Isikhwama sabahwebi singaba umalamulela kosomabhizinisi abancane
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi ukuba ngumhwebi kungumqansa kanganani ikakhulukazi ezindaweni zasemalokishini nasemakhaya. Isikhalo ngodaba lwezipaza sizwakala zinkalo zonke njengoba aboHlanga bekhala ngokungabi nawo amandla okuthenga impahla ngobuningi ukuze kwehle intengo. Isikhungo esakhelwa ukuxhasa abahwebi boHlanga, Ithala, ngesandla sohlaka lwaso sokulekelela iMinyango ukuphuthumisa intuthuko, sithi abahwebi bangabe besakhathazeka.
NoMashu awumncinane njengoba kusasa zingama-20 kuNhlolanja uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho, uMhlonishwa uSboniso Duma ezobe ethula abahlomulile ezinhlelweni zokulekelela abahwebi boHlanga ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.
Ithala linohlaka olubizwa nge-Implementing Agent. Lolu hlaka lwaqanjwa ukuze lubhekane ngqo nezinhlelo ezahlukene zeMinyango kaHulumeni yokushintsha impilo yabantu. Abahwebi abamnkantshubovu bazovuselela uhlelo lokuxhasa abahwebi abancane. UMnyango Wezokuthukiswa Komntotho,Ezemvelo Nezokuvakasha ubeke ezandleni ze-Implementing Agent isikhwama iZimele Traders Fund neTownships and Rural Shops Relief Grant. Ngaphansi kwalolu hlelo lweZimele, inzalo ibekwe yaba phansi, abahwebi babolekwa imali engadluli ezi-R100 000.
UMnyango usubeke isabelomali esiyizigidi ezi-R11 ukuhlinzeka lolu hlelo. Imigoqo evame ukuphazamisa abahwe ibuyiselwe eceleni. Lapha kubalwa ukuthi esikhundleni sesitatimende sasebhange senkampani kwamukelwe isitatimende se-akhawunti yomhwebi. Abasemabhukwini amabi ezikweletu ngemali engaphansi kwe-R1000, izicelo zabo ziyamukelwa kanti uma isikweletu singaphezulu, kufanele ocela imali akhombise ukuthi unohlelo alwenzile lokukhokhela abakweletwayo.
Ngaphansi kohlelo lweRural and Township Shops Grant, Izitolo ezingama-500 zizothola imali engafika kuR20 000 ngasinye njengesibonelelo.