Now Reading
Kubungazwa amagalelo embokodo kwezemidlalo
Dark Light

Kubungazwa amagalelo embokodo kwezemidlalo

Imidlalo yabesifazane ayinakiwe ngokuningi okwenza ukuthi idonse kanzima, ibekezele kulolu sizi

Inhlangano engenzi nzuzo iGsport4girls egubha iminyaka eli-15 yasungulwa ngokubambisana neMomentum kanye noMnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka bazobungaza abesifazane kwezemidlalo emcimbini waminyaka yonke iMomentum Gsports Awards. 

Lo mcimbi wokuklomelisa abesifazane walolu hlobo iwona ohamba phambili ezwenikazi i-Afrika. Sebehlonziwe abadlali abangama-60 abasemathubeni okugoduka nemiklomelo ngokwehlukana kwezigaba. Laba besifazane bahlonzwe eminxeni yonke yezemidlalo kusuka kwekhokhelayo nengakhokheli. Abazonqoba bayomenyezelwa ngasekupheleni kwephezulu.

Le nhlangano yasungulwa ngowezi-2006 nguKass Naidoo owaba nguyena wokuqala ukuba ngumsakazi wekhilikithi okumanje usingatha uhlelo lwezemidlalo kuRadio 2000. Wazakhela igama ngowezi-2003 ngesikhathi ephethe uhlelo kuthelevishini kusakazwa iNdebe YoMhlaba yekhilikithi eyayibanjelwe kuleli. 

UNaidoo ngokwesekwa abanye besifazane wakwazi ukuhlela okokuqala ngqa umcimbi iGsport Awards ngowezi-2006. Kulo mcimbi kwakukhona abesifazane abangama-20 bezobungaza oyedwa owayeklonyeliswa. Eminyakeni elandelayo usukhule kakhulu lo mcimbi njengoba usunezigaba eziyisishiyagalombili ezibungaza abasefazane namagalelo abo kwezemidlalo. 

Inhloso yokusungula le nhlangano ukuzama ukuvala igebe eliphakathi kwezemidlalo yabantu besilisa nabesifazane. Ngaphambi kowezi-2006 abesifazane abakwezemidlalo bebengakutholi ukuhlonishwa njengabesilisa. Le nhlangano ifuna ukubuyisa isithuzi kwabesifazane ngokubhala ngemisebenzi yabo bakwazi ukuthola noxhaso njengoba kwenzeka kwabesilisa. 

Ukufakazela lokhu eNingizimu Afrika ezemidlalo zabantu besilisa ziyasakazwa kuthelevishini, zinabaxhasi. Isibonelo kuwona lo nyaka uSihlalo we-ABSA Premiership wamemezela ukuthi iPremier Soccer League yenze inzuzo eyisigidigidi kodwa iligi yabesifazane ayinabo abaxhasi. Okunye imidlalo yabantu besifazane okujwayelekile ukuthi isakazwe kungaba ibhola likanobhutshuzwayo, umbhoxo noma eyekhilikithi, 

Okunye isikhathi esiningi iningi labesifazane belinikela ngesikhathi salo kwezemidlalo beneminye imisebenzi abayenza eceleni ngenxa yamaholo angalingani nawabadlali besilisa. 

IGsport4girls isikwazile ukubuyisa ithemba kubadlali besifazane nokubagqugquzela ukuthi basebenze kanzima ngokubakomelisa minyaka yonke kuMomentum Gsport Awards. UHazel Gumede owafakwa kuHall of Fame ngowezi-2007 yile nhlangano emcimbini waminyaka yonke uthi le mibungazo ibaluleke kakhulu ukugqugquzela abesifazane ukuba baphokephele phambili kwezemidlalo yize abanye bengakhokhelwa ukudlala. Uqhube wathi: “Ngesikhathi iGsport ingihlonipha ngowezi-2007 kwaba unyaka engingasoze ngawukhohlwa. Kwangigqugquzela ukuba ngisebenze kakhulu kunasekuqaleni futhi ngakwazi nokuqala ibhola lomqakiswano.”

Aseke badla umhlanganiso

UThembi Kgatlana odlalela iqembu laseSpain iSD Eibar neBanyana Banyana. Le ntokazi eyifolosi yahlabana ngomkomelo iMomentum Athlete of the Year ngowezi-2019 nalapho yayincintisana noCaster Semenya ongumpetha womhlaba ebangeni lama-800m noGerda Steyn owanqoba iComrade Marathon ngowezi-2019. 

Ngowezi-2018 uCaster Semenya wenza ezibukwayo ekhala emuka neSRSA Athlete of the Year okwesine eminyakeni eli-13. Akagcinanga lapho njengoba aphinde waqokwa njenge-Woman of the Year. Omunye owenza kahle kwaba uTatjana Schoenmaker oyinhlambi owaqokwa njengeSasol Emerging Athlete of the Year emveni kokunqoba izindondo ezimbili zegolide emidlalwani iCommonwealth Games. 

Emcimbini walo nyaka obhekwe kakhulu nguBabalwa Latsha ongukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo. Le ntokazi iqokelwe ezigabeni ezintathu i-Athlete of the Year, iWoman of the Year kanti usethubeni lokuba ngowokuqala ukunqoba iGlobal Woman in Sport. ULatsha oneminyaka engama-26 ube nonyaka omuhle kakhulu njengoba ekwazile ukuhola iqembu lesizwe lakwazi ukuhlungela iNdebe YoMhlaba ezobanjelwa eNew Zealand ngowezi-2021. Uphinde waba ngumdlali wokuqala odabuka kuleli ukuyodlala phesheya kwezilwandle kwazise usedlalela iqembu laseSpain iEiba Rugby Taldea. 

Ongase amphazamise u-Anrune Weyers naye oqokelwe esigabeni i-Athlete of the Year. UWeyers ubenonyaka omuhle yize kade ebuya ekulimaleni ngasekuqaleni konyaka wezi-2019. Unqobe izindondo ezintathu emidlalweni iWorld Para Athletics Championships ebibanjelwe eDubai ngoLwezi nyakenye. Uphethe nerekhodi lama-400m wakwazi nokuhlungela imidlalo yamaParalympics ezobanjelwa eTokyo ngowezi-2021. Le ntokazi isethubeni lokugoduka nomklomelo i-Athlete with Disability.  

Ezinye izigaba okulindeleke zidlane imilala khona esokuba umqeqeshi wonyaka lapho kukhona umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis okwesibili kulandelana eqokelwe kulesi sigaba. 

Lo mqeqeshi usize iBanyana yakwazi ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ebisingethwe iFrance nyakenye. Kulesi sigaba kuphinde kube khona uDorette Badenhorst ocija iProteas Netball eqede endaweni yesine emidlalweni yeNdebe YoMhlaba ebidlalelwa eLiverpool. Kuphinde kube khona uDinesha Devnarain oqeqesha iqembu lesizwe lekhilikithi labangaphansi kweminyaka eli-19. 

Amaqembu alaba baqeqeshi azophinde abe sembangweni wokuba iqembu lonyaka kwazise wonke abe nonyaka omuhle ngenxa yempumelelo abe nayo ngowezi-2019. ISpar Proteas iqede endaweni yesine kweyomhlaba kanti bakwazile ukuba ompetha bezwekazi i-Afrika. IMomentum Proteas okuyiqembu lesizwe lekhilikithi yakhishwa emdlalweni owandulela owamanqamu ku-ICC Women’s T20 World Cup. IBanyana Banyana yangena okokuqala ku-FIFA Women’s World Cup. 

UKass Naidoo ukuvumile ukuthi ukufika kokhuvethe kuphazamise okuningi kodwa lokho ngeke kwabathikameza ekubungazeni impumelelo namagxathu athathwe abantu besifazane kwezemidlalo ngowezi-2019. Nonyaka athi ube yimpumelelo enkulu kwezemidlalo esigabeni sabesifazane. 

Inxusa lomcimbi wakulo nyaka uPenny Heyns owaba ngokuqala ukuthola iGsport Award ngowezi-2006. UPenny  owayeyinhlambi, waduma ngesikhathi enqoba izindondo ezimbili zegolide emidlalweni ye-Olympics ayebanjelwe e-Atlanta ngowe-1996. 

ISikhulu Esiphezulu sakwaMomentum esigabeni sokukhangisa uCharlotte Nsubunga-Mukasa sithe: “Inhloso yeGsport Awards ukuphakamisa ezemidlalo zabantu besifazane nokugqugquzela abaxhasi ukuba balule isandla nasesigabeni sabesifazane. Okuyinto ehambiselana nathi siwuMomentum sigqugquzela ukuphumelela kwabesifazane.” Uqhube wathi, abantu besifazane sebezuze okuningi kwezemidlalo kodwa impumelelo yabo kayisukunyelwa njengeyabesilisa. Ingakho beziqhenya ngokubambisana neGsport4girls ekubungazeni impumelelo yeMbokodo. 

Sezizonke izigaba ekuncintiswana kuzona zithakwe kanjena

Kwese-Athlete of the Year

  • uBabalwa Latsha
  • u-Anrune Weyers
  • uHayley Nixon

Kwese-Athlete with Disability

  • u-Anrune Weyers
  • uKgothatso Montjane
  • uCatherine van Staden

Kwese-Emerging Athlete of the Year

  • uCaitlin Rooskrantz
  • uCaitlyn Macnab
  • uPhakama Yantolo

KweseCoach of the Year

  • uDesiree Ellis
  • uDinesha Devnarain
  • uDorette Badenhorst

KweseSchool Sports Star 

  • u-Awande Malinga
  • uKaitlyn Ramduth
  • uZahraa Bodiat

KweseWoman in TV

  • u-Andee Mahamba
  • uMotshidisi Mohono
  • uNatalie Germanos

KweseWoman in Radio

See Also

  • u-Itumeleng Banda
  • uLebo Motsoeli
  • uNthabiseng Mamabolo

KweseWoman in Social Media

  • uJo Prins
  • uLamla Mamoti
  • uNandi Buthelezi

KweseWoman in Print

  • uBusisiwe Mokwena
  • uLynn Butler
  • uMarizanne Kok

KweseWoman in PR and Sponsorship

  • uKeabetswe Taele
  • uLona Benya
  • uNqobile Gama

KweseWoman of the Year 

  • uBabalwa Latsha
  • uSarah Braude
  • uVirginia Mabaso

KweseStyle Star

  • uMbali Sigidi
  • uTatjana Schoenmaker
  • uZinhle Ndawonde

KweseSupporter of the Year

  • uMamello Makha
  • uSelina Munsamy
  • uShannon Landman-Kriel

KweseTeam of the Year

  • iBanyana Banyana
  • iMomentum Proteas
  • iSPAR Proteas Netball Team

KweseVolunteer of the Year

  • uMpho Makhoba
  • uSelina Munsamy
  • uSiya Loyilane

KweseFederation of the Year

  • iCricket South Africa
  • iNetball South Africa
  • iSA Gymnastics

KweseSpecial Recognition Award

  • u-Elizabeth Smith
  • uTshepi Moropa
  • uSue Pather

KweseSponsor of the Year

  • iHollywoodBets
  • iSPAR
  • iTelkom

Kwese-African Woman in Sport [New Award]

  • uCaroline Nyadiero
  • uNontuthuko Mgabhi
  • u-Usher Komugisha

KweseGlobal Woman in Sport [New Award]

  • uBabalwa Latter
  • uKarla Pretorius
  • uMignon du Preez
Scroll To Top