Now Reading
Benze okungale kobizo abahlengikazi esibhedlela iMahikeng Provincial
Dark Light

Benze okungale kobizo abahlengikazi esibhedlela iMahikeng Provincial

Ukubabaza okungamachilo ngaphansi kukahulumeni wabantu sekwaba yimpilo yansukuzonke ezweni


UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uyakugcizelela ukukhululeka ngokwemizwa yakho okungasho inkululeko yokukhuluma ngokungesabi, kungaba ukukhuluma ngqo emphakathini noma udlulise umyalezo usebenzisa izinkundla zokuxhumana okanye ngezithombe. Umbandela kulokho ngothi inqobo nje uma leyo nkulumo okanye izithombe kungahlambalazi, futhi kungekona okwehlisa isithunzi komunye umuntu.

Esikhathini lapho ingxenye enkulu yabantu isisebenzisa izinkundla zokuxhumana ukudlulisa imiyalezo, sekwaba lula ukuthola ngokuphazima kweso okwenzeka kwenye ingxenye yezwe okanye yomhlaba. Izinkundla zokuxhumana njengayo yonke into zinobuhle nobubi bazo kuye ngokuthi umi ngakuphi. Kulokhu bayadinga ukutuswa abasivezele isithombe ngokwenzeka esibhedlela saseNorth West, iMahikeng Provincial Hospital, lapho kusabalale khona izithombe zezingane ezisanda kuzalwa zifakwe kumakhadibhothi ngoba isibhedlela sintula ama-incubator.

Abahlengikazi abaqhamuke naleli qhingasu bayadinga ukuchonywa uphaphe legwalagwala, ngokungachithi nje izandla uma kunenkinga kepha benze okungale kobizo. Ukube izithombe zezingane esibhedlela azifakwanga ezinkundleni zokuxhumana, ngabe isizwe asizwanga ngensambatheka engaka. Okufike kudide kakhulu ukuthi lesi yisibhedlela esikhulu esifundazweni, esamukela ngisho neziguli eziphuma kwezinye ezincane ezingenazo izinsiza eziphelele. Lokho kufakazelwa nawukuthi ngosuku okwavela ngalo le nsindabadala, kwamukelwa isibalo esiphezulu sabesifazane abebezoteta.

Sizibuza ukuthi empeleni uyini umsebenzi weziMeneja zezibhedlela uma iwadi elenza umsebenzi obucayi njengokubelethisa lishodelwa yizinsiza kungabikwa. Kube kuhle ukuvezwa kwaleli hlazo ngoba nezinye izibhedlela sekuvelile ukuthi zidonsa kanzima ngezinsiza, kepha lokho kukhulunyelwa phansi. Siyabadinga abahlengikazi abanjengabaseMahikeng Provincial Hospital abasahleli esifungweni abasenza sePatho Pele.

See Also

Kumangazile nje ukuzwa uMphathiswa Wezempilo kulesiya sifundazwe uMnu uMadoda Sambatha, ethi bazothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe abahlengikazi abenze lokho. Kumele inconywe inyunyana yabahlengikazi iDemocratic Nursing Organisation of SA (Denosa), ngokumkhalima ngoba ubesenhlanhlatha. Empeleni nguye uqobo okumele aphendule kulokhu ngoba kuba nemihlangano ayibamba nabaphathi bezibhedlela ngezikhathi ezithile.

UKhongolose unayo nenselelo enkulu yokuyibuyekeza indaba yokuthi okungenani ezifundazweni abaphathiswa bezempilo kube ngabantu abaqeqeshiwe kulo mkhakha njengaseLimpopo enoMphathiswa uDkt uRamathuba. Eqala nje evula umlomo kuyezwakala ukuthi ukhuluma ngento ayaziyo, akaculi ingoma yepolitiki njengakwezinye izifundazwe ekubeni izinto zonakala.

Scroll To Top