Now Reading
Usezibona egijima eqenjini laphesheya kwezilwandle u-Asanda
Dark Light

Usezibona egijima eqenjini laphesheya kwezilwandle u-Asanda

Intokazi yaseHammarsdale iphupha ngokuthi ngelinye ilanga igijime phesheya kwezilwandle.

Le ntokazi u-Asanda Hadebe ongumdlali nophinde abe ngukaputeni weSunflower WFC. Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-20 yobudala, ungumdlali omqoka kakhulu njengoba ekwazi ukudlala kuyona yonke indawo enkundleni.

U-Asanda enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga ubalule ukuthi ukudlala phesheya kumaphupho anawo ilona elikhulu kakhulu.

“Njengawowonke umuntu nginamaphupho amakhulu. Amanye amaphupho ami ukuthi sinqobe iligi yeSasol siyiSunflower WFC, siphinde sinyukele kuHollywoodbets Super League. Kodwa elikhulu kakhulu ukuthi ngigijime phesheya kwezilwandle” kusho u-Asanda.

Le ntokazi ifisa lesifiso sokudlala phesheya nje, unyaka nonyaka siyanda isibalo sabadlali balapha eNingizimu Afrika besifazane abadlala phesheya. Abanye babadlali abadlala phesheya uRefiloe Jane, uLinda Motlhalo, uNoko Matlou, uNoxolo Cesane noHildah Magia ukubala abambalwa.

Ngokusho kwakhe u-Asanda ohlala eHammarsdale, ufunde eSiqalo Primary School, ise-Intakemazolo Combined School nasePhezulu High School.

Le ntokazi, ibingabanye babadlali akade besekhempini yabadlali beBanyana Banyana akade bezoqokwa ukuba beyomela elakuleli kweyoMhlaba.

“Yize ngingaqokwanga kwabayodlala kweyoMhlaba, kodwa ukuba sekhempini kusho lukhulu kumina. Engikufundile ukuthi uma uthola ithuba kumele usebenze, kwazise leli thuba engilitholile alitholwa inoba ubani kuyingenxa yokuzinikela,” kusho u-Asanda.

Le ntokazi iphinde yabalula ukuthi yayithukile ibizwa eqenjini okokuqala, yabe ineminyaka eli-17 yobudala. Isibizwe kayi-9 eqenjini lesizwe.

Ngeledlule ibe yiphela endlebeni kumqhudelwano waminyaka yonke i-Engen Knockout Challenge, ebibanjelwe eReservior Hills, eThekwini.

See Also

Yize iSunflower WFC ingakwazanga ukuvikela isicoco, kodwa ikwazile ukufika kowamanqamu nalapho efike yahlulwa khona iDurban Ladies ngelilodwa eqandeni ngegoli elingene sekusele amanenjana ngaphambi kokuthi umdlalo uphele.

U-Asanda emidlalweni emihlanu uvalele phakathi amagoli ali-11, wabe eseqokwa njengomgadli ovelele.

Okugqamile ukuthi iSunflower WFC isazoqhubeka nokukhiqiza inqwaba yabadlali abanekhono, abazogcina ngokudlala eqenjini lesizwe. Okuwubufakazi balokho ukuthi nonozinti uZandile Zindela, oqokwe njengovelele uvimbela yona iSunflower WFC.

Abanye abadlali abakhiqizwe iSunflower WFC abagcine begqoke imifaniswano yeqembu lesizwe uYolanda Nduli, uThubelihle Shamase, uSiphumelele Shamase, u-Ongeziwe Ndlangisa, Yenzokuhle Ngubane, uNtombifikile Ndlovu, Sduduzo Dlamini noNtando Phahla.

ISunflower WFC yize bekuwumqhudelwano wabaneminyaka engaphansi kwengama-20, yona ibidlalisa ngisho umdlali oneminyaka eli-12.

Scroll To Top