Now Reading
Phezu kwezinqinamba ikwazile ukudlulela phambili iBanyana Banyana
Dark Light

Phezu kwezinqinamba ikwazile ukudlulela phambili iBanyana Banyana

Liqophe umlando iqembu lakuleli lebhola likanobhutshuzwayo iBanyana Banyana, inqoba okokuqala ngqa kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba ukunqoba kwalo kwenze lazibekisela kweyomkhumulajezi.

Elakuleli lithele phansi othulini i-Italy ngamagoli amathathu kwamabili, emdlalweni obubanjelwe eWellington Regional Stadium, eNew Zealand.

Amagoli eBanyana Banyana elokuqala kube umkhonto ogazwe ekhaya elishawe uBenedetta Orsi, kaba elikaHilda Magaia noThembi Kgatlana olishaye selizoyozikahla kunina. Womabili awe-Argentina aqhamuke ku-Adriana Caruso.

IBanyana Banyana eqeqeshwa uDesire Ellis ingene yazi kamhlophe ukuthi kumele iwunqobe lo mdlalo ukuze izibeke ethubeni lokudlulela kwiLast 16. Uma yenza kanje konke bese kulele ekutheni kwenzakalani phakathi kweSweden ne-Argentina. ISweden igcine inqobe ngamabili eqandeni, yaqeda izihola phambili eqoqweni G.  

IBanyana Banyana yona iqede endaweni yesibili ngamaphuzu amane, yalandelwa yi-Italy ngamathathu, i-Argentina yaqeda emsileni ingenaphuzu.

Okuqaphelekile kulo mdlalo weBanyana Banyana ne-Italy ukuthi kube nezinguquko ezikhona, okungene ue uNoko Matlou noRobyn Moodaly ezindaweni zikaRefiloe Jane noNoxolo Cesane.

See Also

USihlalo wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin Khoza ukhiphe isitatimende ebongela iBanyana Banyana.

“IBanyana Banyana iphendule umbuzo othi; uwina kanjani unengcindezi futhi ubhekwe kangaka? Impendulo idinga isibindi, kumele uhlale uqaphile ngaso sonke isikhathi. Ayikho indawo yokucasha, ukusebenza ngobuqotho yikhona kuphela okusizayo”kusho uKhoza.

Kolandelayo iBanyana Banya izotholana phezulu neNetherlands, emdlalweni ozokuba ngeSonto ngehora lesine izintatha ngesikhathi sakuleli.

Scroll To Top