Ngabe inkonzo yobuNazaretha isukaphi?
UBaba u-Isaiah Mloyiswa Mudliwamafa Shembe wayezalwa nguMayekisa kaNhliziyo, kaMzazela kaSokhabuzela kaNyathikazi Khumalo umama wakhe kunguSitheya umaHadebe. Isambulo ngoShembe savela ngokhokho wakhe uMzazela owayakhe kwaCeza eMahlabathini.
Emva kokuthi kube khona abamkhuluma kabi enkosini uMzazela wafikelwa yizwi elalithi makathuthe nomndeni wakhe. Nangempela uMzazela wathatha umndeni wakhe wabaleka elibhekise kwelamaHlubi eNtabamhlophe. Wathi esendleleni kwafika izwi futhi lathi uma efika eNtabamhlophe engabe esaba nguMzazela, azibize ngokuthi unguShembe. Nempela eNtabamhlophe waziwa ngokuthi nguShembe.
Kwathi sekuzozalwa uMphrofethi, owayezalwa nguMayekisa, labuya lelo lizwi kuyisemkhulu uNhliziyo ukuthi lo mntwana uyise owaba nesibonakaliso ngaye, nguye lo ozozalwa.
Nempela wathi uma uMphrofethi ezalwa, uyisemkhulu uNhliziyo wametha igama likakhokho wakhe, wathi nguShembe. Uyise uMayekisa wathi nguMdliwamafa ngoba kunguye owayezodla ifa lakhe.
UShembe wakhulela e Orange Free State manje esiyaziwa ngokuthi kuseFreestate lapho ubaba wakhe afudukela khona eyosebenza epulazini.
Noma ziningi izigameko zokuxhumana kukaShembe noMvelingqangi, kodwa esibalulekile yileso uMvelingqangi emfundisa khona ukuthandaza. UShembe wayezalwa emndenini ongakholwe ndawo futhi naye engazange waya esikoleni. Kwathi uShembe esekwaluseni kwafika izwi elathi akaguqe uma ekhuluma nalo. Lathi: “NgiyiNkosi yakho.” Kwaba ukumfundisa kwalo ukuthandaza.
Emuva kwesikhathi uShembe wabona iBhayibheli kumlungu ayesebenza kuye, intombazana yabe isiyamtshela ukuthi le ncwadi iqukethe izindaba zikaNkulunkulu. Le ntombazana yabe seyazi ukuthi uShembe uyakuthanda ukukholwa ngoba wake wabhadanywa ethandaza yedwa.
Ngobunye ubusuku waba sesibonakalisweni lapho wabona efundiswa iBhayibheli. Ilizwi labe selithi akovuka eyofuna iBhayibheli komunye umuzi wamaWeseli. Nempela wenza njalo, wafika walithola iBhayibheli kumaWeseli. Lapho bethola ukuthi uyakwazi ukulifunda amaWeseli ajabula kakhulu, abona ukuthi ngempela ubethunyelwe nguNkulunkulu kuwo, abe eseya naye esontweni.
Emva kwezinsuku kwacaca ukuthi lo mntwana wembethwe nguMoya kaNkulunkulu, kodwa umfundisi womlungu awakujabulela lokho, wabe esethi akayoshumayela ezindaweni aphendule “amaqaba.” Wayeka uShembe ukusonta, kodwa akabange esahlukana neBhayibheli nokuthandaza. UNkulunkulu owayekhuluma ngaye wayembiza ngokuthi nguJehova.
Kwathi eseganwe ngunkosikazi wesine, kodwa engehlukani neBhayibheli, futhi ehlale ethandaza, wafika futhi uJehova kuye. Kwathi ethandaza ekushoneni kwelanga kwaba sengathi uba nesithongwana, wabona esehamba emkhathini, ebona abantu abafake okumhlophe bengaphezu kwakhe. Wathi uzama ukubafica wehluleka, kodwa bemile. Kwase kuvela izwi lithi akakwazi ukufinyelela kulaba bantu ngoba inyama yakhe isaphila ezonweni.
Wabona isidumbu sakhe silokhu siguqile siphithiza izimpethu, wabona lo muntu obekhuluma naye ephuma kuye eyisimo somoya, kubhalwe emahlombe akhe ukuthi “Shembe.” Lo muntu wabuye wabuyela kuShembe, wabe esemtshela ukuthi kwathiwa nguShembe ngoba kuhlala yena onguShembe kuye. Wabe esethi akahlukane namakhosikazi akhe ngoba ufuna ukukhuluma naye. Lesi simo saba lukhuni kuShembe, wathi kungcono avele uJehova ababulale abafazi bakhe.
Emva kokufa kwezingane zakhe, uShembe wehlukana nabafazi bakhe waphuma emzini wakhe wahamba eshumayela. Wabuyela eWeseli, kodwa kwathi uma kufika izwi lokuthi akabhajadiswe emfuleni, amaWeseli enqaba. Wabe esethola iNative Baptist Church eyambhabhadisa emfuleni ngo-1906.
Wafika eNatali ngomhla zili-10 kuNdasa 1910 elilunga leBaptist Church, kodwa esaziwa ngokuthi unguMphrofethi, neBandla elakwemukela lokho ngoba wafika kulo vele esedume ngokuthi unguMphrofethi. Efika eNatal waqhubeka lapho egcine khona, kwanda kanjalo ubuNazaretha.
Kucashunwe oshicilelweni lwamhla zingama-22 kuMasingana wezi-2016 embhalweni kaMfu uMthembeni Mpanza