Umqeqeshi ubona ekaMphephethe ingasiza iqembu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuzocaca ngeSonto ukuthi iliphi iqembu elizomela isifundazwe iKwaZulu-Natal emdlaweni yokuhlungela ukungena kuligi enkulu yabesifazane kuleli iHollywoodbets League.
Amaqembu abhekiwe mabili iLindelani Ladies kanye neSunflower WFC, la maqembu azotholana emlenzeni wesibili. Umlenze wokuqala obungeledlule ububanjelwe eMpumalanga Stadium, nowagcina uphele zibambene ngamagoli ayisi-6 nhlangothi zombili.
La maqembu abe nesizini enhle kakhulu, eqoqweni A, iSunflower WFC iqede endaweni yokuqala ingakaze ihlulwe okanye idlale ngokulingana, iyinqobe yonke imidlalo eli-14. Igile izimanga ikwazi ukuvalela phakathi amagoli ali-111 yangenelwa amahlanu kuphela. Kanti nayo iLindelani kuqoqo B ibiyenza kahle kakhulu njengoba inqobe imidlalo eli-13 yadlala ngokulingana kowodwa, yona ivalele phakathi amagoli angama-89 yangenelwa ayi-8.
Umphumela wangeledlule uyakucacisa ukuthi impela la maqembu ayakwazi ukushaya amagoli, ingakho kwangena ali-12 emdlalweni owodwa.
Kuyiwa kulo mdlalo nje iSunflower WFC iyona evunwa umlando njengoba ngonyaka wezi-2017 nangonyaka wezi-2019 ibe ngompetha beKZN Sasol League. Ngesikhathi inqoba iligi ngonyaka wezi-2019, kwala kancane ukuthi inyukele kuligi enkulu njengoba yagcina ithole indondo yethusi emidlalweni yokuhlunga.
Leli qembu laseHammarsdale kulo nyaka ligubha iminyaka engama-25 lasungulwa, ukunyukela esigabeni esiphezulu koba isipho esikhulu kuSiyabonga Malinga ongumqeqeshi aphinde abe ngumphathi wayo iSunflower WFC.
ElaboHlanga lilumane indlebe nomqeqeshi weLindelani Ladies uNathi Vilakazi, lo mqeqeshi uthe baliqale kabi isonto kwazise bebematasa bezama inkundla evalekile ngokuyalelwa iSAFA. Ngokomthetho iLindelani Ladies isebenzisa iJohn Dory Sport Ground eseNewlands East uma idlala imidlalo yasekhaya.
“Umphumela womdlalo odlule usenze sasebenza kanzima kakhulu sizilungisela lo mdlalo ozokuba ngeSonto. Kuyajabulisa ukuthi sikwazile ukuvalela phakathi amagoli ayisi-6, ekubeni sidlala neqembu elinabadlali abanamava amangaka kodwa kusikhathazile ukuthi nangakuthina aphinde angena futhi. Sisebenze kakhulu nabadlali basemuva ukuzama ukulungisa amaphutha esiwenze ngesonto eliphelile” kusho uVilakazi.
Lo mqeqeshi uthe umdlalo wangeSonto ubaluleke ukudlula yonke into, abadlali bakhe bakukhombisile ejimini ukuthi bafuna ukulwela ukufa nokuphila ukuze beyodlala emdlalweni yokuhlunga.
UVilakazi uncome amagalelo kaZethembiso Vilakazi ongumgadli waleli qembu: “Amava awatholayo uma eseqenjini lesizwe uZethembiso ayalisiza kakhulu iqembu. Ngeledlule uvalele phakathi amagoli amathathu, lokho kusho