Impi yamarobhothi isemnyango: Ngabe sihlome ngokwanele siyindlu emnyama?


Lesi isikhathi sokuba sisabalalise ukusebenza kwemicabango nemiqondo yethu siyindlu emnyama ngomkhakha wobunjiniyela be-robotics. Kafuphi lomkhakha ubalulekile kakhulu ezimpilweni zethu, kepha sekube khona imibono eminingi efakazela ukuthi abantu abayi nganxanye bengemanzi. Nokho lokhu kudalwa ulwazi oluncane abantu abanalo ngalomkhakha wobunjiniyela.
Mhlawumbe kuhle siqale ngokuqonda ukuthi yini i-robotics. I-robotics iwumxhantela wobunjiniyela obugxile ekusebenziseni ubuchule bomqondo ne-coding ukwakha amarobhothi angaba umfanekiso wabantu, wezilwane noma wento ethize ezokwazi ukwenza umsebenzi onzima nokungelula ukuba wenziwe umuntu ophilayo. Lamarobhothi akwazi ukusebenza ngaphansi kwezimo ezinzima ngesikhathi esisheshayo. Lezi zimo kungaba ukusindisa abantu abavaleleke ebhilidini elingqongqiswa umlilo, kungaba ukushayela amabhanoyi nezimoto ezindaweni okungafinyeleleki kalula kuzo ukusabalalisa izidingongqangi ezisebenziswa imiphakathi emhlabeni jikelele.
Uvalo ngalamarobhothi ludalwa ukuthi athembeke kangakanani ekuvikeleni abantu, nokuthi sizokwazi yini ukuwalawula, ikakhulukazi uma enikezwa inkululeko namandla okucabanga eyedlulele. Phela uma esabalala ezweni, lokhu kuzobe kusho ukuthi isidingo sabantu abaphilayo abasebenzayo sizoncipha – nokuzonyusa isibalo sabangasebenzi. Cabanga izindawo ezinjengezibhedlela zona ezihleze ziphithizela futhi ezidinga ukucophelela okwedlulele ikakhulukazi amagumbi e-surgical research. Uma amarobhothi esebenziswa khona, angasiza ukwenza izinto ngokushesha elandela imiyalelo ethunyelwa ngobuchule be-artificial intelligence. Okuhle ngalokhu ukuthi kuthuthukisa umnotho, kuphucule amaphutha nesidingo sokwenza izinqumo ezikhathini ezinzima. Phela amarobhothi awakhathali, awazweli futhi awazeli.
Kepha lokhu kuyosho ukuphela kwesidingo sabantu abenza eminye yalemisebenzi ezobe seyithathwe ilamarobhothi. Kuyinto efanayo nakweminye imikhakha okungaba isezikoleni, embuthweni wezimpi, izindawo zokudla nezitolo ngokwehluka, emasimini neminye imikhakha.
Njengabantu kujwayelekile ukuthi sikhethe imisebenzi ezosiphilisa kahle, ingasiqhelelanisi nemindeni yethu futhi isinikeze imihlomulo ezoqinisekisa ikusasa elihle lemindeni nesizukulwane sethu. Kepha lendlela yokwenza iqhutshwa kakhulu uvalo, nokugcina sekusinqanda ukuba sicabange ngaphezu kwalokhu esiqashelwe ukuba sikwenze. Yikho-ke lokhu okwenza abantu babe nkamunkamu ngamarobhothi. Phela wona awanayo imizwa. Awazalani kepha ayakhandwa, nokwenza indlela acabanga ngayo ingafani neyabantu.
Uma kungathiwa onke amacala ezinkantolo aqulwa amarobhothi, cishe ingalo yomthetho ingalandelwa ngokuphelele. Phela azobe ecubungula yonke into ngokuphazima kweso elandela uhlelo oluthize lokucubungula icala nokuthola ubufakazi. Cabanga i-data angakwazi ukuyithola ngokushesha esebenzisa amarobhothi namakhamera asemigwaqeni nasemabhilidini, amakhadi asebhange, amaloba (fingerprints), imishini yokuhlonza iqiniso kumuntu (lie-detectors), izindawo ezivakashelwe umsolwa esebenzisa iGoogle Maps ne-IP address ekumakhalekhukhwini, izinga lokushisa emzimbeni nokushaya kwenhliziyo konke okuqoshwa omakhalekhukhwini namawashi esimanje.
Ishwa kukhona konke lokhu ukuthi ukusabalala kwamarobhothi kuzophendula abantu amagobolondo angenamsebenzi. Ngokwemibiko yakamumva, ngonyaka wezi-2030 imisebenzi engaphezu kwezigidi ezingama-30 ezimbonini izobe seyenziwa ngamarobhothi ngobuchule be-artificial intelligence. Onke lamarobhothi asebenza ngamandla kagesi negesi, nokunyusa amazinga okungcola nokushisa komhlaba. Okubuhlungu nakakhulu ukuthi awanawo amancoko nobuntu.