Ukugcinwa kwamasiko namagugu kumele kuholwe umphakathi ulekelelwa uhulumeni



UDokotela Vusi Shongwe, Emgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal
Kunesikhathi lapho ngangike ngigqugquzele abasebenzi bakahulumeni ngobumqoka bokushayela izimoto zikahulumeni ngendlela efanele. Kunomkhuba ongemuhle wezinye izisebenzi zikahulumeni zokushayela izimoto ngobudedengu ngenkolelo enganamqondo yokuthi imoto akuyona eyakhe ekahulumeni.
Ubudlabha obutshengiswa yilabashayeli kushiya umuntu ekhexe umlomo. Bashayela lezimoto noma kanjani, zingene emigodini emikhulukazi emigwaqeni, zidlule ngesivinini esikhulu kulamagqumana okuthiwa amahampu onhloso yawo ukunciphisa isivinini ukugwema izingozi kanye nokuvikela umphakathi. Umthelela wokushayela ngobudedengu umuntu afake imoto kahulumeni ngamabomu emigodini esabalele emigwaqeni yethu kanye nezinye izindlela zokungashayeli kahle izimoto zikahulumeni kudala izindleko eziningi ezingenaso isidingo.
Kuzikhandla izimoto ngendlela emangalisayo, okugcina ngokuthi imoto igcine ingasakwazi ukusebenza kungaphele ngisho iminyaka emibili ithengiwe iyintsha sha. Bonke ubudedengu bokushayela kabi izimoto zikahulumeni obenziwa yizo izisebenzi kwenzeka sikhona isiqubulo esithi, “ngenza okuhle noma kungekho obonayo”. Mhlawumbe kumele sishintshe lesiqubulo sithi “Ngenza okubi wonke umuntu ebuka futhi anginandaba ukuthi abantu bathini.” Akhohlwe ukuthi empeleni imoto eqinisweni ngeyomphakathi, yimali yabakhokhi bentela lena adlala ngayo.
Ngiye ngishaywe isazelo noma unembeza kuhlangene namahloni uma zona belu izimoto ezisuke zikhahlazwe abasebenzi bakahulumeni sezidayiswa endalini, zidayiselwa abantu abangakwazi ukukhahlazeka ezisuke zidlule kuzo lezozimoto ezizidayiswa endalini yezimoto zikahulumeni.
Kukhona into ebuhlungu ngokuzijwayeza ukwenza umkhuba omubi. Ngeshwa umkhuba omubi ngoba usuke usugxile kakhulu engqondweni, awukwazi ukuhlukanisa noma ngabe isisebenzi sikahulumeni sesishayela eyaso imoto. Kuthi noma kuzameka ukukhumbuleka ukuthi hhayi njalo sengishayela imoto yami manje hhayi ekahulumeni, kodwa umonakalo omkhulu usuke usudalekile emotweni.
Iqiniso lithi abantu nezihlobo ziyabuka futhi ziyabubona ubudedengu bokushayela izimoto zikahulumeni ezinye izisebenzi. Kuyothi kumfica ukuhlwa lona oshayela budedengu eselimaze imoto yakhe, athi uboleka imoto ezihlobeni noma kubangani bakhe bonke balandule ngoba bemazi ukuthi akanaso isandla esihle sokushayela imoto, kungaba ekahulumeni noma ngeyakhe.
Kunehlaya elithi ubonakala kanjani umuntu oshayela imoto edakiwe ezweni laseKenya. Kuthiwa ubonakala ngokuthi ashayele imoto iqonde ingagwegwi. Uma enza njalo, usuke ebudlile ngempela,imvamisa abashayeli eKenya bashayela ngokugwegwa ngenxa yokuthi imigwaqo yaseKenya igcwele imigodigodi.
Kanjalo nencithabuchopho evelele yase-Afrika, uSolwazi u-Ali Mazrui, okukhalipha kwayo ngokomqondo okwaziwa umhlaba jikelele, uphawula ngomunye umbhalo wakhe othi “Ngabe izwekazi lase-Afrika liyabola liyaphela? (Is Africa Decaying?). Ngimcaphuna lapho ethi amazwe aseNtshonalanga asevakashele emkhathini noma enyangeni izikhashana. Lapha e-Afrika sisashukashukwa ukuphokophela ukuya ezigodini emakhaya; nazo lezo zigodi asikwazi ukufikelela khona ngoba ziyehlela, nemigwaqo ekhona iyagubheka usuku nosuku akekho nozinakile. Uze athi umfo kaMsweli ebikezela ngezimo zokuhamba emigwaqweni “uyabona loyamgwaqo ngendlela omubi ngayo kufanele ukhishwe awukho emgwaqeni.”
Sasho sathi bha isithombe mfundi kunjalo. Uqinisile uSolwazi Mazrui lapha e-Afrika uma izimvula zinile mancane amathuba okufinyelela ezigodini esifisa ukuyofinyelela kuzo. Umbuzo uthi, uma njengeZwekazi lase-Afrika sisahluleka ukufinyelela ezigodini ezasemakhaya, asikhohlwe ukuthi njengama-Afrika soke silibeke unyawo enyangeni.
Ngithe angilundlalele udaba olubucayi engifisa ukukhuluma ngalo. IsiFundazwe iKwaZulu-Natal sihamba phambili ekubungazeni nasekuqhambiseni lokho okungamagugu kuso. Lapha ngikhuluma ngokwakha amatshe ezikhumbuzo kanye nawamathuna.
Ngokwakha imifanekiso yamaqhawe ethu abavelela ngezindlela ezahlukene kwisiFundazwe kanye nakuZwelonke. Ngaphandle kokuthi ngisine ngizishayele ihlombe, ngiyafisa ukudlulisa ukubonga kwami ethimbeni labasebenzi bakaHulumeni ebengilihola ukubungaza amaqhawe ethu ngokwakha amatshe ezikhumbuzo, amatshe amathuna akhelwe amaqhawe namaqhawekazi emikhakha ehlukene kanye nezisulu zokungqubuzana. Ithimba engikhuluma ngalo aliliningi kodwa amagalelo alo ayamangalisa. Ngibala uDkt Brian Thusi osewadlula emhlabeni, ngiyabonga Mfene.
– Iyaqhubeka ngesonto elizayo.
UDokotela Vusi Shongwe Emgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal