Now Reading
Kubonakala  luselude ukhalo kwelikaMeyiwa
Dark Light

Kubonakala  luselude ukhalo kwelikaMeyiwa

Emndenini nakubalandeli bowayengunozinti weBafana Bafa ne-Orlando Pirates umufi uSenzo Meyiwa, sekucacile ukuthi iseyinde indlela ebheka ekutholeni iqiniso ngokubulawa kwakhe.

Ngaphezu kokuhamba ngonyawo lonwabu kokuqulwa kwecala ngenxa yokubamba kuyeka kombuso, okunye okubuye kwanezela ngaphezulu kube isinqumo sayizolo sikaMengameli  uCyril Ramaphosa sokumisa abehluleli. Kubona kukhona nohlalele leli cala elingundabamlonyeni  eNkantolo eNkulu yaseGauteng uTshifhiwa Maumela. Umiswe kanye noMehluleli  uNomonde Mngqibisa-Thusi. Laba behluleli bamiswe ngenkathi iJudicial Conduct Tribunal icubungula izikhalazo zokuthi bahlulekile ukwethula izinqumo eziningi ebebezigodlile ngesikhathi esibekiwe.

UMengameli uthatha lesi sinqumo nje bese zivele zinkulu izikhalo ngoMaumela.

Kokunye izinqumo abezithatha ecaleni likaMeyiwa bezibambezela kokunye icala lingaqhubeki ngoba ebika ukugula.

IJudicial Service Commission (JSC) ikuqinisekisile  ukuthi uMengameli uwamise emsebenzini amajaji amabili kulandela isiphakamiso sekhomishini.

“IJSC inqume ukuthi ukwehluleka ukwethula izahlulelo ezigodliwe, uma zisungulwa, kuzokhombisa ukungakwazi ukusebenza, ukungakwazi ukwenza kahle okukhulu noma ukungaziphathi kahle kwamajaji, kucatshangelwa izinga lokubambezeleka kanye nokucwasa okutholwe abathintekayo,” kusho isitatimende se-JSC.

See Also

Ngesikhathi sokufaka isikhalazo, uMaumela ubengakazikhiphi izinqumo emacaleni amathathu, asukela mhla ziyisi-8 kuNcwaba wezi-2018, zingama-16 kuNcwaba wezi-2018 nangomhla ziyi-17 kuMandulo wezi-2018.

Ezethulweni zakhe azibhalele i-JCC, uMaumela uthe usezikhiphile izinqumo ezintathu.

Kwakukhona ezinye izindaba eziyisishiyagalolunye, kodwa kusukela ngaleso sikhathi kwakhishwa isinqumo kuzo zonke.

Scroll To Top