Ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa nesikole ayefunda kuso owoMsinga United



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.






UMkhokhiseni Mpanza ongusihlalo weqembu likanobhutshuzwayo eligijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal uMsinga United, uligubhe ngesitayela usuku lakhe lokuzalwa.
Lo sihlalo usuku lwakhe lokuzalwa uvele wancamela ukuthi aligubhe ngokuvakashela isikole afunda kuso emabangeni aphansi iHholwame Primary School. UMpanza ekuzogubheni kwakhe usuku lwakhe lokuzalwa kulesi sikole ube esenikezela ngezicathulo zesikole kubafundi abangama-20.
Labafundi abangama-20 bakhethwe ngokuthi kubhekwe izimo abaqhamuka kuzona emakhaya.
UMpanza ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Lokhu engikwenzile kuyisiqalo. Into engizimisele ukuthi nasekuqaleni konyaka ozayo ngiqhubeke nayo, ayi esikoleni esisodwa kodwa ezikoleni eziningi. Kubalulekile ukuthi kubuyiselwe emphakathini, ngoba lokhu kukhuthaza intsha ekutheni nayo ifune ukuphumelela ngelinye ilanga” kusho uMpanza.
UMpanza akagcini ngokuba nguMholi woMsinga United, kodwa uphinde abe ngumphathi wenkampani iSiyejabula Security Solution. Le nkampani nyakenye yaxhasa iSafa Umzinyathi ngesamba esiyizinkulungwane ezingama-R260. ISafa Umzinyathi inamaqembu angama-56 agijima ku-SAB League.
Iqembu lakhe uMpanza uMsinga United ulinde ukudlala umdlalo wamanqamu onemlenze emibili, ozonqoba lapho uzobe esemela iKwaZulu-Natal emidlaweni yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noBonga Ntombela onguMhloli omkhulu waseMsinga.
“Kuyajabulisa ukubona ukuthi kusenabantu abafana noMpanza abangakhohlwa ilapho abaqhamuka khona. Siyabonga kakhulu lokhu akwenzele lezi zingane. Okuqaphelekile ukuthi lezi zingane ezithole izicathulo bezizidinga kakhulu. Sigqugquzela osomabhizinisi bendawo ukuthi babukele kuMpanza, ekutheni babuyisele emphakathini kwazise kunemindeni ehlwempu kakhulu” kusho uNtombela.
Lo mhloli uthe uMpanza uphinde alekelele intsha eyenza ibanga likamatibuletsheni, ngokudla njengoba ibuye ifunde nangempelasonto.
UMsinga nyakenye iwona ohambe phambili nyakenye kwizikole ezenze kahle kumatibuletsheni, udlula oMasipala abangaphansi koMzinyathi, okuyiNdumeni, iNquthu noMvoti.
Omunye ophinde wakhuluma nelaboHlanga uPhindile Ngubane ongumzali kaSthandiwe Hadebe owenza ibanga lokuqala.
“Yize abanye bekubona njengento encane lokhu okwenziwe uMpanza kodwa kuthina kuyinto enkulu kakhulu. Siyajabula kakhulu, siyafisa uNkulunkulu lapho athathe khona amandisele. Nabanye osomabhizinisi bendawo ngiyafisa befane naye uMpanza, bengakhohlwa ilapho abaqhamuka khona” kubeka uPhindile.