Now Reading
Imfundo yethu kumele engabe iwudondolo lokusiphumelelisa kokuningi
Dark Light

Imfundo yethu kumele engabe iwudondolo lokusiphumelelisa kokuningi

Uma ucabanga ukuthi izwe ngelethu, siyalibusa, nokuthi sisazolibusa, kumele ucabange kabili ngoba kuningi okusamele kulungiswe aboHlanga belungisela aboHlanga. Ngiyayithanda imfundo futhi ngiyamthanda umuntu omnyama ozimisele ngemfundo. Sengineminyaka eyeqile eshumini ngigqugquzela abantu bakithi ukuthi bafunde ngokuzimisela ngoba imfundo ishintsha okuningi.

Ngangingazi ukuthi ngenkathi ngithi abafunde ngangithi abantu abagibele isitimela esiyobafaka eweni futhi balimaze nabaningi. Uma ngithi sifunde kakhulu angiqondile ukugxeka imfundo futhi uma ngithi ngeke silibuse angisho ukuthi ngibukela phansi umuntu omnyama kanye nobuholi bezwe obukhona.

Ngisakholelwa ukuthi imfundo kumele yenze loku okulandelayo empilweni yomuntu. Imfundo kumele ishintshe indlela ocabanga ngayo. Lokhu kusho ukuthi umuntu ongafundile uma umqhathanisa nofundile, kumele ubekhona umehluko kwindlela abacabanga ngayo. Ofundile kumele acabange ngokujulile, kanye nangendlela ekhombisa ukuthi imfundo ikhanyise lapho bekumnyama khona.

Lokhu kusho ukuthi ngaphambi kokuthi bakhethe imikhakha yezemfundo abafundi emazingeni aphansi kumele bazibuze ukuthi uzoletha luphi ushintsho kwindlela engicabanga ngayo lomkhakha wezemfundo. Imfundo kumele ikwenze wehluke kwabanye ngokwenza. Umuntu ofundile akenzi izinto njengomuntu ongayanga esikoleni. Kunezinto angazenzi nanoma ngabe zibukeka zizinhle, ngoba ufundile. Imfundo ikuvula amehlo okubona izinto obungeke uzibone ungafundanga. Ngokwezamabhizinisi, ngingathi imfundo ikwenza ukwazi ukubona amathuba nalapho abantu bethi awekho khona.

Okudabukisayo ukuthi ihlulekile imfundo ukwenze konke lokhu okungehla kuboHlanga. Bayitholile impela imfundo, bafunda baze bagogota, bathola iziqu ngambili, ngantathu kodwa azikho izithelo ezikhomba ukuthi sifundile. Uma sike sakhethwa ukuthi siphathe sidala omkhulu umonakalo kunokuthi silungise. Indlela esicabanga ngayo ayisho ukuthi sifundile, kungakho ngithi ngeke silibuse, sifunde kakhulu. Imfundo iyasixhopha, yenza singaboni ngisho emehlweni. Yibona kanye abantu abafundile, ezikhundleni, abahluleka ukuhola ngendlela ekhomba ukuthi bafundile. Uma uvakashela amahhovisi kahulumeni kuyadabukisa, abantu abafuni ukusebenza. Into ethusayo ukuthi iningi labantu abafundile baqashwe ngoba befundile kodwa abakufundela abakwazi. Abafuna ukusebenza abakwazi ukusebenza ngoba izinsiza kusebenza azikho.

Abantu abafundile sebayefana nabantu abangafundanga. Imfundo ihlulekile ukuthi imenze ahluke ofundile. Okudabukisa kakhulu ukuthi siyehluleka ukuletha ushintsho ngayo lemfundo eyafelwa abantu abafaka phakathi uHector Peterson. Into esiyaziyo ukuthi sihambise phambili ukuthi sifundile kodwa ibe ingabonakali imiphumela yemfundo kwesikwenzayo. Okuphinde kudabukise kakhulu ukuthi asiboni ukuthi siyazihlaza kwezinye izizwe nakubantu abangafundanga ngenkathi sihamba phambili ngokwehluleka sibe sifundile.

Sengiyesaba uma kumele ngitshele abafundi ezikoleni ukuthi imfundo iwukhiye wempumelelo ngoba lokhiye engikhuluma ngawo ukhiye inqondo, wakhiya intuthuko, wakhiya indlela ehlukile yokucabanga, wakhiya ukuzithanda, waphinde wakhiya inqubekela phambili kuyo yonke into esiyenzayo. Singabohlanga sidinga ukhiye ohlukile ngoba imfundo ihlulekile ukusikhulula futhi ihlulekile ukusenza sivulelane amathuba enkululeko. Kunokuthi sivulelane amathuba enkululeko, sivalelana sodwa futhi siqindezelana sodwa, silingisa abantu abazondanayo.

Libuyele kondlebe zikhanya ilanga, labuswa ngabakama ngezandla izwe lobabamkhulu noma sesifundile. Siyehluleka ukubuyisa isithunzi somuntu omnyama noma imfundo isinikile ukuhlakanipha. Ngizwe isifundiswa sangakithi sibuza ukuthi sizowenzani umhlaba, ngavele ngashaqeka. Ngivele ngabona ukuthi ngeke sisalibusa ngempela futhi ikati lisazoqhubeka lilale eziko. Ngibone ikhansela esasifunda nalo enyuvesi lidlala ngaboHlanga, libathembisa into engekho njengalaba esikhala ngabo abangena ezikhundleni kusukela ngo-1994. Ngivele ngabona ukuthi kumele kuqalwe phansi ngoba akukho lapho siyakhona uma sisahamba ngalendlela esihamba ngayo.

See Also

Njengoba bengishilo ukuthi angiqondile ukubukela phansi imfundo futhi ngiyamhlonipha wonke umuntu ofundile, kodwa ngiyakhala ngemfundo esishiya singanalutho sibe siyisebenzele kanzima. Indlela izinto eziyiyo zingenza ngizibuze ukuthi yini eyonakala. Awuzibuze nawe ukuthi ingabe inkinga yithi noma yimfundo esiyitholile yenze saba abantu abalukhuni nabahlulekayo noma imfundo esiyitholile ayikho ezingeni lokusenza sishintshe izinkinga izwe elibhekene nazo, ikakhulu aboHlanga.

Ngosuku esiyothola ngalo izimpendulo zalemibuzo siyoba abakhululekile futhi siyolibusa izwe lokhokho libe nenqubekela phambili.


UDkt uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi

Scroll To Top