Ukuganiselana kuyabuqinisa ubuhlobo ezizweni


Ukwakha ubuhlobo ngokwehlukene kwaboHlanga e-Afrika, kuhambe kufike lapho, ukuthi kwakubasobala bengakafiki abase-Europe nokusididisa ubuthina,maqede sadidisana.
Isihloko sama-20 esithi, Swazi marrying-in.Ukuganiselana kwabaseSwatini kubalulwe kusuka ekhasini lama-339 kuya kwelama-345, encwadini i-A History of Swaziland yombhali, uSolwazi uJ.S.M. Matsebula.
Lapho uMatsebula ethi, kunento esemlandweni ngabesebukhosini baseSwatini ekuganiseleni abanye boHlanga ngabaNtwana basebukhosini baseSwatini.Bakwenza ngenkathi yeLembe uShaka kaSenzangakhona noSomhlolo uSobhuza wokuQala iNgwenyama yamaSwati.Kanti iNgonyama uShaka yaze yacela ukuganiselwa uMphandzese indodakazi kaSomhlolo. Kwathi udadewabo kaSomhlolo,uPhosile waganiselwa uZwide.
Wakhulelwa uMphandzese wabulawa yiLembe,okuthiwa lalingamfuni owesifazane okhulelweyo. Kusuka lapho amaSwati akabe esafuna ukuganiselana nabaKwaZulu, kwaze kwaba ngowe-1973 ngoZwelithini kaBhekuzulu egcagcelwa nguMntwana uMantfombi (uMantombi) okaSobhuza wesiBili.
Abakhona amaKhosi aKwaZulu, okwakunguMasiphula kaMamba Ntshangase oBiyela, noMnyamana kaNgqengelele Buthelezi, abaganiselwa amadodakazi amaSwati. USomhlolo waganisela ngisho nomqonelabusabanye uSir Theophilus Shepstone imbala ngodadewabo uTifokati, kusabusa uMpande kwelikaMthaniya, ukuba (uShepstone) amvikele kuMpande.
Kwakungowe-1973 kufika eSwatini iSilo uZwelithini, umzukulwana kaMpande ukuzokwakha nokuvuselela,ukuzwana okwase buphelile kusukela kwiNgonyama uShaka kuye kwezinye iziNgonyama (zakwelikaMthaniya).
Wenaba ngokuthi wayeseganiwe uZwelithini.Lapho okwafika abaKwaZulu ngosuku lomkhosi wezintombi zaseSwatini. AbaKwaZulu bathi babeseSwatini ukuzofuna umama wabo (umama wesizwe samaZulu), ababezozikhethela bona nowayezobazalela iNkosi.Bakhetha uMntwana uMantfombi baya naye KwaZulu, uNdlunkulu uMantfombi ongasekho (2021) nozala iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Babuya futhi eSwatini, kwaLobamba noMantfombi sekuzoqalwa umcimbi wokucela nokulobola.Kwakungabendlu kaSenzangakhona iningi elaluthulwa ngamunye ngamunye,nokwethusa indlu yonke yabaseSwatini.Ngolandelayo unyaka, abaKwaZulu bafika begquba umhlambi owawuyi-161 lezinkomo zelobolo kwaLobamba.
Ngowe-1973 amaSwati aganisela iNkosana uCornelius kaMabhoko kwaNdebele ngoMntwana uSiphile kaSobhuza wesiBili.Nabo ngonyaka olandelayo, bagquba umhlambi owawuyi-100 lezinkomo zelobolo kwaLobamba.
Kwaphinda nguMntwana uPhumaphi umzukulu kaSobhuza wesiBili kuMuziwenkosi umzukulu kaLangalibalele wasemaHlubini eMtshezi, Escourt KwelikaMthaniya.
Abokugcina ngowe-1977, kwakungamaMpondo aseTranskei, nakhulunyelwa ngamaHlubi kumaSwati.Lapho uLobekiso umzukulu kaSobhuza wesiBili agana uMpondombili umzukulu weMkukani uBotha Sigcau (Sigcawu).Wayengumengameli wokuqala waseTranskei ,kusabizwa ngohulumeni wezabelo (ngohlelo lukahulumeni wobandlululo lwamaBhunu) ephetha.
Ngamafuphi,akuyona into entsha ukuba abasebuKhosini obuthile,baganiselene ngenhloso yokuqinisa imbumba yaboHlanga eyabhidlizwa ukufundiswa kwethu izimiso,umoyamqondo, umoyamfundisabanye, isikompilonhlalo lase-Europe ukuze sixwayane.
Uma ubukisisa,ufundisisa,ucubungula ekhasini le-103,singakubeka ngokuthi ikomkhulu laseSwatini laqanjwa ngeNkosi uMbabane Kunene, eyayakhe eduzane nomfula okwakumila isimila sendawo esibizwa ngokuthi ilubambe,esibabayo nesikhuluphalisa izinkomo.
Kwaba nenqubekelaphambili eSwatini, ngoba ekhasini le- 102 libalula ngokuqalwa kwamadolobha eSwatini, okungelakwaManzini nokuthiwa babebathathu oManzini. KwakuyiNkosi uManzini Motsa,uManzini Mkhatjwa,uManzini (uMantini) iputukezi elalingumninisitolo esasidayisa utshwala obehlukene.Kuthiwa izitolo zokuqala zakhiwa ngu- Albert Bremer nayebambisene naye u-W Wallenstein, esakhiwa endaweni yeNkosi uManzini Motsa. Nokho –ke kubalulwe ukuthi babephikasana abamhlophe ngendawo esasakhiwe kuyona,yize isitolo sasisendaweni kaMotsa.
Kuyacaca, aboHlanga baseSwatini nabanye base-Afrika, bakwazi ukuqamba amagama akomkhulu emazweni abo.Abafananga nabaseNingizimu Afrika ngesikhathi sezingxoxo kuCodesa yokuqala neyesibili,osekuhlaluka ukuthi kuningi abakushiya kulenga ngabomu ababesezingxoxweni.Ngazi bathini onembeza babo uma sekunjena.