Now Reading
Kusolwa eyamatekisi kubulawa ujokhi odumile
Dark Light

Kusolwa eyamatekisi kubulawa ujokhi odumile

Kungakapheli isikhathi esingakanani esematheni ngokudla umhlanganiso kuDundee July, kuzwakale izindaba zokubulawa kukaMnu uLindani Dube waseVolksrust eMpumalanga ongujokhi wehhashi u-Alpha & Omega, Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngesikhathi kudutshulwa usomatekisi wase-Eastern Cape akade ehamba naye odlulile emhlabeni.

Kuthiwa uDube ubemenywe uMnu uNqaba Bandla ongusomatekisi, ukuthi abe yingxenye yomqhudelwano ocishe ufane neDundee July. Lo mqhudelwano ubuzoba se-Eastern Cape mhla zimbili kuMandulo ubezogibela ihhashi likaBandla, “Ikusasa Alaziwa”.

Kusolwa umbango wasembonini yamatekisi. UDube ngesikhathi egoduka nezinkulungwane ezingama-R300 emva kokunqoba iDundee July, watshela elaboHlanga ukuthi uzothenga inqovunqovu yemoto yohlobo lweFortuner. Nasho kahle ukuthi usezokwazi ukufaka kahle intandokazi yakhe (Alpha
& Omega) ngemumva mabeya kwimiqhudelwano eyehluka hlukene.

Akagcinanga lapho emva kokunqoba iDundee July, ngempelasonto elandelayo waya eKing Cetshwayo kumqhudelwano obizwa ngeKing Cetshwayo Horse-Racing.

Wabe eselala indawo yesibili nalapho ahlomula khona nezinkulungwane ezili-R150. KwiDundee July, waqala wadlala iNkandla May naphuma kuyona indawo yesibili wagoduka nezinkulungwane ezili-R15.

UNgqongqoshe woMnyango weZemidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal
uDkt uNtuthuko Mahlaba uthe:”Kubuhlungu kakhulu okwenzeke kuDube obengubaba nomuntu onekhono eliyisimanga. Kuthina siwuMnyango silahlekelwe ngoba ubengomunye obenza imiqhudelwano yethu ibe ngeyezinga eliphezulu ngokuncintisana okuyisimanga..

See Also

USihlalo weMpumalanga Rural Riding Associations, uMnu uMadlangampisi Shabalala utshele elaboHlanga ukuthi abakakholwa namanje.

“Kusenzima ukwamukela ukuthi umfowethu akasekho. Silahlekelwe ithemba lethu, umuntu ebesazi ukuthi usimela kahle noma kungathiwani. Sigqemekele engeqiwa ntwala. Ojokhi abancane ubani osezobaqeqesha, ngoba besithathe uDube” kusho uMnu Shabalala edangele. UMnu Shabalala ubalule ukuthi uzofihlwa ngeSonto uDube, bazomuhlonipha ngokufika namahhashi benze imidlalo ethize kuphinde kube khona abakwenzela umndeni beyinhlangano.

Scroll To Top