Now Reading
Isiqephu Sesihlanu: Ukuhluka kwesidalwa esingumuntu
Dark Light

Isiqephu Sesihlanu: Ukuhluka kwesidalwa esingumuntu

Incwadi yokuqala kaMose ibizwa ngoGenesise. KuGenesise uMdali uyadala, “Ekuqaleni uMveliqali wadala izulu nomhlaba.” UMdali onamandla uvele athi “Makube njalo,” bese kuba njalo.

UMose ukhuluma ngani lapha? Ukhuluma nabantu abathile mayelana nomsuka wendalo, babengekho ekuqaleni. Ngakho ubapha ukuqonda ngesiqalo. Kungani na? Uzama ukubafundisa ngolwazi lwabo, ukuthi Adamu unesiqalo; kanti isiqalo sakho sinesisekelo esifanayo nesiqalo somhlaba nezulu nakho konke okukulo, kwaqala kungelutho. Adamu, nawe wawungelutho. Umhlaba wawulihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa; kanti nawe ngokunjalo Adamu wawungelutho. Kodwa nanjengoba uMveliqali wathi “Makube-khona ukukhanya,” wase eletha ukukhanya ngokususela ebumnyameni. Adamu, nawe ngizokuletha ngendlela efanayo.

Isithunywa uElijah, wabikela umhlaba wonke uzwa, ukuthi izinhlanga zebala elimpofu yizinhlanga zamahlumela. Kunjalo. Abaningi bethu bamangalela isithunywa ngokufundisa ubandlululo nokwecwasa, ngenxa yokuzwela kwethu ngenkathi sizwa elithi “izinhlanga zebala elimpofu yizo izinhlanga zamahlumela.” Abantu kumele bakwazi lokhu; phezu kwalokho, abantu kumele bakuqonde lokhu, izinhlanga zebala elimpofu kumele zikuqonde lokhu, abantu boHlanga kumele bakuqonde lokhu, namaKhrestu kumele akuqonde lokhu. Lokhu akuhlangani nenzondo. Leli yisu necebo laMveliqali; ngizokwenza umuntu oyihlumela, ngizokwenza umuntu, kodwa lo muntu uzoba wuhlobbo lomuntu owahlukile.

“Masenze ubantu ngomfanekiso wethu;” iKhur’aani lona lithi “Futhi nembala Simenzile umuntu futhi siyazi ukuthi ingqondo yakhe imcebisani.” Ngakho u”Masenze” webhayibheli kanye no”Simenzile” we Khur’aani umzamo wamabizoqoqa. Lona umzamo wamabizoqoqa. AmaKhrestu athi lona uNkulunkulu uYise, uNkulunkulu iNdodana, noNkulunkulu uMoya Ongcwele; besho bekhuluma ngokwenziwa komuntu. Yisihumusho senu maKhristu leso, thina siza nesihle kakhulu nesoqobo esivela eMlomeni Ongathethi Manga. Yizwani kahle.

Umhlaba bese kade uqhubekela phambili, kanti (futhi) sekuyisikhathi sokufika komuntu ozoba umphathi, kodwa lomphathi uzoba isigangi nomchithi wegazi. Ngenxa yokuthi umuntu woHlanga kwakungesiyena umuntu uMveliqali ayefuna ukuba enze lokhu, kwaba nesidingo sokuba enze umuntu. Umuntu owenziwe akafani nomuntu odaliwe; umuntu owenziwe ususelwa kulokho okudalwe uMveliqali. Siyezwana.

Isithunywa uElijah sithi, “uma izinhlanga zebala elimpofu bekuyizo izinhlanga zokuqala ehlabathini, ngabe zange sazalwa thina boHlanga. Ngoba ukube kunjalo, ngabe lokhu kuphikisana nemithetho yezibalo, eyesigubo (genetics), kanye neyezempilo (biology), ukuthi abantu ababili bohlanga olumpofu benze umuntu ongaphandle kwabo.

Manje khumbula ukuthi ibhayibheli lifundisa ukuthi “wazenza izizwe zonke ngegazi linye” (Izenzo 16:26). Igazi ngamanzi empilo yezinto eziphilayo. Ngakho uma abantu bonke begazi linye, kusho ukuthi akukho spoki saba ubaba womuntu, kumele kube umuntu oba ubaba womuntu ophilayo. Akunjalo? Ngilandele. Uma ngabe kasizalwanga ukube izinhlanga zontabakayikhonjwa zafika kuqala. Ngakho, uma bengenawo amandla esigubo sokwenza thina bantu boHlanga; umubuzo oqhamukayo uthi ‘ingabe umuntu woHlanga uyakwazi yini ukwenza umuntu?’ Kanti uma ngabe umuntu woHlanga ekwazi ukwenza umuntu, lowo muntu kumele abe yisithombe nomfanekiso wethu ngoba kwakungekho muntu ngaphambi komuntu woHlanga.

Uma bebheka indabuko yabantu kabayi kwelasentshonalanga. Uma befuna isiqalo somuntu bavakashela eAfrika. Akunjalo? Ngabe lokhu kusitshelani na? Lokhu kusibikela ukuthi isiqalo somuntu kasikho emazweni ontabakayikhonjwa, kodwa uma befuna Omdala Wezinsuku baqonda eAfrika.

See Also

UDkt L.S.B. Leakey (1903 – 1973), kanye no Dkt Gregor Mendel (1822 – 1884); bathole ukuthi “isikhumba esimhlophe singaphansi (recessive),” okusho ukuthi sibuthakathaka; “isikhumba esizothile singaphezulu (dominant),” okusho ukuthi sinamandla. Wathi “ungathola isikhumba esimhlophe ngaphansi kwesizothile, kodwa ngeke wathola isikhumba esizothile ngaphansi kwesimhlophe.” Okusho ukuthi, uMendel emthethweni wakhe, ufumanise ukuthi umuntu woHlanga ukhokho wayona yonke impilo.

Ngakho uLeakey (anthropologist), waya ehamba ethungatha isiqalo somuntu, wagcina efinyelele eEast Afrika; wathola amathambo omuntu ametha ngelithi ‘Zinjanthropus’ (7 July 1959). Igama elithi ‘Zonjanthropus’ lisho ukuthi ‘umuntu omnyama.’ Kanti lowo muntu wayenabazali, ngakho waqhubekela phambili nokugumba amathambo wahlehla waye wayofinyelela emnyakeni eyizigidi ezine eyedlule. Kanti lapho akatholi amathambo ontabakayikhonjwa, uthola umuntu woHlanga. Ngakho uma ethola umuntu woHlanga, zivela nini izinhlanga zebala elimpofu? Ukuphi umsuka wezinhlanga? Ngoba umuntu woHlanga yisiqalo nesiphetho sakho konke.

Akusilo ubandlululo lolu. Akusikho ukuphakamisa umuntu woHlanga nje. Lokhu kuliqiniso elingasoze laphikiswa.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top