Ufunga uyagomela ukuthi injomane yasekhaya izonqoba nakanjani



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
“Inkunzi ayikhishwa esibayeni sayo”, lawa ngamazwi aphinyiswe uSakhethi Hlabisa ongumnikazi wehhashi elizobe liyingxenye yomqhudelwano iKing Cetshwayo June.
Lo mqhudelwano uzoqala namuhla ngoLwesihlanu uze usongwe kusasa ngoMgqibelo. UHlabisa ungumnikazi wehhashi aliqamba ngokuthi Usuthu.
Ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Kuyajabulisa ukuthi sizoba nendumezulu yomqhudelwano okokuqala endaweni yakithi, kusho lukhulu lokhu. Njengoba ihhashi lami lizobe likhona kulo mqhudelwano nakanjani ngifuna kube yilo elidla umhlanganiso, ngiyazi maningi amahhashi anamagama amakhulu ezobe ekhona kodwa ngikholelwa ekutheni akekho umuntu ongakhipha inkunzi esibayeni sayo. Ozonqobakumele aphume lapha ekhaya” usho kanje.
Leli hhashi lizoqeda iminyaka emine likhona, okuzobe kunguye ozobe eligibele uCebo Hlabisa ophinde abe ngumculi waMageza Amahle. Phambilini leli hhashi like lanqoba umqhudelwano weNkandla May.
ElaboHlanga liphinde lakhulu no-Mdubane Gama, ongumnikazi wamahhashi anohlonzo esifundazweni iKwaZulu-Natal uthe bayakuthakasela ukwanda kwemijaho yamahhashi kulesi fundazwe.
“Ngiyamthemba kakhulu uJockey wami uDoctor Mbatha, miningi iminyaka engijabulisa nakule mpelasonto nginethemba elikhulu lokuthi kungaba uyena ozonqoba lo mqhudelwano. UMbatha uzobe egibele ihhashi elaziwa kakhulu ekuthiwa iNxakanxaka, elizobe ligijima kuGrade 1 lapho okuzobe kungiwona umjaho omkhulu. Uzophinde aqhube uMazondi okuyihhashi elizogijima kuGrade 4 kanye nehhashi uMzinyathi yena ozobe egijima kuGrade 3” kusho uGama.
INxakanxaka ihhashi elineminyaka yobudala eyisi-8, like lanqoba imqhudelwano okubalwa iHarry Gwala, iNkandla May, iDundee July neminye imiqhudelwano okusuke kungeyasemakhaya okusuke kudlalelwa inkomo. Leli hhashi lisekeanqoba imiqhudelwano yezinkomo izikhathi ezingaphezulu kwali-10.
“UMbatha uyena kuphela uJockey engiseke ngaba naye, ngikholwa ukuthi usezingeni eliphezulu kakhulu. Unothando olukhulu lalo mdlalo ngikhuluma nje unezinto eziningi ngenxa yawo lo mdlalo, waze wathatha uNkosikazi ngemali yawo amahhashi. Sengimqashe ngokusemthethweni, ngoba noma kuthiwa kuphela izinyanga ezinhlanu engakaze angenele mqhudelwano kodwa inkece uyayithola kumina” kusho uGama.
UGama ube esecela komasipala ukuthi balethe usizo lwamahhashi njengoba kushoda ukudla kwawo okwenza kube nzima kubo ukuwagcina esesimweni esifanele sokugijima.
Kumahhashi alindeleke ukuthi adle umhlanganiso iNxakanxaka, iComputer, iSgwebo, iNdidane, Usuthu namanye amaningi kanti kubhekwe ukuthi kube khona naphuma emazweni angomakhelwane.
Ngokusho kwabahleli balo mjaho, inhloso yawo wukuhlonipha iSilo esesakhothama uCetshwayo nokuqinisekisa ukuthi uyohlale ekhumbuleka.
Ngokusho kweMeya uThami Ntuli akukho okuzophazamisa lo mqhudelwano.
“Ngiyazi ukuthi lo mqhudelwano kuzobe kungokokuqala uba khona, kodwa abantu bazobona indumezulu yento.
Uzohlanganisa abantu basemakhaya, nasemalokishini uphinde uhlanganise nezinhlanga ezihlukahlukene. Uzophinde uthuthukise nendawo yethu njengoba ziningi izivakashi ezizotheleka, zizozibonela lendumezulu” kusho uNtuli.
Lo mjaho ubekelwe izigidi ezi-R2.5, uzobe uhambisana nomqhudelwano wonobuhle, ingqephu nedili lomculo. Ihhashi elizodla umhlanganiso lizogoduka nezinkulungwane ezili-R100.
Okunye okuvezwe uNtuli ukuthi lo mjaho uzohanjelwa osaziwayo abaseqophelweni eliphezulu, abaculi abazobe beshiyelana inkundla nabaculi bendawo. Kophinde kukhangiswe nengqephu, labo abathungayo bayothola ithuba lokudayisa izimpahla zabo.
“Asigcinanga ngalokhu esikwenzayo siyafuna ukuba sisabalale kuyona yonke iminxa yezemidlalo. Ngoba inhloso enkulu sifuna ukuba abantu behlanganele lapha ukuze kuzothuthuka indawo yethu. Ingakho sihlele ukuhlonipha u-Elijiah “Tap Tap” Makhathini ngendumezulu yesibhakela. Singagcini lapho sihloniphe noPrincess Magogo, ngendumezulu okuzobe kukhona abaculi abacula umculo wakhe” kubeka uNtuli.
Amathikithi azobe etholakala ezitolo mahhala, kuzobekwa isibalo esithize abazofika sekudlule isikhathi bazophuthelwa ngoba ngeke besavumeleka ukungena ngoba kuzobe kulandelwa imigomo kaHulumeni yokhuvethe.