Now Reading
Ubhodla umlilo owayeyinjini yeBanyana ngokuncetheza komqeqeshi
Dark Light

Ubhodla umlilo owayeyinjini yeBanyana ngokuncetheza komqeqeshi

Ushiye angalazi kumqeqeshi weBanyana Banyana nezikhulu zeSouth African Football Association (Safa), uPortia Modise. Le ngwazi yeBanyana isole umqeqeshi weqembu uDesiree Ellis ngokuba yivaka.

Umengameli weSafa uDanny Jordaan kuvela izindaba zokuthi uyalele umqeqeshi weqembu u-Ellis ukuthi angalinge adlalise unozinti weMamelodi Sundowns u-Andile Dlamini.

Lo nozinti kuthiwa nguyena owayehola isiteleka seBanyana ngendaba yamabhonasi ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba eqhubeka kwelaseNew Zealand nase-Australia. UDlamini ize yaphela iNdebe yoMhlaba elizwa ngendaba ijezi. UModise exoxa nelaboHlanga ukhwele wadilika kuSafa nomqeqeshi weqembu.

“UDesiree ungiphoxile. Uyigwala. Uncamela ukuvikela umsebenzi wakhe kunokubeka iqembu phambili. UDlamini ungomunye wabaholi eqenjini. Uqokwe njengonozinti ovelele iBanyana inqoba i-Afcon kodwa uma sekudlalwa iNdebe yoMhlaba usebekwa ebhentshini. Lento ayiwenzi umqondo kimina. Kusobala ukuthi ubejeziselwa ukulwela ilungelo lakhe nelozakwabo. UDesiree bekumele ashaye phansi ngokuthi enze okufanele kodwa uncamele ukuvikela umsebenzi wakhe,”
kubeka uModise umuzwa ukuthi unengekile. IBanyana iphume ku-last 16 koweNdebe yoMhlaba. Iguqiswe yiHolland ngo 2-0 kuvimbe uKyle Swart.

Igoli lesibili kube yiphutha lakhe. Nasemidlalweni yamaqoqo ugxekwe kakhulu ngamaphutha adlise iqembu. Kweyamaqoqo ungenelwe amagoli ayisithupha emidlalweni emithathu.

“USwart ngeke ngikhale ngaye. Udayiswe nguDesiree nezikhulu zeSafa ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo. UDlamini ngikholwa wukuthi ubengenza kangcono kodwa futhi uSwart akazidlalisanga. Uzokhula ngamaphutha. ISafa incamele ukuthi sisheshe siphume kulo mqhudelwano ngoba nakhu ifuna ukukhombisa amandla ayo. Ibhola labesifazane liyakhula. ISafa ilwa nempumelelo yamantombazane. Sekuyisikhathi sokushintsha ubuholi manje. Kunini sidlala umuntu oyedwa ocabanga ukuthi inhlangano ngeyakhe noma ngeyakubo,” kuqhuba uModise.

IBanyana iguqiswe yiSweden ngo-2-1 yase ibambana neArgentina ngo 2-2 ngaphambi kokuguqisa i-Italy ngo 3-2 kowokugcina yamaqoqo.

See Also

“IFifa ngiyethemba ukuthi izongenelela odabeni lokucazwa kwamabhonasi. Amantombazane kumele ayithole njengoba injalo imali yawo. Ayisebenzele futhi iwafanele. Asifuni ukuzwa izitori uma sekumele amantombazane athole okungokwabo. Le mali izokwenza umehluko omkhulu ezimpilweni zawo. Phela abanye ikakhulukazi laba abadlala ekhaya bayasebenza. Ukudlala ibhola yinto abayenza ngemuva komsebenzi,” kuchaza uModise.

Umdlali ngamunye uzohlomula ngemali engaphezu kwesigidi ngokuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba kulandela ukuthi iBanyana ifinyelele ku-last 16 yeNdebe yoMhlaba.

“UDesiree uqale kusalelwa amabhonasi ukudayisa amantombazane. Ngesikhathi eteleka naye kwakumele angavumi ukuyohlala ebhentshini. Kwakumele afe lapho kufela khona amantombazane. Yena uncamela ukwenza noma yini ukuvikela umsebenzi wakhe. Akulona uhlobo lomholi esimdingayo lowo. Umholi oqothoakenzisi okukaDesiree. Kumele alilwele iqiniso nobulungiswa.”

Scroll To Top