Umdlalo uShaka-Ilembe usinika ithuba lokubuyekeza



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukuba nomona ngomlando ngeLembe nesizukulwane salo kuhle kuqondwe kangcono
Umlando uyinto emqoka kubantu kanjalo nasesizweni. Ukuxoxwa kwawo kuvusa imizwa eyahlukene njengoba ekuxoxweni kwawo kuvela amaqiniso kwesinye isikhathi acisha konke lokho umuntu ayekhule ekwazi. Yebo umlando oqondile ufana nelanga liphuma, uthi ungaphakama amanga egceke ashabalale njengamazolo. KwaboHlanga umlando uyikho konke ngoba yiwo ofakazela ulibo lwaloyo mndeni naleso sizwe. Kwabanye kuze kube nguwo okhomba amakhosana omuzi kanye nawesizwe. Ziningi izindlela oqoqwa noxoxwa ngawo umlando. Kukhona oxoxa ngoba ayekhona, aze afakaze. Kube ngoxoxwa ngumuntu ozwe ngaloyo owayekhona bese kuba khona oxoxwa zifundiswa ezisuke sezihumusha lokhu okuxoxiwe.
Omunye womlando ohlale uvusa ugqozi nenkulumompikiswano yilowo okhuluma ngeLembe kanjalo nesizukulwane salo. Njengombumbi wesizwe iLembe lihlale liyinoni kubabhali, abahlaziyi nabantu nje jikelele. Kunjalo nje ngoba umlando wesizwe uncike kuwo umlando weLembe. Yilesi sizathu phakathi kwezinye esenza kube mqoka ukuqonda ‘umona’ omuhle ngalo mlando ngoba akuwona oweLembe nje kuphela kepha okwezinkulungwane zabantu nemindeni. Lona ngumlando ophilayo ngoba kubo bonke ababekhona ngesikhathi selembe kusuka kuzo izibongo namagama, abaphilayo namuhla babizwa ngabo.
Ngenyanga ezayo kuzoboniswa kuthelevishini umdlalo olunguza emlandweni weLembe nesizukulwane salo. Lo mdlalo olingiswa zingane zawo umlando njengoba iningi lazo kungaboHlanga abangabeNguni namaZulu. Lo mdlalo ngokungangabazisi uzokwenza sikhulume njengesizwe nokuyinto enhle. Uzokwenza sisole, situse kwesinye isikhathi sibe nokudideka ukuthi yini okuyiyo.
Yonke lemizwa iyisithako esihle ekuqaleni inkulumo eyakhayo ngomlando wethu. Okusinika ithuba eliyingqayizivele yikuthi sonke thina esikhona manje sasingekho ngesikhathi seLembe. Sonke siyobe sibuka ngamehlo nangomqondo okuphakelwe hayi ngisho nalabo abaxoxelwa kepha kuyobe kungenxa yalokho esiqoqelwe khona ngabahumushi balokho osekubizwe ngomlando.
Abayoba nenhlanhla yokubuka lomdlalo bayobe bazenzele phansi uma bengasebenzisi lelithuba ukuqala eyabo ingxoxo emakhaya, ezikoleni, ezindaweni zokucima ukoma, ezinkundleni zokuxhumana. Lengxoxo kumele igxile ekutheni singobani lapha ekhaya, sithini isibongo sethu nokuthi sivelaphi. Sithi ngubani lapha olibweni lethu owayekhona ngesikhathi seLembe, wenzani noma wenziwani.
Nembala akuzona zonke izimpendulo eziyoba mnandi. Ezinye ziyogugula konke owakhula ukwazi ngesibongo sakho nabanikazi baso. Lokhu kuyokwenza udumale uphinde usole. Kulabo abasaba lokhu kuhle bakhumbule ukuthi ukukhumbula (ukuxoxa ngomlando) kuhlakula indima ebanzi ekwakheni ulwazi ngemuva, ubuhle balo okungaba wukunqoba kanjalo kuveza ithuba lokugwema amaphutha ayizolo emlandweni.
Kuyoba kuhle ukuba lomdlalo ongeLembe nathi sonke siwunike ithuba kanjalo nathi sizinike okufanayo, kuthi ekugcineni sakhe amaphuzu amqoka ekuxoxeni kokunye nase kubhaleni umlando wethu kabusha sikhumbule ukuthi nowethu uyafana nowabo bonke abantu, umazombezombe.