Sekusemome ukuguqulwa kwegama loMzimkhulu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekuseduze ukuthi uMasipala uMzimkhulu uqanjwe ngalowo owayeyisishoshovu somzabalazo uMnu uSindiso Jethro Magaqa owashona ngemuva kokuhlaselwa ngokudutshulwa eminyakeni eyisithupha edlule.
UMagaqa wabe engunobhala jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL), wadutshulwa ngohlobo lwesibhamu i-AK47 ese-Ibisi, eMzimkhulu ngoNtulikazi wezi-2017 ephuma emhlanganweni wamakhansela kulo Masipala. Wabe esedlula emhlabeni ngoMandulo, nokasolakala ukuthi wabulawa ngushevu.
Izindaba zokuthi sekuseduze ushintshwe loMasipala zivezwe iMeya ohola loMasipala uNkk uJabulile Mzizi izolo ngesikhathi ethula emkhandlwini isabelo mali zika-2023/24.
IMeya ithe: “Sesaxhumana nawo wonke amawadi ukuzwa umuzwa wawo ngalo mbono wokushintsha igama likaMasipala silibize ngomfowethu uSindiso Magaqa. Saqale sakhuluma nomndeni wakhe, ukucela izibusiso kuwo. Saqhubeka saya kumawadi nakhona sazisa umphakathi, sithole ukwesekwa okukhulu emphakathini. Sabuye sabhalela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta) oholwa uNkk Bongi Sithole-Moloi noMnyango wezokuNgcebeleka neZemidlalo nayo le minyango yakhombisa ukusiseka kakhulu. Sethemba kophela unyaka konke sekuqondile. Okusele manje ukuthi sibhunge ibhajethi yokwenza lo msebenzi kusho uNkk uMzizi.
UNkk uMzizi uphinde wabalula ukuthi sekuqedwe konke ngehholo lo mphakathi elakhiwe lapho okwakhiwe khona iMemorial Hall okungezinye zezimbangela zokusocongwa kukaMagaqa.
UMagaqa kusolwa ukuthi wafela ukuphikisana nenkohlakalo okuthiwa ibidla lubi kuMasipala waseMzimkhulu.
“Okuningi sekuqediwe ngehholo elisha. Leli hholo ngokwezomali lizoqeda imali elinganiswa kwizigidi ezingama-R53. Lenziwe laba seqopheleni eliphezulu, ngenhloso yokuthi lisedolobheni sifuna lihehe abantu. Ngaphathi kuzoba namahhovisi okuzosebenza khona abasebenzi bakaMasipala” kusho uNkk uMzizi.
Uqhube wathi ingxenye esele ekuqedweni kwehholo uhlangothi lwe Heritage Site engaphansi kwa-Amafa okuyibhodi elibhekelene namasiko namagugu.
IMeya iphinde yadalula ukuthi imali yanyaka wezi-2023/24 inyukile uma iqhathaniswa neyonyaka ka-2022/23. Isuke kwizigidi ezingama-R354 iya kwizigidi ezingama-R409.
Kuphinde kwahanjelwa indawo lapho okwakhiwa khona izinkundla ezehlukahlukene (Sport Complex), ebekelwe izigidi ezili-R189.
Kulezi zinkundla kubalwa izinkundla zekhilikithi, ezebhola lomnqakiswano, unobhutshuzwayo, umboxo, eyokusubatha, nalabo abanothando lokubhukuda bazosizakala.