Now Reading
Intsha yamanje kayikhumbule ubuqhawe nesibindi sentsha yowe-1976
Dark Light

Intsha yamanje kayikhumbule ubuqhawe nesibindi sentsha yowe-1976

Ekuseni mhla zili-16 kuNhlangulana kowe-1976 izinkulungwane zabafundi baseSoweto zahlela futhi zabuthana ukuba zibe nombhikisho onokuthula, zibhikishela umyalelo owakhishwa othi isiBhunu kanye nesiNgisi sibe yimpoqo kuzozonke izikole zasemalokishini.

Lokhu okwakuhloswe ukuba kube ngumbuthano onokuthula ngesikhulu kwajika kwaba ifu elimnyama emlandweni wethu njengezwe ngoba kwabizwa amaphoyisa ukuthi azogada umbuthano wabafundi kepha kwagcina kuqhuma isibhamu kuchitheka negazi lentsha eyayizibhikishela ngokuthula.

Kukholakala ukuthi bangaphezu kwama-500 abantu ababulawa ngalolusuku osekuliholidi manje, iningi labo abababulawa kwakungabafundi. Izwa-nje intsha engaka ikusasa lethu, kwakungodokotela, abameli, amaphoyisa ngisho neziqumama zethu zingane zaboHlanga zakusasa ezasala ngalolus uku.

Lolu suku kithina zingane zoHlanga eziphilayo seluyisikhumbuzo salabo bafundi ababanesibindi abangaqondi nje kuphela ukubaluleka kwemfundo esezingeni eliphezulu kodwa nokubaluleka kokufundiswa ngolimi lwakho lwebele. Lamaqhawe ethu ayekuqonda ukuthi lesiya sinqumo sokwenza isiNgisi nesiBhunu kube impoqo ezikoleni kwakungazile-nje kuphela ukuzokhubaza umqondo waboHlanga kepha kwakuzoqeda ngezilimi zethu.

Besihlale sifundiswa ngokwenzeka ngalolu suku kodwa iqiniso lithi thina njengentsha yaboHlanga asikaze sazi ukuthi thina ngqo  silugubhe kanjani lolu suku olubaluleke kangaka kithina. Asiyazi ngokweqiniso indlela yokuhlonipha isibindi, namandla intsha yangowe-1976 eyaba naso ibhekene nababusi bezwe ababengenandaba ngekusasa lethe zingane zaboHlanga.

Izinto ongazenza ukubungaza lolu suku:

Funda ngokwenzeka ezindabeni ezixoxwa ngabasinda, abahleli kanye nalabo ababephila ngalesiya sikhathi,njengogogo nomkhulu noma omalumekazi  nomalume. Futhi ufunde konke ngomlando we-1976.

Kasifunde ukusekelana siyintsha yamanje. Kunoma yisiphi isizwe, intsha imele isici esibaluleke kakhulu nesinamandla emphakathini. Siyikusasa njengesizukulwane esincane kunathi. Asitshale kithi, amalungelo ethu, imfundo kanye nempilo. Asilungise lokhu njengentsha ukuze kuvuleleke ngokuphelele konke okungamakhono namathalente ethu angalekelela isizwe sethu futhi akhombise ukuthi intsha eyaphangalala kowe-1976 lokhu eyakwenza kwakungalona ize.

Thola ukufana kwempi yentsha yowe-1976 kanye nezimpi  ezibhekene nentsha yesikhathi sethu. Ngemuva kokucosha lokho kufana kusebenzise ukuthola amandla nogqozi lolu abasishiya ngowe-1976 kanye nalabo abasaphila ababanaso bebhekene nesitha ukuze sinqobe isitha sesikhathi sethu.

See Also

Ulimi: Khumbula ukulwela ulimi lomdabu. Laba abangaphambi kwethu kufanele sibakhumbule ngokufunda, ukukhuluma kanye nokuzigqaja ngezilimi zethu ezihlukahlukene. Kufanele silwele ukubandakanywa kwazozonke izilimi zabomdabu ezinhle, kuhlanganise nolimi lwezandla.

Nakuba kungenabo ubuhle obuningi emzabalazweni esasikuwo njengabafundi boHlanga kanye nabazali bethu phambilini futhi sisaphoqeleka ukuthi sibekezele namanje kwezinye izinkinga esibhekene nazo kepha bukhona ubuhle endleleni esilwa ngayo, indlela esikhula ngayo, indlela esikhuthazela ngayo, indlela esihlangana ngayo nokuthi lokho bekulokhu kuhunyushwa kanjani ezizukulwaneni zonke.

Kunobuhle olimini lwethu nasemiqondweni yethu. Asibungaze intsha yowe-1976 ngokuqhubeka ngokuzigqaja ngolimi lwethu nangemfundo yethu.


Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top