Now Reading
Isiqephu sesibili solwazi: Umthetho wenqubo Ezinkundleni Zamacala Ezabasebenzi
Dark Light

Isiqephu sesibili solwazi: Umthetho wenqubo Ezinkundleni Zamacala Ezabasebenzi

Siqhubeka engosini yangeledlule lapho sicathilisa aboHlanga ngolwebele ngamacala ezabasebenzi. Sakuveza ukuthi kusemqoka ukuthi  wena ofaka icala kumele ube nobufakazi obuphathekayo bokuthi abeNkundla yamacala balicosha ifomu lakho lokufaka icala. Kungabe walifaka ngesikhahlamezi (fax) esikhipha ubufakazi bokuthi lihambile, noma ngonyazi (email) nalo olunobufakazi.

Noma walifaka ngobuxhakaxhaka bomoya (on-line). Kufanele wena ubathinte abeNkundla futhi uqophe ngokubhaliwe ukuthi bavumile ukuthi balitholile ifomu lakho. Akumele uneliswe kuphela wukuthi ngasohlangothini lwakho ubonile ukuthi lihambile ifomu.

Okwesine okumayelana nokwehluleka ukuya ecaleni ngosuku lwecala. Uma ummangali noma ummangalelwa engafiki ecaleni kuyisigaba sokuxazulwa kwecala, uKhomishana engalihlehlisa noma abhale isitifiketi sokuthi kayixazululekanga ingxabano (icala). Lokhu kusho ukuthi seliyodlulela esigabeni esilandelayo sokuqulwa kwecala.

Kodwa uma icala belimayelana nesiteleka esisemthethweni, uKhomishana kumele makakhiphe isinqumo esilawula ukubhikisha ngesikhathi sesiteleka, ngaphambi kokubhala isitifiketi sokuthi kayixazululekanga ingxabano.

Okwesihlanu ngokumayelana nokwehluleka ukuthamela icala uma selisesigabeni sokuqulwa (arbitration). Uma ongekho ecaleni kungummangali, uKhomishana kufanele athole isizathu esimubambile ummangali. Uma kuyisizathu esizwakalayo noma esamukelekayo, uKhomishana engalihlehlisa icala. Kodwa uma iszathu sokungabikho ecaleni singemukeleki kuKhomishana, engalesula icala ohlwini lwamacala angalololusuku.

Uma ongekho ecaleni kungummangalelwa, uKhomishana engaqhubeka necala engekho ummangalelwa futhi akhiphe isinqumo esimlahlayo. Noma uKhomishana engalihlehlisela olunye usuku icala.

Uma ummangali okusulwe icala lakhe ngesizathu sokungafiki ecaleni esefuna ukuba libuyele eNkundleni, engafaka isicelo zingakedluli izinsuku ezili 14 esitholile isinqumo sokulesula ohlwini icala. Ummangalelwa yena kufanele efake isiphikiso salesosicelo zingakedluli izinsuku eziyisi 7 esitholile isicelo sokubuyiswa kwecala.

UKhomishana yena uphoqeke ukuba akhiphe isinqumo zingakadluli izinsuku ezili14 kusuka ethole isiphikiso sommangalelwa. Isinqumo kungaba ngesivuna ukubuyiswa kwecala noma ngesikuchithayo.

Okwesithupha ngokumayelana nesicelo sokuhlehliswa kwecala. INkundla ingalihlehlisa icala ngaphandle kokubiza isigcawu sokulalela isicelo; uma zombili izinhlangothi zivumelene ngokubhaliwe zakufaka eNkundleni kusasele izinsuku eziyisi 7 ngaphambi kosuku lwecala.

Emva kokucubungula isicelo sesivumelwano, iNkundla ingalihlehlisa ngaphandle kokubiza isigcawu sokulalela isicelo. Noma ingabizela zombili izinhlangothi esigcawini izozilalela ukuze inqume ukuthi iyavuma yini noma qha ukulihlehlisa icala.

See Also

Futhi iNkundla ingasebenzisa noma yiyiphi enye indlela yokuthatha isinqumo sokuthi iyalihlehlisa icala noma qha.

Okokugcina, lomthetho ochitshiyelwe wenqubo Ezinkundleni Zamacala Ezabasebenzi uhambisana namafomu engeziwe okufaka amacala anhlobonhlobo ngaphansi kwemithetho eyahlukene yezabasebenzi.

Futhi uyakugcizelela ukuthi ugxile noma uhamba ngokohlelo lwemithetho yezabasebenzi okuyilena elandelayo.

  • Umthetho Wezobudlelwano Kwezokuqashwa uNombolo 66 we-1995
  • Umthetho Wemibandela Eyisisekelo Yokuqashwa (uNombolo 75 we-1997)
  • Umthetho Wezobulungiswa Kwezokuqashwa uNombolo 55 we-1998
  • Umthetho Wezempilo Nokuphepha Embonini Yokumbiwayo uNombolo 29 we-1996
  • Umthetho Womholo Oyisisekelo uNombolo 9 we 2018
  • Umthetho Wokuthuthukisa Amakhono unombolo 97 we 1998

Funda kabanzi ngalemithetho ebhukwini “Sihlaziya Umthetho Wezabasebenzi Nabasebenzi I”


UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.

Scroll To Top