ngempela kithina namuhla ukwenza lo msebenzi. Yilokho okusenze sayimisa lento yokubalwa kwabantu,” kusho uHima enkundleni yezemidlalo ngemuva kokuhlakazeka kwezihlwele.
Ngabe ithemba likhona? Ithimba le-ECOWAS kuvela ukuthi lihlangane nomengameli waseNiger oketuliwe esikhundleni uMohamed Bazoum kanye nomholi wejunta uGeneral Abdourahmane Tiani ngesikhathi bevakashele enhlokodolobha iNiamey ngoMgqibelo, kusho umkhulumeli kamongameli waseNigeria esitatimendeni esithunyelwe ku-inthanethi njengoba le nhlangano isaqhubeka nokuzama izindlela zokuhlehlisa ukuketulwa kombuso kwamuva.
Ukwemukela kwabaholi bejunta ababukwa njengamavukelambuso kukhombisa ukuthi bazimisele ngokuxoxisana ngemuva kokuthi ibloc ngoLwesihlanu iphinde yabeka phansi usongo lwawo lokusebenzisa amandla njengendlela yokugcina yokubuyisela intando yeningi, yathi “iD-Day” engadalulwanga sekuvunyelwene ngayo ukuze kube nokungenelela kwezombutho.
Ngenkathi uhambo nemizamo yangaphambilini ye-ECOWAS lwazitshwa futhi lwenqatshwa, ithimba langoMgqibelo lahlangatshezwa esikhumulweni sezindiza saseNiamey nguNdunankulu oqokwe yijunta. Iqembu elingene ngendiza beliholwa ngowayengumholi wezempi eNigeria u-Abdulsalami Abubakar futhi lihlanganisa nomengameli wekhomishana ye- ECOWAS u-Omar Touray, kusho umthombo.