Sebelala emaphaseji emanyuvesi ngenkinga yemali nezindawo


Njengoba elaboHlanga lashicilela embikweni wayo wangoMasingana ngomsindo onyonyobela izikhungo zemfundo ephakeme kuleli sekuya ngawo amagama enkehli.
ElaboHlanga laba iphephandaba lokuqala nonyaka ukuveza okungahle kwenzeke kulezi zikhungo emuva kokucubungula nokulandela kabanzi okuvame ukwenzeka ngalesi sikhathi sonyaka ezikhungweni ngenxa National Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Sekuphele isonto abafundi baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal eThekwini, iNyuvesi yaseFree State, iTshwane University of Technology (TUT) bengalubhadi emakilasini ngenxa yokweswelakala kwezindawo zokuhlali nokungacaci ngokukhokhelwa kwabo isikhwama iNSFAS.
Kuqala unyaka nje isikweletu sabafundi ezikhungweni zemfundo ephekeme sili-R16.5 wezigidigidi. Abafundi bathi bebelindele nokuthi isabelomali sikaNgqongaoshe u-Enock Godongwana ngoLwesithathu sizoketha izimpendulo osizini lwabo kodwa sangakhuluma lutho oluzoba yizixazululo enkingeni yabo.
Abafundi bathi bazoqhinqa kuze kube udaba lwabo luyalungiswa. Emasontweni edlule uNgqongqoshe uNzimande wamemezela ukuthi bonke abafundi abahlonzwe njengabazothola uxhaso lakwaNsfas bazovunyelwa ukuba babhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme ngaphandle kokuphoqwa ukuba bakhokhe imali yokubhalisa.
Waveza ukuthi uhulumeni umatasa uphothula uhlelo oluzohlanganisa bonke abafundi ngoxhaso lapho bezobheka ukuthi umfundi ngamunye uludinga kanjani usizo nokuthi izifundo uziqhuba kusiphi isigaba sezikhungo.
Ube esexwayisa labo bafundi abathola uxhaso ngokungemthetho ukuthi bazobathathela izinyathelo zomthetho nokungasho ukubavulela amacala obugebengu.
Umfundi wonyaka wesithathu ezifundeweni zobuNjiniyela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uNoloyiso Zimasa ophuma eMbizana uthe ngonyaka odlule waluthola uxhaso wakwazi ukukhokhela izifundo nendawo yokuhlala, kepha kulokhu kucwebe iziziba.
Uphiko Olumele Abafundi iStudent Representative Council luthe kusenenqwaba yabafundi abasalinde ukukhokhelwa iNSFAS. Abangazi ukuthi bazophuma babhekephi.
Abafundi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal bavuke umbhejazane bagasela emagumbini okufunda baphazamisa lonke uhlelo lokufunda. Okhulumela lesi sikhungo uNks uNormah Zondo ucashunwe ezinhlelweni zezindabs ethi kunemithonseyans yabafundi ezimisele ngokudala uthuthuva nokuphazamisa abanye abafundi nothisha ekuqhubdkeni nomsebenzi wabo.
Nakuba ethe ukufunda kuqhubeka njengokujwayelekile kodwa elaboHlanga selingakudalula ukuthi kulokho ubesenga ezimithiyo ngoba izolo kwamanye amagumbi okufundela itshe belome inhlaba kushaywa itoyitoyi. Ophikweni lwale nyuvesi e-Edgewood nakhona abafundi bathi kungase kungaqalwa ukufunda ngoMsombuluko uma ingalungiswa ekaNsfas.
UMduduzi Makhanya owayefunda eSibusisiwe High School, eMbumbulu waphumelela umatikuletsheni ngowe-2019 uphakathi kwezinkulungwane zabafundi ezingakwazanga ukuqhubeka nezifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme ngenxa yokwentula uxhaso.
Iphupho lakhe lokuba ngummeli lashabalala. Le nsizwa yaseMadundube izithole isibamba amatoho eSiphingo angayikhokheli kancane, kodwa okuyisizayo ukuba ikwazi ukuqhubeka nempilo.
“Izethembiso ezenziwa uNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme Nobuchwepheshe uDkt uNzimande njalo uma kuqala unyaka mayelana nokubhekelelwa kwabafundi zigcina zingafezekanga ngendlela. Laphaya emanyuvesi bafike bakutshele okunye, uma usuthi uyobhalisa uzolinda uxhaso. Sitshelwa ukuthi uMkhandlu wenyuvesi unendlela ethile oyilandelayo ngokwamukelwa kwabafundi ngoba kubalekelwa ukuthi kwande kakhulu isibalo sabafundi abagcina bengakhokhile,” kuzikhalela uMakhanya.
USthembiso Mkhize waseShowe obefunda eMgababa ophase umatikuletsheni ngowezi-2020 utshele elaboHlanga ukuthi angeke kwamthusa uma zizothi zisuka nje kuvumvuke iziteleka ngoba baningi abafundi abazimisele ngokuqhuba izifundo zabo kwazise namatoho ayagqoza ngaphandle. Eqhuba uthe wayesekwenze konke okwakudingeka mayelana nesicelo sakhe esethenjisiwe ukuthi uzoluthola uxhaso kwaphetha ngokuba nhlanga zimuka nomoya.
“Abazali nomphakathi uyasijabulela uma siphumelele ebangeni leshumi kepha kithina sisuke sazi ukuthi yilapho kuqala khona indlela enzima yokuthola uxhaso. Njalo ngonyaka kuba nesibalo esithile sabafundi abayokwengeza kulaba abasuke behleli emakhaya ngenxa yokungalutholi uxhaso, kugcine sekuhlomula iningi lezingane eziphuma emizini engcono.”
Kubafundi abangama-922, 034 abebebebhalisele umatikuletsheni ngonyaka odlule, bangama 278, 815 abathole imiphumela ebagunyaza ukuqhuba izifundo zabo emanyuvesi, abangama-197,357 baphase ngama-Diploma.