Now Reading
UNkwe luthi akakabi bikho uNdunankulu laqhubeka nezinsolo
Dark Light

UNkwe luthi akakabi bikho uNdunankulu laqhubeka nezinsolo

Kuleli sonto njengesethembiso amaziko abezindaba athole isimemo. Lesi simemo besivela kuloyo owabe enguMkhulumeli weSILO, uMntwana u-Afrika Zulu wasOnkweni. 

Cishe bonke abezindaba bebelinde lukhulu kwazise uMntwana wabe ethembise ukuthi uzokhipha konke akubiza ngezizathu zokumiswa kwakhe. Nokho akubanga njengamagama enkehli. Yize uMntwana elunguzile kulokho athi zizathu okukhulu ukubeke njengezinsolo.

Isibonelo uveze inkulumo ethi kukhona umehlokaboni owakhishwayo nguMfu uButhelezi ukuze aqokelwe kwesokuba nguNdunakulu. UMntwana ukhulume ngezigidi ezinhlanu. Kuthe uma sekubuzisiswa wabe lokho esekubeka njengenzwabethi nokho athe uma ngabe iliqinisi kuyosho inhlekelele.

Okunye akuveze wukuthi ukhishwa nje ubevele eboshelwe amanqina enyathi. Ubalule ngabantu ababize ‘ngekhabhinethi’ nathe babandakanya osomabhizinisi thize. Laba uMntwana uthe banenhloso eyodwa okuwukulawula iSILO.

“ISILO simsulwa kuyo yonke le nto, sifela ukulunga kwaso. Abantu abayinkinga yilaba abafuna ukusilawula”, kusho uMntwana. 

Uthe udosi lwalaba bantu kalutinyele nje yena neNkosi uMzimela kuphela kepha lwaqala kuMntwana waKwaPhindangene kanye nabameli beSILO abadala. Ube eseveza nokuthi omunye ovalelwe ngaphandle yikhabhinethi leli yiNgwenyama yamaSwati engumalume weSILO.  Kuze kwaphela isithamnagami uMntwana engawakhiphanga amagama alaba athi yikhabhinethi.

OlukaNdunankulu

Ube esengena kwelokuqokwa kukaNdunankulu nokube sobala ukuthi kalumphathanga kahle. Uvumile ukuthi ngokwakhe wabe ecabanga ukuthi kuzoqokwa iNkosi uZuzifa Buthelezi ngenxa yomlando. Waphinda wakuveza ukuthi omunye abemeseka nguMntwana wakwaMahlobo, uMthokozi nathe ubezokhulela kuso isikhundla lesi.

See Also

“Ngokwami uThulasizwe angimthathi njengoNdunankulu kaZulu,” kusho uMntwana. Khona lapho ube eseba nombono ngesinqumo seSILO manxa kufika ku-Ingonyama Trust nabe nombono wokuthi ukuzibambela kwaso leli bhodi kusho ukuthi kuyomele siye ePhalamende.

Ube eseveza umbono othi loyo okumele ahlale kwesobuNdunankulu kumele kube yiNkosi noma ozalwa yiNkosi nathe kusemlandweni. Yize iNkosi uChiliza iqokwe njengesekela uMntwana uthe bekungeyena umuntu esimfanele lesi sikhundla ngoba kamazi.

“Lokhu (ukuzibambela kweSILO) kusho ukuthi kuzofanele siye ePhalamende siyophendula ngokusetshenziswa kwemali ye-Ingonyama Trust. ISILO kuzomele siphendule ngokubhubhudlwa kwemali, njengoba ISILO simatasa kangaka sizosithathaphi isikhathi,” kubuza uMntwana.

Okube sobala kulesi sithangami wukuthi uMntwana usola hhayi kuphela ababize ngekhabhinethi ekususweni kwakhe kepha usola nesandla sikaNdunankulu kaZulu kulokhu. Yize engazivezanga izizathu ezibambekayo nathe uxoshelwe zona kepha okube sobala wukuthi akaneme ngalabo abazungeze iMbube.

Scroll To Top