Abafundi bahlela ukungena emgwaqeni ngoNsfas


Isonto elizayo lingase livulwe ngchungechunge lemibhikisho yabafundi abakhalela ukushaywa ngemfe ipindiwe ngabengamele isikhwama sokulekelela abafundi ngezimali ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Student Financial AIDS Scheme (NSFAS).
Kusuka ngoMsomsombuluko abafundi kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme babamba imihlangano ubusuku nemini kuhlelwa le mibhikisho engadunga ukufunda. Abafundi basabisa ngokuthi kulokhu imikhankaso yabo bazoyikhomba ngqo kuNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli ngoba kuyabacacela ukuthi uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshs uDkt uBlade Nzimande usehlulekile.
Umfundi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal uSihle Mdunge uthe uNSFAS usecasha ngesithupha, iqiniso ukuthi uhlulekile ukufeza lokho owasubathembise khona.
“UMengameli naye wazibophezela ekutheni akumele kushaye isikhathi sokuhlolwa kukhona abafundi abasohlwini okumele engabe sebeyitholile imali yoxhaso,” kuphawula uMdunge.
Kukhona imvunge nakwezinye izinyunyana ezikhukumela phansi ukuthi kulokhu zizobeseka abafundi emibhikishweni yabo ngoba kuyacaca ukuthi kudlalwa ngabo. Ngeledlule abalesi sikhwama badalule ukuthi baphuce uxhaso abafundi abangaphezulu kwe-31 000 ababefake izicelo besebenzisa imininingwane engamanga. Isitatimende esikhishwe
iNSFAS sithe sebebonke abafundi abaphucwe uxhaso bangama-45,927 bakhishwa nasemabhukwini alesi sikhwama okusho ukuthi abasolhinde baxhaswe. Ukuze kugcine kubanjwe laba bafundi iNSFAS isebenzise izinhlaka zikahulumeni ezinjengoSars, uMnyango Wezasekhaya, iSouth African State Security Agency kanjalo nophiko olubheka isimo sabantu sezikweletu. Emuva kokucutshungulwa kwabo iningi lichithiwe, kwathi abafundi abayi-14,703 labuyiselwa uxhaso kubo abangama-31,224 baphucwa.
Kuvele ukuthi ngesikhathi befaka izicelo okokuqala abafundi bebesebenzisa imininingwane eqondile yabazali babo, lapho kuvela khona ukuthi bangakwazi ukumelana nezindleko zabafundi emanyuvesi bese beshaya ungqimphothwe uma sebefaka isicelo sesibili basebenzise imininingwane yabanye abantu abathi ngabazali babo.
Isitatimende esikhishwe abafundi baseNyuvesi yaseCape Town ngoLwesibili sithe
lena kwabe kuyindlela nje uNSFAS owawuzama ukuthola ngayo uzwelo kuhulumeni nasemphakathini iqiniso limile ekutheni imali iyadliwa kulesi sikhwama.