Isahluko Sesine: Icala ngokufihlwa kweqiniso


Ukufihla iqiniso kulicala elinzima kakhulu. Kudala ukulimala nokujabha, futhi kudukisa umuntu. Kudala ukulahlekelwa amandla nokulahlekelwa impilo.
Kudala ukubhidlika kobudlelwane nabathandiweyo kanye nokulahlekelwa ukuzethemba nokwethemba. Enkantolo, kudala izigwebo ezinzima nokubulawa kwalabo abamsulwa.
Kepha imfihlo enobungozi obukhulu yilapho umcindezeli efihla iqiniso (leli) elizophakamisa liphinde lisindise labo abangaphansi kwengcindezi. Leli yilona qiniso elinzulu abalumbi abalifihlayo kulabo abazalwa abakade becindezelwe (omame nobabe besizwe soHlanga).
Abelumbi bayazi (futhi) bayabona ukuthi selufikile usindiso lwabantu boHlanga. Benza konke okusemandleni ukuthi badukise umuntu woHlanga ekutheni acabange ukuthi (abalumbi) baphethe ikusasa eligcono ngomuntu woHlanga ukwedlula uMveliqali. Lokhu kuzolutha kweduse iningi lethu (thina) boHlanga.
Funda lapha kwiSurah 7 (Izindawo Eziphakeme) kwiKhur’aani, lapho ihlumela (the devil) lenziwa ukuba livume ukuthi lingumedusi wabantu ngalamazwi: “UMveliqali unethembise isethembiso seqiniso. Mina nginethembisile, kodwa angasegcwalisa isithembiso sami kini.”
Njengoba nazi, iSambulo seBhayibheli ngaphansi kwesihloko saJohane, sifundisa ngenyoka endala uDrako (inkomba yempucuzeko ngaphansi kombuso wezinhlanga zebala elimpofu) odukisa izwe lonke. Yikho ngqo lokhu abakwenzile. Badukise izwe lonke.
Lena yiyo kuphela indlela yokuqinisekisa ukungaketulwa kombuso wabo, ukuthi bathathe amanga bawenze abukeke njengeqiniso, bese bethatha iqiniso balenze libukeke njengamanga. Izinhlanga zamahlumela zenziwa ngemvelo ukuthi zingabi ngisho nelincane qiniso leli.
UJesu wathi eBhayibhelini (Johane 8:44) iqiniso lalingekho kubo, ngokuba uyihlo wabo “wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lalingekho kuye.”
Ngakho izingane (abelumbi nezimpelesi) kazikwazi ukuba neqiniso. Kumele silazi iqiniso lobunzima nobukhulu besikhathi esiphila kuso.
IQiniso linguMsindisi wezimpilo zethu uma nje (sike) sakholwa yilo. Izizwe zontabakayikhonjwa zisempini nesizwe Sethu namuhla, kodwa ziyala ukusitshela iqiniso ngalempi, (le) esithathe imiphefumulo eminingi kakhulu kangaka. Lokhu ukufihla iqiniso elinzulu. Kungani befuna uxolo? Ukube ukulahlekelwa (komnotho) kwalabantu bekunzima ngalendlela esibikelwa ngayo emisakazweni nasemaphephandabeni, isitha ngabe siguqe ngamadolo kumanje sinxusa uxolo.
Kepha (ngathi) izinto zihlanekezelwe. Lokhu ukufihlwa kweqiniso elinzulu. UMveliqali uthi iMelika ngeke ilivume iqiniso lokulahlekelwa kwayo ngaphambi kokuba sibone sekulapha emaqakaleni ethu.
Umuntu woHlanga zange wabeka ithemba komunye umuntu ngaphandle komcindezeli (izinhlanga zebala elimpofu). Noma ngabe kuthiwa umuntu woHlanga uphethwe kabi kanjani, yena usahleli ethembeni lokuba umcindezeli amutshele iqiniso.
Iqiniso lithi iMelika nazo zonke izinhlanga zimelwe yisahlulelo sokwahlulelwa ngezenzo zezono abazenze phezu kwabantu bakaMveliqali. Ukufihlwa kweqiniso kuthatha ukuzethemba, ukwethemba kanye nothando.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.