Now Reading
Kuya ngokunyukela kweyeNdebe Yomhlaba
Dark Light

Kuya ngokunyukela kweyeNdebe Yomhlaba

Imidlalo yeNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo besifazane ebanjelwe eNew Zealand ngokubambisana ne-Australia, eqale emasontweni edlule iya ngokushuba njengoba isisesigabeni samaQuarter-Finals.

Okuqaphelekayo ukuthi kule midlalo ukuthi amaqembu akade ebhekiwe ukuthi engenza kahle, aseliwashile ijezi kanti amanye yize eyizimfivilithi kodwa imidlalo yawo ayinqoba kanzima.

Okubalwa i-United States of America (USA) esidle isicoco seyoMhlaba amahlanda amane ngowe-1991, 1999 ingowezi-2015 nangowezi-2019 neGermany yona eyasinqoba ngowezi-2003 nangowezi 2007.

ElaboHlanga lizobheka imidlalo yonke yeQuarter-Finals, nokuthi amaqembu ayidlale kanjani imidlalo yayo ngaphambi kokufika kule sigaba.

  Spain vs Netherlands:

Lo mdlalo uzoqala ngehora lesi-3 izintatha, uzobanjelwa eWellington Regional Stadium.

Spain

3-0 Costa Rica

5-0 Zambia

0-4 Japan

Last 16:

5-1 Switzerland

Netherlands

1-0 Portugal

1-1 United States of America (USA)

7-0 Vietnam

Last 16:

2-0 South Africa

  Japan vs Sweden

La maqembu kulindeleke ukuthi agadulisane emdlalweni ozoqala libumbele elesi-9 namhlanje ekuseni.

Lo mdlalo uzobanjelwa e-Eden Park. Womabili lamaqembu asayinqobe yonke imidlalo yawo, okubukeka kuyikho okuzokwenza ushube lo mdlalo.

Japan

5-0 Zambia

2-0 Costa Rica

4-0 Spain

Last 16:

3-1 Norway

Sweden

2-1 South Africa

5 -0 Italy

2-0 Argentina

Last 16:

ISweden inqobe sekukhahlelwa amaphenathi ngamagoli amahlanu kwamane, eqenjini ebelivikela isicoco i-USA.

  Australia vs France

Lo mdlalo iwona ozovula kusasa ngoMgqibelo, nokulindeleke ukuthi uqale libumbene ihora lesi-9 ekuseni eSuncorp Stadium.

Osokhaya i-Australia izothwala kanzima ukuze idlulele phambili, ngoba neFrance ayigayelwe mphako.

Australia

1-0 Republic of Ireland

2-3 Nigeria

4-0 Canada

Last 16:

2-0 Denmark

See Also

France

0-0 Jamaica

2-1 Brazil

6-3 Panama

  England vs Colombia

Kulo mdlalo kulindeleke ukuthi ube namagoli amaningi, uphinde ushiye abalandeli bethokozeli. La maqembu kusukela uqalile lo mqhudelwano adlala kahle kakhulu. IJamaica ibingabhekiwe ukuthi ingenza kahle, kodwa manje abaningi sebeyibheke ekutheni ingadlulela phambili. Lo mdlalo uzobanjelwa eStadium Australia ngele-12:30.

England

 1-0 Haiti

1-0 Denmark

6-1 China

Last 16:

Inqobe ngamagoli amane kwamabili sekukhahlelwa amaphenathi, idla iNigeria.

Colombia

2-0 South Korea

2-1 Germany

0-1 Moroco

Last 16:

1-0 Jamaica

Imidlalo eyandulela eyamanqamu, izodlalwa mhla zili-15 nangomhla zili-16.

Kuzothi mhla zili-19 kubangwe indawo yesithathu,  umdlalo wamanqamu wona uyodlala mhla zingama-20 eStadium Australia.

Scroll To Top