Izazelene kakhulu kunakuqala kuMaSisulu noRamaphosa
Yize sekungumlando ukuthi owayenguNgqongqoshe Wezokuvakasha uNks uLindiwe Sisulu wagawulwa yizembe likaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi eshintsha iKhabhinethi yakhe, kepha impi phakathi kwalaba baholi kubonakala isazoshuba kunakuqala. Wakhonjwa indlela nje wayesevele ebona ukuthi kwakukhona okumnyonyobelayo, kwazise wayeseshilo ukuthi noma uMengameli angambuyisela esigungwini sakhe sokuhola uzolibonga lelo thuba. Wayesekubeke kwacaca ukuthi wayengasaziboni esebenza ngaphansi kwakhe.
Nebala kwaya ngawo amagama enkehli ngoba kwathi ekuchithweni kwakhe kwesikaNgqongqoshe wesula nasePhalamende.
UNks uSisulu waba ngowokuqala ezinhlakeni ze-ANC kuzwelonke ukuphonsela uRamaphosa inselelo ngodaba lwasepulazini lakhe iPhala Phala. Akazenge akufihle ukuthi ukuvela kwalezi zindaba kwenze uMengameli waba nechashaza okwenza angakulungeli ukuhola umbutho ohlonishwayo nonomlando ongangatshazwa njengoKhongolose.
Nguye futhi owabhala umbono ngaphansi kwesihloko esithi, “Hi, Mzansi, have we seen justice”. Kulo mbono wayebalula ukubanjwa ngamankwahla kwezobulungiswa ngaphansi kwabahola izwe, eqhathanisa okwenzeka kwezobulungiswa nokufana ncamashi nokwakwenziwa ngesikhathi kusabusa uhulumeni wobandlululo.
Waveza nokuthi aboHlanga yibo abaningi ezweni kepha baseyizicelankobe kuhulumeni wabo, futhi nalo mnotho okukhulunywa ngawo akukho lapho bebambe kuwo iqhaza.
Labo abeseka uRamaphosa bathi uSisulu “ubuhlungu”;ngenxa yokuthi uhluleke wancama ukufinyelela lapho abenezifiso zokufinyelela khona kupolitiki. “Usezame amahlandla amabili ukuba nguMengameli kodwa aphikwe izinto, ngenxa yokuthi unakho ukucabanga ukuthi uKhongolose ngowakubo,” kuphawula ilungu le-ANC elisesigungwini esiphethe eWestern Cape.
Kukhona nabathi ngoba kuyaziwa ukuthi ku-ANC nakuhulumeni akugugwa usengabuya ngeshodi. Kuleli sonto kucace kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi uSisulu akayedwa empini yokududula uRamaphosa, kepha kukhona nabade begadla emaceleni bemphusha ukuba angapheli mandla.
Intatheli ye-Independent Media ibhale umbono ohlabe wahlikiza uMengameli ngokuzama ukucima umlando wabakwaSisulu emzabalazweni wenkululeko yaleli lizwe. Ingxenye yalo mbono ithi, “ Umlando usitshela ukuthi uLindiwe Sisulu ungumholi ongangatshazwa kaKhongolose futhi onomlando oncike ekulweleni inkululeko yaleli lizwe. Umndeni wakhe uwodwa nje wachitha iminyaka engama-56 ejele iRobben Island kusuka esizukulwaneni ezintathu. Unina u-Albertina Sisulu waboshelwa endlini, evalwe umlomo abuye aboshwe ngayedwana uhulumeni wobandlululo. Yena uqobo uLindiwe nabafowabo uMax, uMlungisi noZeelakhe bachitha iminyaka Eli-13 ejele. Njengeminye imindeni, kulula ukulandelela ukuzinikela kwawo emzabalazweni wenkululeko.”
Intatheli iqhuba ithi uLindiwe Sisulu wahlukunyezwa kanzima uhulumeni wobandlululo okubonakala insila yalokho isekhona kusetshenziswa isichuse esinguRamaphosa. “Umholi onjani we-ANC olawulwa ongxiwankulu okungangokuba aze axoshe uNgqongqoshe isigomagoma somzabalazo sikaKhongolose isikhala saso asivale ngelungu nje elingathi shu leqembu eliphikisayo.” Umbono uqhuba uthi ukube uRamaphosa wayezimisele nokulwa nenkohlakalo isikhundla sokuba nguNgqongqoshe Wamaphoyisa wayengasinika umuntu onjengoSisulu owayezomfaka ezikhindini zisuka nje ngamacala asukela kwisibhicongo saseMarikana, iPhala Phala kanye nokungavumi ukuveza ukuthi ubani owayexhase umkhankaso weCR17.
Abahlaziyi bathi njengoba zihubela sakusha ngokhetho lukazwelonke oluzobanjwa ngonyaka ozayo, kusazoshuba kakhulu kulabo abayizimbangi zikaRamaphosa.
Kukhona abathi uDkt uZweli Mkhize ungomunye wabantu abafake ikhanda phansi, abaziwayo ukuthi abekho ngakuRamaphosa.

