Now Reading
Ngabe ubuholi obusha eKZN buzolandela ikhwelo likazwelonke ngoRamaphosa
Dark Light

Ngabe ubuholi obusha eKZN buzolandela ikhwelo likazwelonke ngoRamaphosa

Ukunqoba ihlandla lesibili kukaNkk uNonhlanhla Khoza onguMphathiswa Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal njengoSihlalo Wophiko Lwabesifazane esifundazweni sekwenze injolozela yaba ngakubaholi balolu phiko ngokuthi bazoma ngakuphi okhethweni lukazwelonke.

UNkk uKhoza umenyezelwe njengonqobile ehlula uzakwabo uNkk uSithole-Moloi onguMphathiswa. Kubanjwa le ngqungquthela nje, ngesonto eledlule uphiko Lwabesifazane  Kuzwelonke luqoke uNkk uSisisi Tolashe njengoMengameli omusha, ehlula imbangi yakhe uNkk uBathabile Dlamini.

Le ngqungquthele bese ihlehliswe iziwombe eziningi kukhona ukungaboni ngasolinye. Uthe eqokwa nje uSisisi wangapholisa maseko wakubeka ngaphandle kwamathandabuzo ukuthi bazokweseka uMengameli uCyril Ramaphosa esikhundleni sikaMengameli wezwe ukuze aqhubeke nehlandla lesibili. Nengqungquthela yokukhetha ubuholi bentsha ebanjwe ngenyanga edlule yaphakamisa igama lika Mengameli uRamaphosa kwesikaMengameli.

Ngaphambi kokubanjwa kwale ngqungquthela bekukukhulu ukukhuluma okuthi uma kuqokwa uBathabile Dlamini kuyosho ukubuya kohlangothi oluphikisana noMengameli uRamaphosa. Ukunqoba kukaSisisi kuhunyushwe njengokunqoba umzuliswano omqoka kuRamaphosa okunomthelela omkhulu ekumwezeni ehlandleni lesibili njengomengameli wezwe.

Esikhundleni sePhini likaMengameli umhlanganiso udliwe uNkk uLungi Gcabashe, uNokuthula Nqaba uqokwe kwesikaNobhala Jikelele. Emuva kweminyaka ecwilile kupolitiki uNkk uDina Pule unqobe isikhundla sokuba iPhini likaNobhala Jikelele, uMgcinimafa kwaba uMaqueen Letsoha-Mathae. UNkk uDina Pule ufane nomafavuke njengedangabane njengoba waxoshwa esikhundleni sokuba uNgqongqoshe Wezokuxhumana ezinsolweni zokungcebeleka emazweni aphesheya nesoka lakhe ngemali yabakhokhintela.

KwaZulu-Natal uSihlalo uKhoza ucele zonke izinhlangothi ebezisembangweni kulolu khetho ukuba zihlakazwe manje kugxilwe ezinhlelweni zabesifazane esifundazweni. Uthe kulesi sikhathi esibucayi isizwe esikuso, kumqoka ukugcina ukubumbana kophiko Lwabesifazane kuKhongolose.

See Also

“Umsebenzi osemahlombe ethu ukuthuthukisa abesifazane, okuyinto esemqoka ukuzedlula zonke. Inhloso yethu enkulu kumele kube ukuqeda ukwehlukana, nokuyeka ukubeka phambili ubuthina, esikhundleni salokho sigxile ekuthuthukiseni umphakathi wethu,” kusho uNkk uKhoza.

Unxuse amalungu Ophiko Lwabesifazane ukuba abonakale emphakathini, kube yiwo angamavulandlela okukhombisa ukuzimisela kukaKhongolose ukusebenzela umphakathi. IPhini likaKhoza uMphathiswa uMbali Fraser, Wezemfundo, uNobhala uNkk uZamazulu Sokhabase, uNkk uFikile Masiko, ilungu lesiShayamthetho uqokwe njengePhini likaNobhala, uMgcinimafa uNkk uMatozi Dlamini, oyiMeya yakwaMaphumulo.

Scroll To Top