Now Reading
SHAKA ILEMBE: Umlando Ophilayo
Dark Light

SHAKA ILEMBE: Umlando Ophilayo

AboHlanga kade kwakubehlela. Enye yezinto eyaba yimbi kwaba wukuphanjaniswa kwefagugu lezwekazi kanye nabantu balo. Le ndaba iqala kude kanti nomonakalo mukhulu, izibazi ziyabonakala nanamuhla.

Ubugqila, ubukoloni nobandlululo kwashaya indiva, kwaphambukisa futhi kwacindezela amasiko amaningi ama-Afrika. Umonakalo uyalingana ngaphakathi e-Afrika nabasemazweni ngokuhlakazeka.

Inkululeko yokukhuluma yaqedwa futhi kwabo nohlelo lokunswinya ukuzicabangela. Imiphakathi yancishwa izinsiza nemithombo ukuze ithuthukise ukuziveza
ngokwamasiko awo, ngaphandle uma kuhlangabezana nezinhloso zabaqoneli, Amakhulunyaka amaningi, ama-Afrika abeziphilela wodwana, ehleli emlovini wefagugu elakhiwa ababandulelayo.

Ifagugu lethu liqoshwe nguChancellor Williams encwadini yakhe ethi: The Destructio of Black Civilization ‘lifihliwe emlandweni wethu, kodwa asazi lutho ngalowo mlando”. Ngakhoke, ukufuna kabusha ifagugu lama-Afrika nomlando kubucayi futhi sonke kufanele siyimunyunge ngokucophelela singale kobukoloni nangale kobandlululo kokwenziwayo.

Izimbangela, imiphumela nemithelela kwezinto eziguqula umlando ngokomdabu kuyinkimbinkimbi futhi kuhlukile. Okulandelayo, izikhala ezinkulu olwazini zigcina zikhona. Izikhala olwazini azifani ngendlela eyisimanga. Ngakho-ke kuwalungele amaAfrika ukuba azame ukufinyelela efagugwini lawo. Kunesidingo sokwenza kanjalo uma efuna ukuphonsela inselelo ukucabanga ngokwesilungu okudlangile nokugxilile.

Indlela eya ekuzikhululeni kumakhamandela obugqili idlula ekukwazini ukuhlunga okuyikho nokungamawuwa ngomlando nefagugu lakho. Iqala ekubeni nomona kanye nolwazi ngomlandu nomlando wakho, wekweni nowesizwe. Ukuba nomona ngomlando ngeLembe nesizukulwane salo kuhle kuqondwe kangcono – Umlando
uyinto emqoka kubantu kanjalo nasesizweni.

Ukuxoxwa kwawo kuvusa imizwa eyahlukene njengoba ekuxoxweni kwawo kuvela amaqiniso kwesinye isikhathi acisha konke lokho umuntu ayekhule ekwazi. Yebo umlando oqondile ufana nelanga liphuma, uthi ungaphakama amanga egceke ashabalale njengamazolo.

KwaboHlanga umlando uyikho konke ngoba yiwo ofakazela ulibo lwaloyo mndeni naleso sizwe. Kwabanye kuze kube nguwo okhomba amakhosana omuzi kanye nawesizwe. Ziningi izindlela oqoqwa noxoxwa ngawo umlando. Kukhona oxoxa
ngoba ayekhona, aze afakaze. Kube ngoxoxwa ngumuntu ozwe ngaloyo owayekhona bese kuba khona oxoxwa zifundiswa ezisuke sezihumusha lokhu okuxoxiwe.

Omunye womlando ohlale uvusa ugqozi nenkulumompikiswano yilowo okhuluma ngeLembe kanjalo nesizukulwane salo. Njengombumbi wesizwe iLembe lihlale liyinoni kubabhali, abahlaziyi nabantu nje jikelele.

Kunjalo nje ngoba umlando wesizwe uncike kuwo umlando weLembe. Yilesi sizathu phakathi kwezinye esenza kube mqoka ukuqonda ‘umona’ omuhle ngalo mlando ngoba akuwona oweLembe nje kuphela kepha okwezinkulungwane zabantu nemindeni. Lona ngumlando ophilayo ngoba kubo bonke ababekhona ngesikhathi selembe kusuka kuzo izibongo namagama, abaphilayo namuhla babizwa ngabo.

Emasontweni amabili edlule kuqale iziqephu ezili-12 ezikhuluma ngeLembe nesizukulwane salo. Lo mdlalo ulingiswa zingane zawo umlando njengoba iningi lazo kungaboHlanga abangabeNguni namaZulu. Lo mdlalo ngokungangabazisi uzokwenza sikhulume njengesizwe nokuyinto enhle. Uzokwenza sisole, situse kwesinye isikhathi sibe nokudideka ukuthi yini okuyiyo. Yonke lemizwa iyisithako esihle ekuqaleni inkulumo eyakhayo ngomlando wethu.

Okusinika ithuba eliyingqayizivele yikuthi sonke thina esikhona manje sasingekho
ngesikhathi seLembe. Sonke siyobe sibuka ngamehlo nangomqondo okuphakelwe hayi ngisho nalabo abaxoxelwa kepha kuyobe kungenxa yalokho esiqoqelwe khona ngabahumushi balokho osekubizwe ngomlando.

Abanethuba lokubuka lomdlalo bayobe bazenzele phansi uma bengasebenzisi lelithuba ukuqala eyabo ingxoxo emakhaya, ezikoleni, ezindaweni zokucima ukoma, ezinkundleni zokuxhumana.

Lengxoxo kumele igxile ekutheni singobani lapha ekhaya, sithini isibongo sethu nokuthi sivelaphi. Sithi ngubani lapha olibweni lethu owayekhona ngesikhathi seLembe, wenzani noma wenziwani. Nembala akuzona zonke izimpendulo eziyoba mnandi.

See Also

Ezinye ziyogugula konke owakhula ukwazi ngesibongo sakho nabanikazi baso. Lokhu kuyokwenza udumale uphinde usole. Kulabo abasaba lokhu kuhle bakhumbule ukuthi ukukhumbula (ukuxoxa ngomlando) kuhlakula indima ebanzi ekwakheni ulwazi ngemuva, ubuhle balo okungaba wukunqoba kanjalo kuveza ithuba lokugwema amaphutha ayizolo emlandweni.

Kuyoba kuhle ukuba lomdlalo ongeLembe nesizukulwane salo nathi sonke siwunike ithuba kanjalo nathi sizinike okufanayo, kuthi ekugcineni sakhe amaphuzu amqoka ekuxoxeni kokunye nase kubhaleni umlando wethu kabusha sikhumbule ukuthi nowethu uyafana nowabo bonke abantu, umazombezombe.

Umlando ophilayo Ubuchule bokuveza umlando ongabhaliwe phansi (oral history)
nolandela ukuxoxelwa akwazi yiningi. Lo mdlalo ngabomu uqhakambise lendlela engaziwa yokuxoxa umlando. Izigameko ezikuwo kanye nokwakheka kwabalingisi, indlela yokuphila, imvunulo ithathwe phakathi kokunye kuzibongo zamaKhosi namaqhawe angaleso sikhathi.

Isibonelo ukwakheka komzimba weNkosi uSenzankagona asikwazi ngamabhuku nazifundiswa kepha sikuthola kwizibongo zakhe. Kanjalo nalokho esikwazi ngeNkosazane uMkabayi kaJama, iNdlovukazi uNandi, iNkosi uZwide neNdlovukazi uMthaniya asikuzwanga ngaMdeshi kepha kwaba zibongo zona ezakhiwe ngobuciko bomlomo zadluliselwa kuzizukulwane.

Okunye okuqashelwe kakhulu kulomdlalo wukuthi akuwona nje umlando okungathiwa yinto yayizolo, kepha lo mlando ungohilayo njengoba cishe bonke abazibongo zabo zikhona namuhla KwaZulu-Natal umlando wabo ukhona ngesikhathi seLembe.

Ngamafuphi lona ngumlando wabangasekho, abaphilayo nalabo abasazozalwa. Lapha umbukeli unikwa umthwalo wokuthola ngezolo lakhe, ukuthi yebo siyazi ngeLembe kepha kwenu ngubani owayephila ngalesiya sikhathi. Lokhu kumqoka ngoba umdlalo (Shaka-ILembe) awungalo nje kuphela kepha ungabo bonke abaleseka, balikhulisa ukuze libe nguNodumehlezi.

Ngakho uma nje umbukeli ewubuka kazifune azithole naye kuso sonke isiqephu nesigameko ngoba ngalokho sobe sakhela izizukulwane iqoqo lomlando, sizikhulule kubuqgila esiphuma kubo.

Scroll To Top