Now Reading
UZuma ushisa izwe noma uphunga amazondo?
Dark Light

UZuma ushisa izwe noma uphunga amazondo?

Ngonyaka we-1996 iNingizimu Afrika yaqopha umlando ngesikhathi yethula uMthethosisekelo omusha nowabe uncike ekuhlonipheni amalungelo abantu, bonke. Enye yezinto eyahlukile ngalo Mthethosisekelo wukubeka phambili lo mqulu kanjalo nenkantolo njengesisekelo sokubuswa kwezwe. Lokhu kwabe kusho ukuthi kawukho umthetho ongenziwe ngaphandle kokulandela izimiso zoMthethosisekelo. Lokhu kwabe kuhlukile ngoba ngesikhathi sikaHulumeni wamaBhunu kwabe kuliPhalamende elishaya liphinde, leluse libuye lihumushe umthetho. Lokhu kwenza kube lula nje kuHulumeni wangaleso sikhathi neqembu elibusayo ukuthi bahlangane njengeningi bashaye umthetho namuhla kuse kusasa usuyasebenza nezinkantolo zizwe ngalo iPhalamende.

Muva nje imilomo iyavunana ukuthi lo Mthethosisekelo owabe utuswa kangaka ungaphansi kwengcindezi. Okumangazayo ngabalingisi abamqoka kulokhu nokungathi uma nje kuthi pheze bese kuphela konke ngoMthethosisekelo nokuhlonipheka kwawo. Kulaba balingisi kukhona owayenguMengameli uMnu uZuma kuthi ngakolunye uhlangothi kube khona lowo olisekela likaMengameli waBehluleli eNkantolo YoMthethosisekelo, uMehluleli uZondo. Kuze kube ngesonto eledlule la madoda womabili abengcweka kahle ngezinkantolo. Bekuthi ngisho engezwani ngokombono bese inkundla eyikhomba wona, kube zinkantolo.

Bathi kayiye ejokeni yaphika

Nokho emuva kokuphuma kwesinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo ngesonto eledlule nebesithulwa nguMehluleli uJafta ebesiphoqa uZuma ukuba aye kuKhomishini eholwa nguZondo  nephenya izinsolo zenkohlakalo, ube usuguquka umdlalo. Yalile-ke eyakwaDakw’udunuse ukuya ejokeni. Encwadini ayikhiphe ngoMsombuluko esiphuma kuwo uZuma uthe ufisa  ukusheshe akucacise ukuthi le Khomishini eholwa uMehluleli uZondo ngeke azihlanganise nayo kubhekwe phambili.

“Uma lokhu kuthathwa njengokwephula umthetho, umthetho wabo awenze okufanele,” kusho uMsholozi encwadini yakhe. 

Uqhuba athi: “Kulezi zimo, akukho okunye engingakwenza ngaphandle kokuba ngilwe nokungabi bikho kobulungiswa njengoba ngenza kuHulumeni wobandlululo. Ngizimisele ukuphinde ngiye ejele ukuvikela amalungelo akuMthethosisekelo,  ngidonse noma yisiphi isigwebo lo Hulumeni okhethwe ngokwedemokhrasi obona sifanele indlela ekhethekile neyemithetho eyahlukile ukufeza inhloso ngoZuma.” 

Le nkulumo kaZuma ihunyushwe ngabaningi ngisho nayo iKhomishini imbala njengokubukela phansi uMthethosisekelo wezwe. Nokho yena uthi akwenzayo wukuvikela ilungelo lakhe njengoba iKhomishini ethi inaye shaqa.

“IKhomishini eholwa iSekela likaMehluleli Omkhulu isilandele ezinyathelweni zowayenguMvikeli WoMphakathi ngokuqhubeka nokwakha indlela ekhethekile nehlukile ukubhekana ngqo noZuma,” kubeka uMsholozi.

IKhomishini ngomlomo kaSolwazi u-Itumeleng Mosala ithe okushiwo nguZuma kulishwa futhi akwamukelekile ezweni elingaphansi kwenqubo yedemokhrasi nelibuswa ngoMthethosisekelo. 

See Also

 “Okubi wukuthi umuntu owenza lokhu ngumuntu owayenguMemgameli wezwe nokumele ngabe uyisibonelo ekugcinweni komthetho,” kusho uSolwazi uMosala.

Uqhube wathi kuyamangaza ukuthi uZuma ubukela phansi iNkantolo YoMthethosisekelo kepha ngakolunye uhlangothi ucosha imihlomulo nawuthola ngenxa yawo uMthethosisekelo nokuyimali yabakhokhi bentela.

“Kubukeka sengathi uZuma uzibona engaphezu komthetho noMthethosisekelo. IKhomishini imile ekutheni ngokoMthethosisekelo wonke umuntu uyalingana ngaphambi komthetho,” kusho uMosala.

Lezi zinkulumo zeKhomishini nezikaZuma sezihlukanise izwe phakathi njengoba kukhona abathi uZuma udelela umthetho wezwe ngakho akaye ezikhindini nxa kuphoqa ukuze nabanye bangajwayeli lo mkhuba. Laba bathi ukuphawula kukaZuma kungahle kushise izwe nabathi leyo yinhloso yakhe.  Kanti ngakolunye uhlangothi kukhona abathi uZuma wenza ngakhona ngoba konke okwenzeka kuye ngamazondo nje epolitiki. Bathi bayofa lapho efa khona uZuma nokwenza kungazeki ukuthi iyozala nkomoni. Sekuyoba wumlando oyokwehlulela ukuthi ngalokhu ngabe uZuma uhlose ukushisa izwe noma uphunga amazondo abathile.

Scroll To Top