Uzizwe engokhethekile eqokelwa eqenjini lesizwe lomnqakiswano



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Igama lakhe lihlale likhona lapho kumenyezelwa abazomela izwe emiqhudelwaneni emikhulu yomhlaba athi konke lokho kuwumphumela wokusebenza kanzima nokungalilahli ithemba kwakwenzayo.
Kungakapheli isikhathi esingakanani eqokelwe eqenjini lesizwe lomnqakiswano, kuthe lapho umqeqeshi esememezela abadlali abazomela elakuleli kweyoMhlaba igama lakhe langasala.
Lowo ngu-Owethu Sesandile Ngubane osukile phansi njengoba ewu-181 cm. Le ntokazi eyazalelwa ePort Elizabeth kodwa yakhulela KwaZulu-Natal, idlale umdlalo wayo wokuqala kwiSpar Proteas (iqembu lesizwe) ngoMasingana nonyaka lapho elakuleli lalidlala nompetha boMhlaba i-Australia koweQuad Series.
Sekungumlando ukuthi elakuleli laguqa ngamapuzu angama-65 kwangama-48.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nale ntokazi eyadlala umdlalo weNdebe YoMhlaba, ngesikhathi elakuleli lihlula iTrinidad and Tobago ngamaphuzu angama-69 kwangama-28. U-Owethu wathatha indawo kaLenize Potgieter owabe elimele.
U-Owethu ubehambe neqembu lesizwe ezongena uma kukhona olimalayo kubadlali abali-12.
Le ntokazi edlalela i-University of Johannesburg (UJ), ithe ijabule ukuthi ikwazile ukudlala iNdebe YoMhlaba ilapha eNingizimu Afrika.
“Okokuqala kwaba into enkulu ukuthi igama lami labizwa kubadlali abazoba yingxenye yeqembu lesizwe kweYoMhlaba. Kuthe mangithola ithuba lokuthi ngidlale ngavele ngaphelelwa amazwi, nganomunyu. Ngazizwa ngibusisekile ukuthola ithuba lokumela izwe lami lidlala lapha ekhaya kweyoMhlaba. Ngidlala nabantu engikhule ngibukela kubona,” kusho u-Owethu.
Yize engakadlali isikhathi eside eqenjini elikhulu, kodwa udlalile kwelabaneminyaka engaphansi kwengama-21(Baby Proteas).
Uphinde waqokelwa ukumela iNingizimu Afrika koweConfederation of Universities and Colleges Sports Association (CUCSA), eMalawi. NgoLwezi, ubeyingxenye yeqembu laseNingizimu Afrika leFast5 elathatha indondo yesiliva kuNetball World Series eChristchurch, eNew Zealand.
Nakuba lo mdlali oneminyaka yobudala engama-21 ubudala ubejabule ngokudlala okokuqala eNdebeni yoMhlaba kodwa inhliziyo yakhe ibibuhlungu ukuthi umdlali athathe indawo yakhe, uLenize ungomunye wabadlali abukela kubona.
“Ngajabula uma ngibizwa yize uLenize engumuntu engibukela kuyena, uyangigqugquzela. Kwaba buhlungu ukuthi ngizongena esikhundleni sakhe. Kodwa kube kuhle ukuthi abaqeqeshi banginike ithuba lokungena kubadlali abali-12,” usho kanje.
“Ngifunde lukhulu ukudlala esigabeni esikhulu kangaka. Ukudlala nabadlali abanamava kungikhulise kakhulu, nokudlala namaqembu ahlonishwayo emhlabeni” kuqhuba u-Owethu.
Le ntokazi ithe yaqala lo mdlalo isafunda emabangeni aphansi. Ike yadlala kwiRebel nakwi-Cheetahs Academy womabili la maqembu awaKwaZulu-Natal. Izifela kakhulu ngoBongiwe Msomi ongukaputeni weSpar Proteas.
“Ngifuna ukuqhubeka nokusebenza kanzima, ngenze kahle nasesikoleni. Kodwa iphupho lami ukuyogijima phesheya kwezilwandle,” kusonga u-Owethu.