Amakhosi ayakhithiza njengoba kuvulwe iwindi
Ayizibekile phansi iKaizer Chiefs selokhu kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali. Amakhosi asemkhankasweni wokuqeda ishobolo leminyaka ephikwa yizicoco esigabeni esikhokhelayo. Izimpofana sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili zihlulwa wukunqoba izicoco.
Abadlali abasha:
Pule Mmodi:
Uzokwenza umehluko ngasezinhlangothini. Unejubane nemijiko eya phambili. Phezu kwalokho nepali akalibheki.
Mduduzi Mdatsane:
Unamaphasi amahle esisiwini kanti nepali akalibheki. Uyingozi kakhulu uma eqhamuka ngemuva kwabagadli.
Given Msimango:
Uyaluqinisa unyawo ngendlela enobuhlakani. Ngaphezu kwalokho muhle emabholeni ahamba emoyeni kanti uyakwazi ukudlala ibhola ezinyaweni uma lisuswa emuva. Iminyaka iyamvuma. UMsimango uphinde abe ngumholi oqotho.
Thatayaone Ditlhokwe:
Uyakwazi ukufunda umdlalo. Unejubane futhi akudluleki kalula kuyena. Uphinde abe wusizo kuma-free kick ngenxa yobude bakhe. Muhle uma kususwa umhlola ngasekhaya noma kuhlaselwa.
Yanga Chivaviro:
Unamandla, ijubane futhi uyakwazi ukungena ezikhaleni. Ngesizini edlule ubhakuzise enethini amagoli ayishumi nesikhombisa emidlalweni engamashumi amathathu.
Edson Castillo:
Kusukela kwahamba uWillard Katsande leli qembu alikaze liphinde liyivale indawo yakhe. UCastillo usethubeni lokuzakhela ugazi phakathi nenkundla esiswini ngokulandela ezinyathelweni zabadlali abafana noKatsande noTinashe Nengomasha.
Tebogo Potsane:
Udle ngemijiko eya phambili ehambisana nejubane eliyisimanga. Uyakwazi ukudlala kuzona zombili izinhlangothi.
Abamataniswa neChiefs:
Thabo Cele:
UCele kubhekwe ukuthi athathe isinqumo ngekusasa lakhe emasontweni azayo. Igama lakhe alisali ngaphandle uma kukhulunywa ngeChiefs. Njengamanje usanenkontileka neqembu lakhe ePoland kodwa usikaza indaba yokukhuza ibuya.
Sibongiseni Mthethwa:
Usalelwe ngunyaka kanti iqembu linombandela wokuyelula inkontileka uma isiphela. Usohlwini lwabadlali abafunwa Amakhosi. Njengamanje usemabhukwini eStellenbosch FC.
Abashiye iqembu kuMakhosi:
Eric Mathatho, Austin Dube, Khama Billiat, Cole Alexander noPathu Nange.
Abalengelwa yizembe:
Bruce Bvuma, Caleb Bimenyimana, Happy Mashiane noSabelo Radebe.
Indawo abangase baqede kuyona kule sizini:
IChiefs usethubeni lokushubisa umbango weligi. Kungenzeka bagcine bengayinqobanga kodwa indlela abasayinise ngayo ikhomba ukuthi bangase baqede bebalwa namaqembu amane okuqala esicongweni. Indawo asebeshoda ngayo yisemapalini nangakwesokunxele emuva. Uma bengaqinisa lezi zindawo ezimbili bangayijaha kuze kube yisekugcineni iSundowns embangweni wesicoco seligi.
Izicoco abangase bazinqobe:
MTN8:
Amakhosi asethubeni elihle lokuqala kahle kuMTN8. Azobhekena neCape Town City kuma-qaurterfinal.
Carling Black Label Knockout:
Ngeke balibone elidlayo kulo mqhudelwano.
Nedbank Cup:
Banalo ithuba lokufinyelela kowandulela amanqamu.
Isikwati esiphelele:
Onozinti:
Brandon Peterson
Itumeleng Khune
Bruce Bvuma
Izitobha:
Given Msimango, Thatayaone Ditlhokwe, Dove Edmilson, Njabulo Ngcobo, Zitha Kwenika, noEden McCarthy.
Ngakwesokunxele emuva:
Edmlison, Happy Mashiane noSifiso Hlanti.
Ngakwesokudla emuva:
Dillon Solomons, Reeve Frosler.
Isisu esimayo:
Edson Castillo, Yusuf Maart, noSiyethemba Sithebe.
Isisu esihambayo:
Samkelo Zwane, Mduduzi Mdatsane, Mduduzi Shabalala, Nkosingiphile Ngcobo, Sabelo Radebe, noVicky Mkhawana.
Ezinhlangothini:
Keagan Dolly, Pule Mmodi, Kgaogelo Sekgotla, Tebogo Potsane, noKamohelo Mahlatsi.
Abagadli:
Ashley Du Preez, Christian Saile, Ranga Chivaviro noCaleb Beminyimana.
Ithimba labaqeqeshi:
Umqeqeshi: Molefi Ntseki
Amaphini: Dillon Sheppard no-Arthur Zwane.
Umqeqeshi wonozinti: Aubrey Mathibe
Umqeqeshi wokuzivocavoca: Bhekumuzi Maluleka.

