Now Reading
Makusabalaliswe ezokuxhumana: Amakilasi edijithali makangagxili ezikoleni kuphela
Dark Light

Makusabalaliswe ezokuxhumana: Amakilasi edijithali makangagxili ezikoleni kuphela

Ngesonto eledlule sikhulume ngezigqila zobuchwepheshe, lapho besibheka indlela engeyinhle esisebenzisa ngayo ubuchwepheshe bezokuxhumana njengamaselula namakhompuyutha negcina seyithikameza imizimba yethu. Kuleli sonto sibheka indlela enhle esingasebenzisa ngayo ubuchwepheshe emiphakathini yethu ikakhulu leyo esezindaweni ezisemakhaya.

Kulula ukuhambisa ingqalasizinda emadolobheni nasemalokishini ngoba izakhiwo zisondelene futhi izinga lentuthuko lisimeme. Kepha uma ufuna ukwenza okufanayo ezindaweni zasemakhaya kuba umqansa ngoba imizi iqhelelene, akulula ukufinyelela kuyo. Kuyo lengosi ngike ngabhala ngokubaluleka kokuba izindawo zasemakhaya zizimele, zikwazi ukuzenzela umnotho wazo ngokuthuthukisa amakhono akhona endaweni. Ngiphinde ngabhala ngezolimo njengesigaba sokuqala okumele kugxilwe kuso. Kulokhu ingcabha ngiyibhekise kuhulumeni wendawo, komasipala njengoba kuyibo abaqinisekisa ukuthi intuthuko iyafika kubantu. Sibonile emadolobheni afana neTheku kusetshenziswa uhlelo lwe-Information and Communications Technology nokufakwa kwewifi phakathi nedolobha, ezindaweni okugcwala kuzo abantu njengamarenki nasezikhungweni zemitapo yolwazi. Kumele loluhlelo luqale lusatshalaliswe nasezindaweni zasemakhaya.

Njengoba ngibalulile ngenhla, ziningi izingqinamba eziyaye zenze kugqoze ukuhambiswa kwengqalasizinda kulemiphakathi kepha angeke sakusebenzisa lokho njengesizathu sokungenzi. Uma sihambisa uhlelo lwedijithali ezindaweni zasemakhaya ngamanani aphansi sizobe senza impilo yemiphakathi ibe lula kakhulu. Phela lokhu kuzonciphisa Isidingo sokugcwala emadolobheni ngoba seyizoba khona indlela elula yokuxhumana nokuhambisa ulwazi kubantu nasezikolweni.

Asiqale nje ngempi yokusweleka kwamakhono namathuba emisebenzi. Ukufakwa kweWifi kuzokwenza kube lula ukufunda amakhono emisebenzi edingakalayo nokuzodinga ukuba kwethulwe amakilasi edijithali azofundisa wonke umuntu owomele ulwazi emphakathini. Akugcini lapho, kepha kuzokwenza abantu babe namathuba angcono emisebenzi. Izikhungo zamakhono ezifana neSkillshare, Udemy nezinye ezitholakala kudigithali zisebenzisana namaNyuvesi emhlabeni jikelele ukufundisa lamakhono. Nesikhondlakhondla seGoogle sinezinhlelo zokufundisa amakhono abizwa ngeGoogle Digital Skills nangasiza ukudala amathuba emisebenzi engadingi umuntu aze abe sehhovisi. Khona lapho omasipala kumele babe nohlelo kumbe izizindalwembu zolwazi oluqondene nemiphakathi abayisebenzelayo, nabazoyisebenzisa ukuxhumanisa intsha enamakhono (kepha engasebenzi) namabhizinisi adinga lawomakhono.

Kunenqwaba yabantu abanamaselula angamasmartphones ezindaweni zasemakhaya, nokuyiwo abawasebenzisayo ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ezinjenge-WhatsApp, iTikTok noFacebook. Ngakho kuhle sisheshe sifundise imiphakathi yethu ngamathuba okuziphilisa kusasemanje.

Iqiniso okungamele silibalekele ngelithi kunemisebenzi ezogcina yenziwa amarobhothi (artificial intelligence) nesivele ikhona kuyimanje. Uma singayihlomisi imiphakathi yethu ukuze nayo izozilungiselela sizobe sizigwaza ngowethu.

See Also

Amasonto, imitholampilo nezikole zihleze zinenqwaba yabantu nsukuzonke. Yizo kanye-ke lezi zikhungo okumele kuqalwe kuzo, bese uhlelo lusatshalaliswa nakwezinye izindawo ezikhona emiphakathini. Nomasipala uzoba nendlela elula yokuxhumana nabantu ngalendlela, nokuzothuthukisa ukukwenziwa kwezinqumo ezinqala (policies) nokuthola uvo lwabahlali.

Ake ucabange ubuhle bomphakathi onothe ngemfuyo nezolimo, onabantu abajabule futhi abasebenzisanayo ukwenza intuthuko yomphakathi wabo ube yimpumelelo.

Scroll To Top