IPhasika lokuqala malibe ubufakazi bokubaluleka kobuchwepheshe kumaKhrestu
Kulempelasonto amaKhrestu emhlabeni jikelele azobe ekhumbula ukufa nokuvuka kukaJesu Khrestu, uMsindisi wawo. Lesi yisikhathi esibalulekile kwikhalenda lawo amaKhrestu njengoba esuke egcina umlando nomyalelo wakhe uJesu owaqopheka ekamelweni eliphezulu ngomhla wesidlo sokugcina nabafundi bakhe.
Umcabango wokuphuthelwa inkonzo yePhasika awehli kahle kumaKhrestu amaningi. Nokho kuhle ukugcizelela ukushintsha kwezikhathi, bese silamukela ushintsho nangezinhliziyo. Ukwenza lokho kungalekelela nasekuphepheni kwezakhamizi ikakhulukazi ezingozini zemigwaqo eziyaye zibikwe ngalesi sikhathi. Uma wena nomndeni wakho ninganquma ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje kuleliPhasika ekhaya lakho kuningi okuhle okungenzeka.
Ngaphandle kokugwema ukugcwala komthamo wezimoto emigwaqeni ngalesisikhathi, ungakwazi nokuthola isikhathi esanele sokunethezeka nomndeni wakho, nokuyinto ebalulekile ekwakheni isisekelo semindeni yaboHlanga. IPhasika ngesikhathi somvalelakhaya lisikhombisile ukuthi uMdali uyazibonakalisa ngisho nalapho amaKhrestu emdumisa nge-Zoom. Yini-ke lena esizokwenza ukuba kuguquke kube yinto embi konke lokhu?
Kuhle amaKhrestu abuke ubuchwepheshe njengethuluzi elibalulekile ekuvuseleleni ukholo nobudlelwano bawo noMfeli wawo. Cabanga ukujula kwendumiso oyenza uwedwa egumbini lakho naleyo oyenza unenqwaba yabantu abakuzungezile. Phinda ucabange ukujula kwendumiso eyaba khona ngePhasika lokuqala lapho amaKhrestu ayengavumelekile nokubiza igama loMdali! Ubuchwepheshe besimanje sebuphucule indlela yokukhula ngeZwi nangokoMoya, kungakhathaleki ukuthi ukuliphi izwe, ukhuluma luphi ulimi nesimo okuso. Kungani sikubona kunzima ukulamukela lolushintsho nangalesi sikhathi, yize noma siyibonile impumelelo ngowezi-2020 nowezi-2021?
Kuyiqiniso ukuthi amahlelo amaningi abheka impumelelo yawo ngobuningi bamalungu ebandla kanye neminikelo elethwa abazalwane ngenkonzo ngayinye. Uma ubheka indlela ubuchwepheshe obusebenza ngayo, ivangeli lingahamba kakhulu uma kuwelelwa kuyo. Cabanga abantu abanamaselula nezinkundla zokuxhumana kepha abangawazi nhlobo umnyango wesonto. Cabanga ngezindlela zokukhokha esezinezinga eliphezulu lobuchwepheshe futhi ezivikelekile. Uma uMdali engaphezu kwezikhathi, yini engenza inkathi yesimanje ibe nzima ekumnikezeni indumiso ephelele nasekuqhubeni ivangeli laKhe? LeliPhasika malisikhumbuze umongo wakho konke esikwenzayo.
Amabandla amaningi emazweni anjengeMelika ahamba phambili ekusebenziseni izinkundla zokuxhumana ezifana ne-Youtube, TikTok, Instagram neFacebook ukushumayela iZwi leNkosi. Kakade umbhalo oyiNgcwele uyakufakazela ukuthi onke amehlo ayombona mhla ebuyayo, ngesikhathi esinye emhlabeni wonke. Ingabe lokhu akusho ukwambulelwa ngobunyonico bobuchwepheshe ngesikhathi esizayo?

