Iminwe ikhomba iziphathimandla zoThukela ngenkinga yamanzi


Umphakathi ukhala ngokuthi sekuyimpilo yawo ukunqanyulelwa amanzi kungazelelwe
Iminwe yabantu abakhele uMkhandlu wesiFunda uThukela ikhomba iziphathimandla kulo Masipala ngoginqigonqo ekuphakelweni kwamanzi kwamanzi emphakathini. Ukunqamuka kwamanzi kungazelelwe ezindaweni ezingaphansi kwalo Masipala sekuphenduke ingxenye yempilo kubantu bakhona.
Phambilini le nkinga ibigqame kakhulu ezindaweni zakobantu njengaseZakheni, kepha manje sekungene nasezindaweni ezixube izinhlanga njengaseRose Park nase Leonardsville. Abantu basola uThukela ngokuthalalisa ekulungiseni inkinga yamanzi. Lokhu kwafakazelwa nayikhansela lakuWard 10 uMnu uXolani Mngadi.
NgoZibandlela ngesikhathi inkinga yamanzi isenkulu kulo mkhandlu uMngadi wathi: “Akukho ukuxhumana okukhona emphakathini noThukela ngesimo samanzi. Sisebumnyameni ngembangela yokunqamuka kwamanzi.”
Ukuqhubeka kwenkinga yamanzi kulo Mkhandla kudlondlobala naphezu kochungechunge lwemihlangano nezithangami zokucobelelana ngolwazi noMnyango Wezamani Nenhlanzeko kuZwelonke.
Ekhuluma kwesinye sezithangami ezihlanganisa nalo Mkhandlu eMnambithi, UNgqongqoshe walo Mnyango uMnu uSenzo Mchunu wanxusa ukuba kube khona izixazululo zesikhathi eside zamanzi koMasipala kunokuba kube nezesikhashana.
UMchunu wadonsa ngendlebe oMasipala ukuba bangazishayi isifuba ngokusiza umphakathi ngokubathumelela amanzi. Wathi akwanele ukuthumela amaloli amanzi, nezindlu zangasese zesikhashana, kepha kumele kube nesisombululo sangunaphakade
Kwenzeka lokhu nje kusukela ngoMsombululo kuze kube yinamuhla kubanjwe ingqungquthela ebizwa ngeNational Water and Sanitation Youth Indaba e-INkosi Albert Luthuli International Convention Centre. Le ngqungquthela iyingxenye yokubungaza inyanga yentsha ezweni. Kubanjwa le ngqungquthela nje, kubantu basoThukela nezingxenye zesifundazwe inkinga yamanzi isiyaphenduka isilonda esingelapheki. Umphakathi ubalise ngosizi lwawo lweminyaka emsakazweni wezinkulumongxoxo iSAfm olubizwa ngeMunicipal Watch onhloso yalo okungukwelusa ukusebenza komasipala ezweni.
Umphakathi waseMnambithi uthe usuphila ngokuwathenga amanzi ngoba kuyenzeka kokunye iloli liphelele ezindaweni ezithile ezingaphansi kweqembu elithile lezepolitiki. Omunye umlaleli uthe ngesonto usebenzisa imali eyi-R200 ngokuthenga amanzi ngoba ikhansela labo alikufihli ukuthi kumele kube ngabantu beqembu lalo abathola amanzi kuqala.
IMeya yesiFunda ebuyingxenye yohlelo ivumile ukuthi zikhona izinselelo zamanzi kepha bayazilungisa. Intatheli yephephandaba lomphakathi iLadysmith Gazette ithe, inolwazi lokuthi ziningi izindawo ezisantula amanzi futhi abantu bayalishayela njalo iphephandaba belazisa ngokuqhubekayo. Umphakathi walapha unethemba lokuthi hleze ingqungquthela iphume nesisombululo kule nkinga obhekene nayo. Akuyona indawo yas’Othukela kuphela ekhungethwe inkinga yamanzi, kepha ezingxenyeni ezihlukene zesifundazwe kukhalwa esifanayo.
Ingqungquthela ibi hlanganisa abamele izinhlaka zezamanzi njengoMgeni noMhlathuze Water. Okunye okudingidiwe kuyo ukuthi yimaphi amathuba intsha engahlomula kuwo ezinhlelweni zikahulumeni ezithinta amanzi.