Now Reading
Siyadinga ukukhalinywa singaboHlanga kokunye esikuphawulayo
Dark Light

Siyadinga ukukhalinywa singaboHlanga kokunye esikuphawulayo

Aziziningi izinto ezenza thina boHlanga singenzi kahle kepha zimbalwa. Akungazwakali sengathi kuwukugcwaneka noma kuwukuqhuba intwala ngewisa. Kodwa-ke, kufanale kuguquke noma kufanele siguquke, sikuguqule.

Ukube nje aboHlanga benza noma umuntu wenza njengezilwane ezinaka okobobulwane bazo, ngabe asinazo izinkinga ezingaka. Inkinga ehlupha abantu ukungafuni ukunaka okwabo noma okubhekene nabo empilweni.

Sihlushwa ukwelula kakhulu imiqala, siqalaza nalapho kungafanele khona kodwa singayiluli imiqala uma kufanele.Siphawula lapho kungafanele siphawule khona, asifuni ukwedlulwa yizimo kanye nezinto. Siphawula sinhlanhlathe kwekukade sikuphawula, sinenkani engakhi.

Kuqapheleka emisakazweni, komathelevishini, ezinkundleni zokuxhumana, ukuthi loya muntu, lowo woHlanga yayingekho njena into ayeyiphawula ngoba leyo nkulumo, lowo mbono awumelaphanga umuntu owayelalele ngenkathi ephawula. Kuphela kwakuwukwedelela noma kwakuwukuchwensa ayefuna ukusivezela kona ukuthi uyakwazi ukwedelela.

Akubuzwa, bukani nje ukuthi izilwane ziziphilela kahle kanjani ngokobulwane bazo okungelona iphutha ngoba zanikwa nguMdali, ngisho sezithathiwe zafakwa emagcekeni zaba yingxenye yemindeni yabantu ngokwehlukene emhlabeni. Angiphakamisi, angiyiphakamisi nakancane eyezinja futhi angikhulumi ngeyezinja ezibulala abantu ezweni.

Njengokuthi izinja ezikahle, eziqoqekile, zinaka okobunja bazo ngeke zikucebe kwabanye ngisho kade wenza izinto ezimbi phambi kwazo, bengekho noma bengaboni labo abathile. Kanjalo nabo labo abathile izinja ngeke zabaceba nabo kulabo ngisho ngabe bebenza izinto ezimbi phambi kwazo, bengekho noma bengaboni labo abathile.

Ngamanye amazwi ngibuza ukuthi, uma sithi singaboHlanga, pho singavuka, singavusana kanjani uma abanye bethu noma abanye phakathi kwethu, bengaboni ukuthi banenkani, ngokudamane  bebona abanye ukuthi banenkani, ekubeni bona  bebonwa, sibabona kepha bengaboni, bengaziboni bona, ngoba siphundu kawuboni, ukuthi bayabonwa ukuthi nabo benenkani ukwedlula eyexoxo, eyeselesele lenqaba ukuphuma endlini,ngisho selithelwe nangosawoti, njengoba bebona banye ukuthi banenkani yexoxo, yeselesele.

See Also

Kuyavela emlandweni, empilweni ukuthi inkani enjalo ifakana ukugula, ukuzifaka ukugula noma baze bazigulisa noma saze sazigulisa ngezifo kungenasidingo mzukwana bekhula beyizingane,sikhula siyizingane kuze kubemanje.Leyo nkani yenza bangasondeli abangaba usizo kuwena noma banqikaze ukukusiza abanosizo nentuthuko.

Ngiyavuma, akekho ongazi ukuthi kukhona ukugula okungenziwa ngabantu kuwena ungazelele befuna ugule noma ufe benzela ukuzuza. Ngoba behlushwa ukuba nezinhliziyo ezimbi ezitshaleke nakubazukulu.Uma ungase ubabuze ukuthi bakwenzelani lokho ngaphandle kokuzuza imali ngokufa kwalowo, abanayo impendulo yalokho kungcola namanyala abawenzayo emhlabeni.

Kukhona ukugula okungokokuzenza komuntu emhlabeni ngokungafuni ukuboniswa, ekholelwa ukuthi kufanele kube nguyena njalo ohlale eluleka abanye. Kanti ukweluleka, ukubonisana nokubonisa abanye akusho ukuthi lowomuntu usuke ezibona engcono, nimqambela amanga.

Scroll To Top