Kuqubuke ingebhe kutholwa olunye uKhuvethe


Emuva kokusabalala kwezindaba ezithi kukhona ohloliwe kwatholwa ukuthi usuleleke ngoKhuvethe olusha olubizwa nge EG.5 okanye i-Eric’s eGauteng, ingcindezi ibenkulu kuhulumeni ukuba kugqugquzelwe abantu ukuthi bagome.
Ekuzwakaleni kwalezi zindaba kwabanye kuvuke iminjunju yeminyaka emithathu edlule ngesikhathi kusabikezelwa ngobhubhane uKhuvethe olwashiya kukhalwa ezweni. Izibazi zoKhuvethe zisazwela njengoba lolu bhubhane lwadla fumuka lwadla silaza.
INhlangano Yezempilo Emhlabeni iWorld Health Organization (WHO) isanda kumemezela ukuthi lo mkhuhlane akumele uthathwe kancane ngoba ungaba nomthelela ongemuhle.
Ngokwale nhlangano okunye ukuhlola okwenziwe ochwepheshe buveze ukuthi umkhuhlane unomsuka eChina, eMelika, eRepublic of Korea, naseJapan,
Lo mkhuhlane umenyezelwa nje uhulumeni usevele ulihlabile ikhwelo lokuthi abantu bagome ukuze kugwenywe okwenzeka ngesikhathi soKhuvethe.
Lolu hlobo olusha lokhuvethe lutholwe eWestern Cape, kodwa ochwepheshe kwezempilo bathi amaphaphu phansi esizweni, mancane kakhulu amathuba okuthi lungasabalala ezweni lonke njengoba kwenzekile eminyakeni emibili edlule. Esifundazweni esinjengeWestern Cape abengamele ezempilo sebeqalile ukuxwayisa umphakathi ngobumqoka bokuzivikela nokufaka izifonyo uma bebona ukuthi basengozini.
Akukhona okokuqala kuqubuka uKhuvethe olusha emuva kwalolu olwashiya kukhalwa. Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kokudamba kwalolo, kwaba nemibiko yolunye olwalubizwa ngeXBB1.5 Omicron okwabikwa ukuthi lufana nalolu olwatholwa ngonyaka we-2022 eWestern Cape olungazange lube namthelela otheni. UMengameli uRamaphosa wacashunwa abantu kumele bahlale bezilungiselele ngaso sonke isikhathi, kungaze kulindwe emathonsi abanzi. Yize uKhuvethe olusha lusabikwe esifundazweni iGauteng
kuphela, kepha nakwezinye izifundazwe sebekushilo ukuthi bazokwenza konke ukuxwayisa abantu nokuqinisekisa ukuthi lolu Khuvethe alusabalali ngoba okwamanje akwaziwa ukuthi mngakanani umonakalo ongaludala uma lungasabalala.