INdlovukazi uBayeni yabe iyigagu ekuqaleni amahubo



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
INgonyama uMageba izalwa emzini weSilo uZulu kwaNobamba, okuyiwona oyikhanda ezindlini zonke zobukhosi. Lapha ngisho ukuthi amakhosi onke akwaZulu ngesibongo adabuka esigodlweni sakwaNobamba lapho kuzalwa khona iSilo uMageba. Kwathi ukungena kweSilo uMageba emacansini omfowabo iNgonyama uPhunga, sase sakhela iNdlovukazi uBayeni isigodlo saseMakheni. Ngakho-ke indlovukazi yasishiya isigodlo saseBulawini yayohlala eMakheni. lsigodlo saseMakheni saba nesasasa elikhulu esizweni sakwaZulu ngokuba kwakuhlala kugcwele abantu kuso. Kwakuthi uma kunemikhosi eyayenziwa yiNgonyama uMageba, kutheleke izinkumbi zabantu bezosingatha ubukhosi babo. Kwaze kwathi ngalokho kwenza kwabo kwaqambeka isisho esithi: “BangangoZulu eya eMakheni.”
Umbuso kaZulu wabe usuzinzile lapha, kanti nesithunzi sawo sesihlonipheka kakhulu ezweni. INdlovukazi uBayeni yazala ingane yomfana, iSilo uMageba sayiqamba igama sathi nguNdaba. Le ngane yaziwa ngokuthi nguNdaba kaPhunga noMageba ngoba kwakuhlonishwa ukuzalwa kwayo yiZilo ezimbili zoHlanga lobukhosi. INgonyama uNdaba ngenye yeZilo zoHlanga eyahlonishwa kakhulu yisizwe sakwaZulu kangangokuthi ngisho abeNdlunkulu imbala kuyaye kuthi uma bekhuluma ubezwe bethi, “Muzi kaNdaba.” Lokhu kukhombisa ngokusobala indlela iNdlovukazi uBayeni eyayinamandla ngayo ukugqamisa isithunzi somtanayo iSilo uNdaba. INdlovukazi kuthiwa yabe iyigagu elikhulu ekuqaleni amahubo amasha esizwe sakwaZulu.
La mahubo yayiwaqamba ngaye umtanayo iSilo uNdaba, kangangokuthi iNgonyama uNdaba yiyona yodwa okusakhumbuleka amahubo emikhosi ahlatshelelwa ngayo lapha eNdlunkulu. INdlovukazi uBayeni yaba nendima enkulu ukukhuthaza umtanayo ukuba ayikhuthalele imikhosi yamasiko esizwe. Kwakuthi uma kwenziwa imikhosi kulesi sigodlo saseMakheni, abantu bakwaZulu babebuya babe zinkumbi, babonakale bephethuza okwezimpethu zendlovu. Kwaze kwavela isisho esithi: “BangangoZulu eya eMakheni.” INdlovukazi lena yayibekwa ebusayo ngaleso sikhathi ngokuba iyethule kwabomuzi wayo kanye nasesizweni sonkana. Kwakuthi uma isibekiwe, bese inikezwa igunya lokuba ivunulele imikhosi ngesiphuku sesikhumba senyathi. Kunomnqwazo noma umqhele omncane owakhiwa ngesikhumba sebhubesi ewufaka ekhanda kanye nosiba lwegwalagwala elufaka kulowo mnqwazo, bese kuthi entanyeni ifake umgexo owakhiwe ngobande. Ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uShaka, iSilo sasifaka ibhengela lengxotha. INdlovukazi yona yayifaka umgexo owawenziwa ngebraso obizwa ngokuthi, umnaka.
INdlovukazi yayiwufaka ugcwale intamo njengalona ofakwa ngamaNdebele manje. Kwathi ngokuba le ndawo yakwaZulu iyashisa kakhulu, enye yamakhosikazi esigodlo seSilo yabonakala isibola intamo. ISilo uShaka sabe sesinquma ukuba lolu hlobo lomgexo lomnaka luyekwe lapha eNdlunkulu ngoba lubonakala lungaze ludale ingozi kuNdlovukazi. INdlovukazi iyona yodwa eyayinobhoko eyayivunyelwe ukudondolozela ngalo phakathi kwesizwe uma ihamba endaweni yaseMakhosini. Lolu bhoko lwalufana nenduku yobukhosi eyayiphathwa yiSilo, yaziwa ngokuthi yisimiso. Ubhoko lolu yilona okwakuthi uma idondolozela ngalo kuthiwe isimamisa ngalo umhlaba. Abadala babenenkolelo yokuthi iNdlovukazi iyona ehlonishwa kakhulu ngisho nangamakhosi aleleyo. Yilolu bhoko obekuyaye kuthi uma idondolozele ngalo, kuthiwe izamazamisa izinyanya ukuba zivuke, zisingathe iWundlu lazo elibusayo.
Lolu bhoko lwaluludala kakhulu, seluyinsila yeziNdlovukazi zonke zamakhosi. Yilona abathi lwalungumkhombandlela wesizwe. Kwakuyaye kuthi uma behambe baze bahlwelwa, bese belala ehlane, babeluhloma phansi lolu bhoko, balubhekise lapho beqonde ngakhona ukuze bangezethuki sebebuyela emuva. INdlovukazi uBayeni yayivunula ngayo le mvunulo yeziNdlovukazi zakwaZulu. Ukuphuma kweNdlovukazi esigodlweni izongena esibayeni uma kwenziwa imikhosi, lokho kwakusho isibusiso semvula esizweni. Kwathi ngesikhathi seNdlovukazi uBayeni kwamiswa umthetho endaweni yaseMakhosini wokuthi akungabibikho umuntu ongabonakala edondolozela ngobhoko kuleyo ndawo ngoba uma enza njalo ugwaza amakhosi aleleyo. Leyo ndawo yaseMakhosini yanikezwa isithunzi esikhulu ngesikhathi kubusa iNgonyama uNdaba. Kwamiswa imithetho okwaphoqeleka ukuba ihlonishwe ngumuntu wonke owayakhele ubukhosi ngaphansi kweNdlovukazi uBayeni.