Umnotho usemhlabathini: Imiphakathi ayifunde ukuzimela


Engosini eyedlule ngibhale ngokubaluleka kokuthuthukiswa kwamakhono ezindaweni zasemakhaya. Kungithokozisile ukuphawula kwabafundi belaboHlanga ngalokhu, nokho ngiqaphelile ukuthi okuningi ukuphawula bekugxeka uhulumeni obusayo ngokuhambisa intuthuko ngonyawo lonwabo.
Kuhle ukukucacisa ukuthi njengomphakathi singabantu bokuqala abaneqhaza elikhulu ekuthuthukiseni izindawo esihlala kuzo. Uhulumeni nabantu abangatshala izimali emiphakathini yethu beza kamumva.
Ngokomthetho wokuhlaliswa kwabantu, izidingongqangi zasemphakathini yethu zinakekelwa uMasipala wendawo ngesandla samakhansela. Imvamisa kuba nesabelomali ababelwa sona, babe nohlelo lwentuthuko lwenkathi ethile (okungaba unyaka owodwa kuya kwemine nangaphezulu) abazolulandela. Uma lentuthuko seyihanjiswa kubantu ayifiki kanye kanye.
Isibonelo, uma kunohlelo lokufaka amanzi endaweni kungaze kuphele iminyaka emithathu ukuthi yonke imizi ibe nompompi egcekeni. Kuyinto efanayo ekufakweni kukagesi, itiyela, izindlu zangasese ezishawayo nezindlu zemixhaso.
Nakhu-ke okumele sikuqaphele, uma umphakathi ungabi sekhaleni lentuthuko yendawo kepha uzovumela ukulandela ngemumva, kuningi lapho uzosilela khona. Kunomehluko ekuhlaleni emhlanganweni kudingidwa ngentuthuko yendawo, nasekunyuseni imikhono kwenziwe umehluko emphakathini.
Umphakathi ojabuliswa ukuphiwa izijumbana zokudla nguMasipala njalo ngoKhisimusi kumele uxwaye, ikakhulu uma ingekho inqubekela eyenzakalayo endaweni phakathi nonyaka.
Asiqale nje ngomunxa wokuqala okungezolimo. Izindawo zasemakhaya zinodedangendlale bezindawo ezingaphansi kwamakhosi, ezingadungiwe imfucuza egcwele emadolobheni. Nokho lemiphakathi isahluleka ukuzikhiqizela ukudla ekudlayo. Umphakathi othuthukayo okwazi ukuziphilisa ngokwawo, bese ulekelelwa lapho uqhuga khona.
Yonke into inesiqalo. Ukujaha ukuba nemishini ezolima, igaye, ikhiqize umthamo omningi emphakathini ongenawo umqondo nombono oyimbumba wekusasa lentuthuko yawo kufana nokuthela amanzi emhlane wedada.
Ngokocwaningo lukaDkt uSachithra Lokuge ngaphansi kwesihloko: Rural Entrepreneurship and Innovation in the Digital Era (2021, Ikhasi 18), uthi ukushintsha kwezikhathi nobuchwepheshe bezokuxhumana kusethulela amathuba angcono nezingqinamba ezintsha ezingalekelela ukusimamisa umnotho wezindawo zasemakhaya. Ngenxa yobuchwepheshe besimanje, singakwazi ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokuhweba.
Kepha konke lokhu kudinga indlela entsha yokucabanga nokwenza, imiphakathi kube yiyo eseqhulwini entuthukweni yayo ngoba yiyo eyazi kangcono ngenhlalo yayo.